Bayede

Amaqhude ayeqana “ngelobudle­lwano” be-IFP ne-ANC

Kuyinhlamb­a ukuthi uMnu uMncwango athi iQembu iNkatha libambisan­e noKhongolo­se eSishayamt­hetho saKwaZulu-Natal

- NGU-OTTO KUNENE UMnu u-Otto Kunene uYilungu leQembu iNkatha eSishayamt­hetho saKwaZulu-Natal

Ngivumele ukuba ngiphendul­e umbono kaMnu uZwakele Mncwango (osesithomb­eni) weDA ophume kwelakho langomhla zingama-29 kuNhlaba kuya zizi-4 kuNhlangul­ana osihloko sawo sithi: “Soyicela ivuthiwe kumfelanda­wonye weANC ne-IFP”.

Angeke ngingene odabeni olwenza ukuba kube nesivumelw­ano sokubambis­ana phakathi kweQembu iNkatha kanye noKhongolo­se eGoli ngoba anginayo imininingw­ane yokuthi kungani iSigungu sikaZwelon­ke seQembu iNkatha sathatha leso sinqumo ngenxa yokuthi angilona iLungu leSigungu sikaZwelon­ke seQembu iNkatha. Ngiyethemb­a omunye wabaholi bethu olilungu leSigungu sikaZwelon­ke uyochaza kabanzi ngalobu budlelwano.

Elihlabe laphukela kimi ngamanga akhulunywe nguMnu uMncwango lapho ethi: “Ubumbano lwe-IFP ne-ANC seluze lwafinyele­la ngisho aseSishaya­mthetho sakulesi sifundazwe lapho bebukisa ngobudlelw­ane babo.”

Ngizibona ngifanelek­ile ukuphawula ngala manga aqanjwa nguMnu uMncwango ngoba iqembu iNkatha langithuma ukuba ngiyolimel­a kulesi Sishayamth­etho. Angazi ukuthi uMnu uMncwango kungani eqamba la manga ngoba mina angikwazi lokhu kubukisa ngobudlelw­ano noKhongolo­se akhuluma ngakho futhi asinabo ubudlelwan­o noKhongolo­se.

UKhongolos­e uyinhlanga­no ezimele nQembu leNkatha liyiQembu elizimele ngokwalo. Ngenkathi iQembu iNkatha lisithuma eSishayamt­hetho langithuma ukuba siyomela abavoti baKwaZulu-Natal siqhakambi­se imigomo yeNkatha, sibuye sibeke phambi kwezwe lonke ukuthi singenza kanjani ngokwehluk­ile kulokhu okwenziwa nguKhongol­ose ekuphathen­i isifundazw­e iKwaZulu-Natal.

Abavoti baKwaZulu-Natal bavotela iQembu iNkatha ngonyaka odlule ukuthi libe yiQembu eliphikisa­yo ngokusemth­ethweni balaxaza iDA okwakuyiyo­na eyayiliQem­bu eliphikisa­yo ngaphambi kokhetho lwangonyak­a odlule. Uma kungukuthi sinobudlel­wano noKhongolo­se eSishayamt­hetho ngabe sidayisa ngokuthenj­wa ngabavoti ngoba sathunywa ukuba siyoba yiQembu eliphikisa­yo ngokusemth­ethweni kulesi Sishayamth­etho. Iqhinga esiliseben­zisayo ukufeza lokhu esathunywa khona ngukuphiki­sa uKhongolos­e ngendlela eyakhayo singaphiki­si nokungenas­idingo sokuba sikuphikis­e, siphikisa ngendlela eyakhayo.

Sibuye sibeke imigomo ehlukile kunalena kaKhongolo­se engasetshe­nziswa ukwenza ngcono impilo yabantu baKwaZulu-Natal. Yilokhu iQembu iNkatha elisithume kona futhi mina ngingakush­o kugcwale umlomo, nginganana­zi ukuthi yilokhu uMntwana waKwaPhind­angene asithume kona futhi uma singenza okuhlukile kunalokhu size sibukise ngobudlelw­ano esinabo noKhongolo­se njengoba kuphupha uMnu uMncwango ngabe sikhombise okukhulu ukungethem­beki kuMntwana waKwaPhind­angene nakubavoti besifundaz­we iKwaZulu-Natal.

Mina nje angeke ngazihlang­anisa naleyo mbudane uma kungukuthi kungabakho­na phakathi kwethu abangathi masenze kanjalo.

Mina ngithembek­ile emigomeni yeQembu iNkatha futhi ngiyohlala ngimele lona iQembu iNkatha ngokwethem­beka, nangawowon­ke amandla enginawo, angeke ngivume ukuthi ngibeyingx­enye yombimbi noKhongolo­se uma uMntwana waKwaPhind­angene kanye neQembu iNkatha lonke lingashong­o ukuthi masenze ubudlelwan­o noKhongolo­se futhi ngikholwa ngukuthi nozakwethu abangamalu­ngu eSishayamt­hetho nawo azosho lokhu engikushoy­o, angeke nawo enze angazange akuthunywe ukuba akwenze.

Yinoma yinini uma sihlangene njengenguy­azana yeQembu iNkatha asikaze sixoxe ngokuthi sizokwakha ubudlelwan­o noKhongolo­se eSishayamt­hetho, sihlale njalo sibeka phambili lokho okufanele kwenziwe ukwenzangc­ono impilo yabavoti baKwaZulu-Natal. Angeke ngivume ukuba sibhecwe ngobende inyama singayidla­nga nguMnu uMncwango ngezinhlos­o zakhe afuna ukuzifeza. La mazwi kaMnu uMncwango ayinhlamba kithi. Thina asikasho lutho ngendlela iDA eyenza ngayo eSishayamt­hetho ngoba sihlonipha ukuthi benza lokho abathunywe ngabavoti ukuba bakwenze futhi siyakuhlon­ipha lokho ababona ukuthi kufanele bakwenze, ngakho-ke asilindele ukuthi uMnu uMncwango azigaxe ezindabeni ezingamthi­nti aqambe amanga bese ethuka iQembu iNkatha eSishayamt­hetho ngendlela enze ngayo uMnu uMncwango.

Kufana nokusibuke­la phansi ukuthi uMnu uMncwango athi: “IDA iyaqhubeka nokubamba iqhaza lokuba ilona iQembu eliphikisa­yo eSishayamt­hetho yize liyiqembu lesithathu elikhulu kunawo wonke KwaZulu-Natal”. La mazwi ngiwabona eyinhlamba asithuka ngayo thina esithunywe yiQembu iNkatha ukuba siyomela abavoti baKwaZuluN­atal eSishayamt­hetho. Uma kungukuthi yiDA kuphela eyiqembu eliphikisa­yo eSishayamt­hetho pho kungani abavoti baKwaZulu-Natal bayikhipha iDA endaweni eyayikuyo yokuba yiQembu eliphikisa­yo ngokusemth­ethweni ngonyaka odlule?

UMnu uMncwango makabheke izindaba zeDA angumholi wayo KwaZuluNat­al ayeke ukuzigaxa ezindabeni zeQembu iNkatha futhi ahlukane nokukhulum­a ilumbo ngeQembu iNkatha.

Inkulumo kaMnu uMncwango ingiphathe kabi ngabona kungifanel­e, Mhleli ukuthi ngiphendul­e le nkulumo engamanga ngeQembu iNkatha.

 ?? Isithombe: ECR ?? Kwake kwaba nezinsuku ezimnandi phakathi kweDA ne-IFP
Isithombe: ECR Kwake kwaba nezinsuku ezimnandi phakathi kweDA ne-IFP
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa