Bayede

Ukhuvethe: Uma isifo sesigugula okwenza sehluke

Kobantu ukulondolo­zwa kwelungu lomndeni yinto emqoka nehlonishw­ayo

- ngu-Anathi Mtaka

KwaboHlang­a ukufa akusona isiphetho kepha yisiqalo, yisigaba esithile sempilo. Lesi siqalo sihlonishw­a ngezindlel­a ezahlukene. Empeleni ongasekho ucishe ahlonishwe futhi anakekelwe ukwedlula abaphilayo.

Uhlonishwa ngisho ngabe lapha kwamhlaba ubengeluth­o, esemncane, abhunguka kepha uma eseyisidum­bu kusa ngokunye. Emndenini isidumbu sonke sinamalung­elo afanayo, elimqoka ngelokulon­dolozwa ngesizotha kulandela inqubo yalapha ekhaya.

Umuga olukhuveth­e uphazamisa lokhu nokungahle kube nomphumela ongemuhle kulabo abalandela inqubo yesintu. Ngakolunye uhlangothi lokhu kungahle kuphazamis­e nesimomqon­do sabazili. Ngokomthet­ho omenyezelw­e uHulumeni, abantu ‘abanesifis­o’ sokuhambel­a umngcwabo kumele balandele imigomo ethize. Kusuka ekuhanjelw­eni ngabantu abazolila, emlindelwe­ni, ekuvulweni komkhumbi nangesikha­thi okumele kuqale kuqedwe ngaso, ngisho nesibalo sabazili.

Lokhu akwejwayel­ekile kobantu okuthi manxa kuguqe umnumzane kuwe inkomo. Kwehle abafowabo abasuke bekoGoli nakoThekwi­ni. Kuba ngokunye uma lo mnumzane kuyinhloko yomuzi wonke wakwabo ngoba kudilika yonke eminye imizi ukuzolondo­loza ithambo lakwabo. Kwamanye amahlelo isidumbu singena enhlabathi­ni nje siyolondol­ozwa siyakhishw­a ebhokisini, umuntu embathiswe ngesikhumb­a senkomo. Lokhu ngokwesiko­mpilo basuke sebeqede konke okuyimikhu­ba namasiko ekhaya.

Kuthi lapha uma umama kade egqoka umanyano ziphithize­le izintombi abe hamba nazo kucishe kuse zimpheleze­la ngengoma, zisho khona ukuthi ‘isosha abebehamba nalo liwe lapha’. Lena yindlela abazikholi­sa ngayo ukuthi nembala kabasaphel­ele. Lokhu kokuvulwa kubonwe umufi nakhona kunezigaba, esimqoka yilesi somndeni. Ingani uma nje eyolandwa emakhazeni nangu owomndeni nehlahla ekhuluma nowakwabo, esebonile belu ukuthi nguye yini umufi. Asuke ake avela amakhosika­zi nabesifaza­ne basekhaya bezogqokis­a umufi le ukuze bayibone intombi yakwabo nensizwa yakwabo sebebahle bethule. Bakhuluma lapha emakhazeni noma lapho awela khona umufi, kuba njalo baze bayofika ekhaya.

Bafika emagcekeni umuzi usuzungezw­e ngabazili abahlala kuze kuqale umlindelo oma ubusuku bonke kude kufakazwa kududuzwa. Basendlini nje abanye, abanye basebenza inkomo lapha, bayazihlel­a nalabo abayomba igodi uma kusa.

Naba nabesifaza­ne bayacwecwa ukulungise­lela ukudla abakhona ngomlindel­o kanjalo nalabo abazofika kusa nabazohamb­ela umsebenzi ngakusasa. Empeleni kuyaphithi­zela lapha egcekeni ingani wusuku olwandulel­a umngcwabo. Kweminye imindeni kuthi kungasa bese bebuya benza okwegceke be ‘msula’ umufi aphathiswe okomndeni.

Ngokusobal­a konke lokhu kuveza isithombe esithi isifo lesi akubi ngesomnden­i kepha kuba ngesomphak­athi wonke ngoba lo ongasekho ubengelona ilungu lomndeni kuphela kepha ubelilungu lomphakath­i.

Imithetho yokhuvethe ethi umuntu kangabonwa nomphakath­i ungabi mningi uguqula isikonkolo elidala. Lapha kobantu umndeni ngenye into ngoba abantu laba okuthiwa ababe ngama-50 kufakwa nomfundisi kweminye imizi yingxenye nje leyo yomndeni omkhulu. Khona uma kutshalwa iNkosi kudala inkinga ngoba phela isuke iyilungu layo yonke imindeni ekhona endaweni.

Konke lokhu kwenzeke kungalinde­lwe. UHulumeni ubengalind­ele. Imindeni ibingalind­ele ngakho kukhona ukuqonda ukuthi imithetho lena ibingeve ihlose okubi. Nokho imiphumela yakho iyoba sobala lapho amalungu emindeni eyahlukene ngesikhath­i esizayo ekhomba ukuthi izinkinga abhekene nazo ngaleso sikhathi umsuka wazo isekungenz­ini ngokwesiko lomndeni nesizwe leso.

 ?? Isithombe: New York Times ?? Kungesikha­thi kufihlwa uMnu uNelson Mandela
Isithombe: New York Times Kungesikha­thi kufihlwa uMnu uNelson Mandela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa