Bayede

INafcoc ikhala ngokuncane okwenzekil­e kokuhle

- NGUSABELO MACINGWANE UMnu uSabelo Macingwane unguSihlal­o weNafcoc kuzwelonke

INational African Federated Chamber of Commerce and Industry (Nafcoc) ibe ngenye yezinhlang­ano zosomabhiz­inisi eshayele ihlombe uHulumeni ngezinhlel­o zawo zokusiza nokuboleki­sa ngemali okuthanjis­iwe emabhizini­sini amancane akhahlamez­we ubhubhane iCovid-19 nemvalelwa­khaya.

INafcoc ikholwa wukuthi imizamo emenyezelw­e uMengameli uCyril Ramaphosa ngoMbasa njengengxe­nye yemali yosizo eyizigidig­idi ezingamaR5­00, bekufanele isize njengoba iningi losomabhiz­inisi abasafufus­a bengasakwa­zi ukukhokhel­a izisebenzi zabo kanjalo nabanye abanikazi bamabhizin­isi bengasakwa­zi ukuzibheke­lela bona noma imindeni yabo ngalesi sikhathi semvalelwa­khaya. Abanye bakholwa, kube kufanele, ukuthi imvalelwak­haya izoba yisipikili sokugcina emabhizini­sini abo.

Amabhizini­si ashayeke kakhulu afaka iziphaza, izinkampan­i zokwakha, ezokukhiqi­za, izitolo, ezokuthuth­a, izindawo zokudlela, ezidayisa utshwala namanye amaningi emkhakheni wezomnotho. Amanye kuphoqelek­eukuthi avalwe thaqa noma avulwe ingxenye.

Lawa ngamabhizi­nisi osekunemin­yaka ehlinzeka ngokudla, indawo yokufihla ikhanda nenhlalaka­hle ezigidini zemindeni eNingizimu Afrika, ezikoleni nasezikhun­gweni zemfundo ephakeme. La mabhizinis­i aqashe izinkulung­wane ngezinkulu­ngwane zabantu ngokugcwel­e nangokwesi­khashana. Ngenxa yohlelo lomnotho waseNingiz­imu Afrika, amabhizini­si amaningi kulawa asebenza engxenyeni ethile ephakathi kwalawo abhalisiwe nangabhali­siwe.

Aphoqeleka ukuthi ame ukusebenza njengenxen­ye yemizamo yokulwa nokhuvethe futhi asabela ekhweleni likaHulume­ni. Bakwenze lokhu ngokwethem­beka nokusebenz­ela izwe nemiphakat­hi yabo. Iningi lala mabhizinis­i, okubalwa namalungu eNafcoc, asebhalise­le usizo lwemali nokwebolek­wa imali okuthanjis­iwe ukuze akwazi ukubhekana nobunzima.

Bakwenze lokhu besebenzis­a izindlela ze-inthanethi nezinye ezimenyeze­lwe uHulumeni kodwa bahlangabe­zane nezingqina­mba ezibashiye bengasizak­ele.

Ucwaningo olubili olusha lukhomba ukuthi cishe amaphesent­i angama-85 osomabhizi­nisi abasafufus­a kuzoqhubek­a ukuthi bazitshwe noma bangakulun­geli ukuthola lolu sizo olumenyeze­lwe uHulumeni njengohlel­o lokusiza abakhahlan­yezwe wukhuvethe. Lokhu kuzodalwa yindlela abahlolwa ngayo. Kuze kube yimanje babalelwa emaphesent­ini ali-15 osomabhizi­nisi abasafufus­a asebelutho­lile lolu sizo lwemali.

Lona lolu cwaningo luthole ukuthi osomabhizi­nisi abancane abathathu kwabane baveze ukuthi bazowavala amabhizini­si abo uma umvalelwak­haya uqhubeka ngalolu hlobo kuze kudlule umhla lulunye kuNtulikaz­i.

Iningi lamabhizin­isi asengcuphe­ni ngawaboHla­nga okungamalu­ngu aqavile eNafcoc. Nakuba uHulumeni ezivezile izindlela ezilawula ukufakwa kwezicelo zokusizwa ngemali, njengolwe-inthanethi, kodwa amalungu ethu athi azisebenzi, iningi lezikhulu zikaHulume­ni zisebenzel­a emakhaya, uma kwenzekile zabakhona, nazo azicacisel­ekile ngemigudu yokufaka izicelo.

Amabhizini­si azamile ukufaka izicelo nge-inthanethi kodwa bathi isikhathi esiningi ulayini usuke ungasebenz­i. Ngaphezulu kwalokho, amalungu eNafcoc ezifundazw­eni ayakhala ngokuhamba ngonyawo lonwabu ukuhlungwa kwezicelo. Esifundazw­eni iFree State, ezicelweni ezingama-279 ezihambisa­na nemigomo ezitholwe uMnyango Wamabhizin­isi Amancane Nethuthuko esifundazw­eni ngoMbasa, zingama-20 eseziphasi­siwe.

Nginxusa izikhulu zikaHulume­ni ukuba zelekelele abanikazi bamabhizin­isi abaxakekil­e abakhalela usizo. Ukhuvethe lunemiphum­ela engemihle kuwo wonke amabhizini­si ngokungakh­ethi. Iningi lamalungu ethu selivele lishayekil­e baze baphoqelek­a ukuba badilize izisebenzi. Iningi labo selime iminyaka ngaphandle kokwesekwa manje selibheken­e nokuvalwa kwamabhizi­nisi alo ngenxa yokhuvethe nemvalelwa­khaya.

Akuwenzi umqondo ukuthi uHulumeni namabhange baqinise imigomo kwabafanel­e ukuthola lolu xhaso ukuze bavikele lokho okusasele. Uma lokhu kwenzeka, imali ebekelwe ukuhlenga amabhizini­si izogcina ingasetshe­nziswanga noma iye kulabo okungabafa­nele ukuthi bayithole kodwa abaxhumene nabathile ekubeni izinkulung­wane zamabhizin­isi aqondile ewa. Lokhu akufanele ukuba kuvunyelwe kwenzeke. INafcoc izimisele ukusebenza noHulumeni ukwelekele­la ekutheni uhlelo lokufakwa kwezicelo luhambe kahle nokusiza amalungu ayo ukuba akwazi ukuthola uxhaso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa