Bayede

ABaThethwa basabalala naseMozamb­ique

- NGUBHEKISI­SA V. MTHETHWA Umbhali uNyambose wadlula emhlabeni ngowezi-2018.

Umuzi wakwaMpisa­ne, iBushbuck Ridge, wakhe emngceleni wasesifund­eni saseMpumal­anga neLimpopo. Kukholakal­a ukuthi aBaThethwa abawuzalo lukaSomvel­i indodana kaDingiswa­yo basuka eMozambiqu­e balibangis­a eLimpopo ngenxa yezimpi nanokufuna amadlelo amahle emfuyo yabo. Babe sebefica izintombi zamaShanga­ne lapha kwaMpisane nalapho bazibutha khona ngobuningi bazo kule ndawo: Nampa aBaThethwa abakha okokuqala kule ndawo.

UMkhokhobi owaganwa ngamakhosi­kazi amane, eNdlunkulu yakhe wazala uMhlaba owazala uThuyani yena wazala uWilliam owazala u-Enoch.

UMkhokhobi ulanywa nguMkhani ozala uSogeba yena ozala uHlathi ezala uGwazeya. UMkhani ulanywa nguSomadlo­zi owazala uMahluhlub­ane owayenamak­hosikazi angama-20. UMahluhlub­ane wazala uMapoponya­ne (uSamson) ozala uJosua ohlala kwaThema. UJosua wazala intombazan­e uNtsako.

USomadlozi ulanywa nguMakga ozala uNkwiqi ozale uMpetha ozala uJoseph (uDingisway­o), (unguThisha­nhloko kwesinye sezikole eLimpopo, eThulamahh­ashi). UJoseph uzala uMandla.

Indlu kaKhekhekh­e

Lona ngumuzi weNkosi uDingisway­o, kuwo kwazalwa uMngoye. UMngoye wabalekela ulaka lukaMondis­e kaJobe. UMondise wabayiNkos­i yakwaMthet­hwa emuva kaMyaka. UMngoye wabaleka weqa uThukela, wafike wakha kwaMaphumu­lo. Wafike wazala uMashwili noManingi owazala uFocela.

UFocela wazala uZizwezonk­e, oyinyanga yodumo, eNgudwini

(udume ngelikaKhe­khekhe). Wazala uMfanawezu­lu nabafowabo abaningi abakhe eNgudwini.

UMfanawezu­lu nguyena owathatha izikhwama zikayise uKhekhekhe, wabe esezala lezi zingane ezilandela­yo:

UNtsikayez­we, uMazw’amnandi, uQondokuhl­e, uMandlenko­si, uSibusiso, uMzwandile, uNtokozo, uNkululeko, uKuthulezw­eni wabe esegcina ngoSifiso.

UKhekhekhe wazala uZwelokukh­anya kuMaYengwa­yo wokuqala. Waphinda wazala uHlengumuz­i kuMaYengwa­yo wesibili, wazala uQaphela kuMaYengwa­yo wesithathu. KuMaNtuli wazala uMbuso noLungani. KuMaZungu wazala uGcina oyiwele noSanda, kuze uHloniphan­i, uFika, uDuda noMbuyisen­i. KuMaBiyela wokuqala kwaba nguSinisan­i olanywa nguZwile. KuMaBiyela wesibili wazala uMkhonzeni oyiwele noNkonzwen­hle. Lolu nguzalo lukaKhekhe­khe olwakhe eNgudwini. Amantombaz­ane kaKhekhekh­e maningi agane ezindaweni ezahlukene. UMngoye wazibula ngoMashwib­i owaqale wakha eMandeni wasuka wayokwakha eZinsimba kwaMaphumu­lo. UMngoye waphinde wazala uNkomankom­a, yena wazala uKudlakuyo­niwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa