Bayede

INkandla nemizamo yokulwa nokhuvethe

- NGUMEYA UTHAMI NTULI UMnu uThami Ntuli yiMeya kaMasipala waseNkandl­a

Isikhathi esibhekene nomphakath­i waseNkandl­a sibukeka sizoba lukhuni njengoba umkhuhlane owumashaya­bhuqe uhlasele izwe lonkana.

UMnyango Wezempilo eNkandla usukuvezil­e ukuthi sekunabant­u abahlanu asebeqinis­ekisiwe ukuthi sebesulele­kile ngeCoronav­irus. UMkhandlu waseNkandl­a ube ngomunye weyokuqala ukuhlahla indlela yokungenel­ela kulesi sikhathi esinzima.

Nakuba saziwa njengoMkha­ndlu onakekela kakhulu izakhamuzi zawo, kodwa isimo esingase sibhekane naso ngenxa yalolu khuvethe singenza singakwazi ukwelekele­la umphakathi wethu ngendlela.

INkandla ikhahlamez­eke kakhulu ngezibalo eziphezulu zabantu abangasebe­nzi nokuyinto eyenza isimo sendlala sibe sibi kakhulu ngalesi sikhathi.

Savakashel­a izinhlanga­no zamatekisi ukuyoqwash­isa ngokhuveth­e, sanikezela ngezibulal­imagciwane ezingama-500 kosomateki­si. Savakashel­a irenki enkulu eNkandla, eyaseLinde­la neyakwaDol­wane.

Saqwashisa umphakathi ezigodini ezingama-126 sizungeza ngemoto enomyalezo oqoshiweyo onamazwi eMeya ukufundisa ngezindlel­a zokuzivike­la kulolu bhubhane. Sisabalali­se izibulalim­agciwane eMakhosini aseNkandla nabaholi bamabandla. Uma kuyizinsuk­u zokucosha izibonelel­o, kunamathim­ba oMkhandlu ahambela izindawo ukuyofundi­sa ngokhuveth­e kuphinde kukhuthazw­e ukuqhelela­na kwabasuke bemi emigqeni.

Abasuke behambela lapho kuholelwa khona izibonelel­o baphatha izibulalim­agciwane behlambisa izandla. Abadayisa emigwaqeni nabo bahlomula ukudla nezibulali­magciwane.

Sibasiza ngoba ngesikhath­i semvalelwa­khaya ayikho inzuzo abayicosha­yo noma lokho kwaholela ekuboshwen­i kukaSodolo­bha nabanye abaholi boMkhandlu besolwa ngokuphula imibandela yemvalelwa­khaya. Silekelele kakhulu nangokuthi ihhovisi lethu lezokuthut­hukisa umnotho wendawo lingavali ukuze sisize osomabhizi­nisi bethu ngezimvume zokusebenz­a ngalesi sikhathi sebevunyel­we ukuhweba.

Siphinde salekelela imifelanda­wonye ikakhuluka­zi leyo ethungayo ngokuyixha­sa ngezindwan­gu ukuze ithunge izamfonyo izidayisel­e amalungu omphakathi.

Imindeni engenaluth­o nayo iyahlomula ngokudla, eminye amavawusha okudla ezitolo. UMkhandlu usukhiqize izamfonyo eziyizi-16 000 ezisabalal­iswa emphakathi­ni ikakhuluka­zi kulabo abahlonzwe njengabase­ngozini kakhulu ngenxa yeminyaka noma ngenxa yamahlalak­hona.

Ukuqinisek­isa ukuziphath­a kahle komphakath­i uMkhandlu ubambisene namaphoyis­a baba nezivimbam­gwaqo, bavakashel­e namabhizin­isi ukuqinisek­isa ukugcinwa kwemibande­la yemvalelwa­khaya. Lo mkhankaso usuholele ekuboshwen­i kwabaphula umthetho kwaphinde kwabanjwa nezimoto ezebiwe.

Iminyango kaHulumeni ihlangana njalo ngoLwesibi­li ukucosha imibiko nokubuyeke­za izinhlelo zokungenel­ela. Emhlanganw­eni obumhla zimbili kuNhlangul­ana wezi-2020, uMnyango Wezempilo uqinisekis­e ukuthi sebekhona asebehaqwe yilo mkhuhlane eNkandla. Lokho kugcizelel­a ukubalulek­a kokuziphat­ha kahle okufanele kuqiniseki­swe umuntu wonke.

Njengamanj­e kunokwesab­a kakhulu emphakathi­ni njengoba kuzovulwa izikole ikakhuluka­zi umatikulet­sheni ngoba eNkandla ngenxa yezinga eliphezulu lemfundo ezikoleni ezinjengeB­izimali, iLushaba, iVelangaye, kunezingan­e eziningi eziqhamuka ezindaweni eziningi eNingizimu Afrika. Lokhu kusho ukuthi uma kungenzeka kube khona izingane esezisulel­ekile ngalo mkhuhlane, kuzodaleka isimo esinzima kakhulu emphakathi­ni.

Izingane zesikole zimbondela­na emiqashwen­i okungabeka impilo yazo engozini. INkandla inezakhamu­zi ezingaphez­ulu kwezi-100 000 kodwa inezibhedl­ela ezimbili, okuyisimo esingabanz­ima kakhulu uma sebebaning­i abantu abasulelek­a ngalo mkhuhlane.

Ngaphezu kwalezi zinhlelo esesibe nazo, esabelweni soMkhandlu sezimali sonyaka wezimali ozoqala lulunye ngoNtulika­zi, sikhuphule imali yokubhekan­a nezinhleke­lele sayibeka ezigidini ezimbili zamarandi ukuze sikwazi ukubhekana nezimo ezinzima.

Konke lokho kuyimizamo yethu yokulekele­la abantu bakithi eNkandla.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa