ABaThethwa basabalala naseMozambique
Umuzi wakwaMpisane, iBushbuck Ridge, wakhe emngceleni wasesifundeni saseMpumalanga neLimpopo. Kukholakala ukuthi aBaThethwa abawuzalo lukaSomveli indodana kaDingiswayo basuka eMozambique balibangisa eLimpopo ngenxa yezimpi nanokufuna amadlelo amahle emfuyo yabo. Babe sebefica izintombi zamaShangane lapha kwaMpisane nalapho bazibutha khona ngobuningi bazo kule ndawo: Nampa aBaThethwa abakha okokuqala kule ndawo.
UMkhokhobi owaganwa ngamakhosikazi amane, eNdlunkulu yakhe wazala uMhlaba owazala uThuyani yena wazala uWilliam owazala u-Enoch.
UMkhokhobi ulanywa nguMkhani ozala uSogeba yena ozala uHlathi ezala uGwazeya. UMkhani ulanywa nguSomadlozi owazala uMahluhlubane owayenamakhosikazi angama-20. UMahluhlubane wazala uMapoponyane (uSamson) ozala uJosua ohlala kwaThema. UJosua wazala intombazane uNtsako.
USomadlozi ulanywa nguMakga ozala uNkwiqi ozale uMpetha ozala uJoseph (uDingiswayo), (unguThishanhloko kwesinye sezikole eLimpopo, eThulamahhashi). UJoseph uzala uMandla.
Indlu kaKhekhekhe
Lona ngumuzi weNkosi uDingiswayo, kuwo kwazalwa uMngoye. UMngoye wabalekela ulaka lukaMondise kaJobe. UMondise wabayiNkosi yakwaMthethwa emuva kaMyaka. UMngoye wabaleka weqa uThukela, wafike wakha kwaMaphumulo. Wafike wazala uMashwili noManingi owazala uFocela.
UFocela wazala uZizwezonke, oyinyanga yodumo, eNgudwini
(udume ngelikaKhekhekhe). Wazala uMfanawezulu nabafowabo abaningi abakhe eNgudwini.
UMfanawezulu nguyena owathatha izikhwama zikayise uKhekhekhe, wabe esezala lezi zingane ezilandelayo:
UNtsikayezwe, uMazw’amnandi, uQondokuhle, uMandlenkosi, uSibusiso, uMzwandile, uNtokozo, uNkululeko, uKuthulezweni wabe esegcina ngoSifiso.
UKhekhekhe wazala uZwelokukhanya kuMaYengwayo wokuqala. Waphinda wazala uHlengumuzi kuMaYengwayo wesibili, wazala uQaphela kuMaYengwayo wesithathu. KuMaNtuli wazala uMbuso noLungani. KuMaZungu wazala uGcina oyiwele noSanda, kuze uHloniphani, uFika, uDuda noMbuyiseni. KuMaBiyela wokuqala kwaba nguSinisani olanywa nguZwile. KuMaBiyela wesibili wazala uMkhonzeni oyiwele noNkonzwenhle. Lolu nguzalo lukaKhekhekhe olwakhe eNgudwini. Amantombazane kaKhekhekhe maningi agane ezindaweni ezahlukene. UMngoye wazibula ngoMashwibi owaqale wakha eMandeni wasuka wayokwakha eZinsimba kwaMaphumulo. UMngoye waphinde wazala uNkomankoma, yena wazala uKudlakuyoniwa.