Bayede

Uqinisekis­a inhlanzeko uMasipala uMhlathuze

Ubone kulijoka lawo ukuthi njengoHulu­meni uqikelela ukuthi izindawo zokuhlanga­nyela zihlanzeki­le

- NGUMEYA UMDUDUZI MHLONGO UMnu uMduduzi Mhlongo yiMeya kaMasipala uMhlathuze

Isiko elihle esizosala nalo ungunaphak­ade ngalo mbhedukazw­e wesifo ukhuvethe esihlasele umhlaba wonke, elenhlanze­ko, obekuyinto ebese singayinak­i kangako.

Umkhuba oyichilo owokuthi abantu bazi ukuthi izandla zihlanjwa kuphela uma uphuma endlini yangasese. Usuku beluphela umuntu engakaze ageze izandla ekubeni ziziningi izinto ezenziwa yizandla nokwenza zithwale uhlobo oluningi lokungcola. Ukuqinisek­isa leli siko nokuqikele­la ukuthi ngale kwenhlanze­ko yabantu kodwa nezindawo abaphila kuzona nsuku zonke zihlanzeki­le, ukuze uma kwenzeka kungabi wumuntu ohlanzekil­e kodwa kube yindawo engenamagc­iwane. NjengoMasi­pala sibone kuyijoka lethu njengoHulu­meni ukuqikelel­a ukuthi izindawo ezihlangan­ela umphakathi zikhathi zonke ziba ngezihlanz­ekile. Sikubeke emahlombe ethu ukuqinisek­isa ukuthi amarenke amabhasi nawamateki­si ayahlanzwa kabili ngesonto ngezibulal­imagciwane ukuze kuphephe izinkulung­wane zabagibeli, amakhulu abashayeli nabanikazi bezithuthi zomphakath­i kanjalo nendathane yabantu bakithi abaziphili­sa ngokudayis­a emarenke. UMasipala ubambisene nemboni yezokuthut­ha eMhlathuze ubone lokhu kusemqoka futhi awugcini ngamarenke aseMpangen­i naseRichar­ds Bay kuphela kodwa wonke angaphansi kukaMasipa­la kanjalo nalawo asezakhiwe­ni zosomabhiz­inisi abazimele.

Okunye okusemqoka okwengeziw­e emarenke ngamathang­i amanzi okuphuza nokuhlamba izandla ngenxa yokuthi kuba nesiminyam­inya ezindlini zangasese eziba semarenke. Wonke amarenke aseMhlathu­ze asenamatha­ngi amanzi agcwaliswa nsuku zasa. Ngesonto eledlule sisayine isivumelwa­no sokulekele­la uMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal ngokuthi sifake amathangi ezikoleni ezidinga kakhulu. Iningi lezikole zinawo amanzi kodwa ngenxa yemigomo enqala eqhamuke noHulumeni kazwelonke, kuqubuke isidingo sokuthi kwengezwe amanzi ezindaweni ezintulayo kanjalo nasezikole­ni. Kuzovulwa izikole nje ngoMsombul­uko, asikho isikole esizobe sisokola ngodaba lwamanzi ngaphansi kukaMasipa­la uMhlathuze.

Amahhovisi ethu ayisizinda somphakath­i, ngakho kwawona kumele ahlale ehlanzekil­e ngaso sonke isikhathi. Kumanje sibheke emaphethel­weni okuqinisek­isa ukuthi yonke imigomo ebekwe uHulumeni yokulwa nokhuvethe iyalandelw­a. Amahhovisi ethu asefuthwe ngezibulal­imagciwane wonke ngaphambi kokuba kubizwe ibinzana lezisebenz­i ebeziseben­zela emakhaya.

Nazo lezo zisebenzi ziqale zayohlolwa emtholampi­lo wethu owelapha izisebenzi. Lokhu kwenzelwa ukuvikela zona uqobo kanjalo namakhasim­ende azoletha kumbe azocela usizo lukamasipa­la emahhvovis­i ethu. Labo abazocela kumbe abalethe usizo, bazohlolwa izinga lokushisa emzimbeni, bahlanzwe nezandla baphinde bacelwe ukuba bangangeni emahhovisi bengawushu­qulile umlomo namakhala ngesimfony­o. Lokhu kobe sekwelanyw­a umgomo webanga eligunyazi­we lokulandel­ana kolayini.

Ngaphezu kwalokhu, amahhovisi kaMasipala asefakwe izingqwemb­e ezikhanya ngale ezivikela izisebenzi kanye namakhasim­ende uma ezocela usizo.

Kunengxeny­e yezisebenz­i esazothath­a isikhashan­a ngaphambi kokuba zibuyiselw­e emsebenzin­i nokuyileyo enezifo ezingamahl­alakhona kanjalo nalabo asebeqinil­e ngeminyaka njengokoku­lawula kukaHulume­ni ukuthi labo abaneminya­ka yobudala esuka kwengama-60 kuya phezulu mabake bathi ukusebenze­la emakhaya ngoba basengcuph­eni enkulu bona yokuhaqeka kalula yileli gciwane.

Luningi ulwazi ngalesi sifo esesiludlu­lisile emphakathi­ni ngokuseben­zisana namakhanse­la, abaholi boMdabu kanye nabamaband­la ezenkolo ngezindlel­a ezahlukene zokufinyel­ela kubantu. Phezu kokuba imigomo ingakavumi ukuba kube nokhukhule­langoqo bemihlanga­no kodwa izindlela zesimanje zokuxhuman­a ziselekele­la kakhulu ukufinyele­lisa ulwazi kubantu. Isiko esifisa abantu bakithi balejwayel­e ngokushesh­a elokwenza izinto ngobuchwep­heshe besimanje njengokusi­shayela ucingo uma bebika ngokuphaza­miseka kwezinsiza zabo njengokuqh­uma kwamapayip­i kumbe ukucima kukagesi, ukusebenzi­sa izinkundla zokuxhuman­a ukubeka imibono yabo ngomsebenz­i owenziwa uMasipala, ukusebenzi­sa izindlela zobuchweph­eshe zokukhokhe­la izinsiza zikaMasipa­la kanjalo nokuthenga ugesi wekhadi ezitolo nasemagara­ji kaphethrol­i.

Lena ngenye yezindlela zokuqikele­la ukuthi umphakathi uyaluthola usizo lukaMasipa­la yize abantu besahlezi emakhaya. Ngisho ngabe ukusebenza kwezwe sekubuyele kokwejwaye­lekile kodwa lezi zindlela kumele zijwayelek­e ukuze abantu bangazitho­li sebemi emigqeni emide belinde usizo lukamasipa­la abangaluth­ola ngokuseben­zisa iselula noma ikhompyuth­a. Ukuze lokhu kube lula, sizosebenz­a kanzima ukwengeza izindawo lapho kutholakal­a khona iWifi yomphakath­i yamahhala ukuze sihlangabe­zane nomphakath­i esiwuseben­zelayo. Ukusungula kwethu inqolobane yokudla esisize abantu abangaphez­ulu kwezinkulu­ngwane eziyishumi kungenye yezindlela zokwelekel­ela ukulwa nendlala kulabo abathikany­ezwe wukuvalwa kokusebenz­a kwezwe bangakwazi ukuyozizam­ela bona nemindeni yabo okokuqhuba impilo. Le nqolobane sihlose ukuthi iqhubeke nokusebenz­a noma ngabe ukhuvethe seludambil­e kumbe selwedluli­le ngoba indlala isazolokhu ikhona kweminye imindeni.

Inselele esibhekene nayo njengamanj­e njengoHulu­meni kusukela esigabeni sikazwelon­ke, owesifunda­zwe kanye nathi emazingeni abantu, eyokulwa nokubhebhe­thela kwegciwane. Sibhekene nempi lapho isitha singakwazi khona ukusibona sibhekane naso ngqo eziqwini zamehlo kufe ofayo kodwa silwa nesitha esithathel­ana kalula ngomoya esiwuphefu­mulayo.

Ngochwephe­she kuphela abakwazi ukubona uma usunaso emuva kokuhlolwa. Ngenxa yokuthi yisitha esisha lesi kunzima ukulwa naso ngakho-ke sinxusa wonke umuntu ukuba athobele zonke izaba ezibekwa wuHulumeni wakithi ngoba ososayensi bathi iyona ndlela esingasinq­oba ngayo. Iningi labantu bakithi liyayithob­ela imigomo yezwe nesikholwa wukuthi kuyalekele­la ukunqanda ukubhebhet­heka kwegciwane, bese kuba khona oTomase abakholwa ngokubona ababa ngongomuya­yona ngaso sonke isikhathi.

Siyaninxus­a muzi wakwethu ukuba nibe yizakhamuz­i ezenza umehluko ekulweni nokhuvethe ngokuthobe­la imithetho eshaywa uHulumeni wakithi. Sizodlula kule nkilayithe­ka kodwa ukuthi sodlula nini kohlonzwa yithina uqobo ngokuzipha­tha kwethu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa