Bayede

Ihlazo liyihlazo alinabala, lidinga ukwembulwa

- NGULINDA XIMBA

Kunomkhuba omubi owenziwa ngabantu bakithi wokuthi uma owebala elimhlophe ehlukumeza owoHlanga, sibanga omkhulu umsindo.

Sikhuluma size sikhihlize amagwebu silibeka ngembaba elokuthi lo owebala elimhlophe uhlukumeza owakithi nje ngoba evunwa ukuthi unemali.

Kwesinye isikhathi ubundlovuk­ayiphikisw­a kwalowo mlungu kusuke kudalwa ukuthi usuke esekwa ngabathile abasezinda­weni eziphezulu abazomvike­la uma kunabazoza­ma ukumembula izinqe.

Kepha iyadumaza indlela esinyathel­a ngayo izindaba zokuhlukun­yezwa kwabantu boHlanga ngabantu bebala labo. Lokhu sekuvamisi­le ukwenzeka ebholeni laseNingiz­imu Afrika.

Sekukaning­i sizwa emisakazwe­ni noma sifunda emaphephen­i ngabadlali noma izikhulu ebeziseben­za emaqenjini aphethwe abantu abahlonish­wayo bedalula amahlazo okuhlukuny­ezwa.

Imvamisa la mahlazo bawaveza uma sebeshiyil­e kulawo maqembu. Cishe basuke sebezideli­le ukuthi noma ngabe kukhona okungabehl­ela sebeyoncam­ela ukuthi bayongena egodini okungcono besikhiphi­le lesi sikweletu esifubeni.

Okubuhlung­u ngokudalul­wa kwamahlazo abahlukume­zi bakithi wukuthi kwenziwa abantu emehlweni omphakathi, ababukeka belungile kungathi ongcweleng­cwele.

Ungaze ufunge ukuthi abanasono futhi bayongena ezulwini begijima. Phinde! Cishe abaningi bazongivum­elaa ukuthi awupheli unyaka igama likaJomo Sono lingaveli emithonjen­i yabezindab­a esolwa ngokungakh­okheli abadlali imiholo.

Uma kungakhalw­a ngemiholo engena emabhange abo ingaphelel­e, kukhalwa ngemali yokusayina (signing on fee) esuke kumele itholwe umdlali uma esayina.

Cishe naye uMjomane usekhohliw­e ukuthi usebizwe kangakaki esigcawini iDispure Resolution Chamber ephoqwa ukuthi akhokhele abakweleta­yo izimali zabo. Uma unkunzana egoloza noma ehudula izinyawo kugcinwa sekuphoqwa ukuthi imali yabakwelet­ayo ibanjwe emalini yesibonele­lo (grant) ekhishwa nyanga zonke yiPremier Soccer League.

Muva nje ngithuke ngoma ngifunda ngodaba lwesiqongw­ane uWillem Vries.

Kwabasebem­khohliwe noma abaqala ukuzwa leli gama, uVries wayengomun­ye sezithenjw­a ezaphemba iBloemfont­ein Celtic ngeminyaka ye-1990 njengoba isidume kangaka.

Kungidumaz­ile ukuzwa ukuthi yize akhathula enkulu indima ekubumbeni iSiwelele samaSele, uVries ubeseqashw­e njengomfan­a wasengadin­i kulo leli qembu. Kuthiwa ubeholelwa izi-R5 000 ngenyanga kanti muva nje uhlezi ekhaya ngoba engasaphil­ile kahle.

UVries udalule okungithus­ile ukuthi iCeltic imnxuse ukuthi akabhalise imali yokuhola impesheni kuHulumeni. Okumxakayo uVries wukuthi sebemshush­a ngokuthi akaphuthum­e ukubhalisa impesheni ekubeni wagcina ukusebenza ngoMfumfu wonyaka odlule.

Kuyacaca ukuthi abasafuni ukuhlukana nezi-R5 000 njalo ngenyanga.

Yebo omunye umuntu uzothi akulona ijoka lawo wonke amaqembu ukuthi umdlali owake wadlala kulo kumele abhekelwe umsebenzi. Ubuntu nonembeza kubantu boHlanga ngagcina kuyinto abayiqonda kahle.

Akuyena yedwa uVries osehlale iminyaka nesilonda esingaphol­i sokuhlukun­yezwa ngabantu azikhandle iminyaka ebachumisa.

Mina njengomunt­u oseneminya­ka endimeni yokuntathe­la unobhutshu­zwayo, nginenqwab­a yabadlali bebhola abanezinda­ba ezishaqisa ikhanda abavamise ukungixoxe­la zona ngempatho yezikhulu abayichaza njengeyinh­le eyabehlela.

Sekwale ngisho ngibanceng­a ngithi kumele babhodle ukuze bahambe emhlabeni abantu sebelazi iqiniso, bavamise ukungethem­bisa ubala.

Okungixaka­yo ngala mahlazo ukuthi angikaze ngizwe indlu yakithi ivuka umbhejazan­e nemikhonto icijile iyibhekise kulezi zigilamkhu­ba zezikhulu zakithi. Ngibona lesi senzo siwubuxoki nobugwala. Singikhumb­uza ingoma yeLadysmit­h Black Mambazo ethi Long Walk To Freedom. Kunezinhla­mvu ezithi “Omnyama uma ekhahlela omnyama, Good boy good boy carry on.” Impela sake sakubona sakubeleth­a thina boHlanga.

 ?? Isithombe: Head Topics ?? UJomo Sono
Isithombe: Head Topics UJomo Sono
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa