AmaNgisi aklomelisa uMshinana Khanyile
Omunye umuzi kaMdlaka wakwaLanga wawukwaKhwibi eduze kwakhona eNhlonga lapho sekusesizweni sakwaDlomo manje ngasenkantolo yeNkosi yakhona. Lowo Mdlaka wazala indlalifa yakhe uNdwandwe owasala enkundleni oNdini mhla zingama-21 kuNtulikazi ngowe-1883 uZibhebhu egebenga izikhulu zeSilo uCetshwayo. Yomibili le mizi yayisekhona ngowe-1914.
Enye indawo yesizwe seNkosi uMshinana Khanyile yathathwa yanikezwa isizwe samakholwa aseThalaneni Mission Station esasiholwa nguMoses kaJoe Africander owayengaphansi kukaMfundisi uRoach we-Anglican Church. Kuhambe uMoses Africander watholwa enecala lokuhlukumeza amantombazane eMission yaseThalaneni. Ngakho-ke uMbusi wamaNgisi eNatal uHenry McCallum owayebanjelwe nguHenry Bale yena eseholidini e-England, wakhipha isinqumo mhla ziyisi-7 kuNtulikazi ngowe-1904, esasithi uMoses kaJoe noma uMoses Africander wayehliswa esikhundleni sokuba yiNkosi yamakholwa eThalaneni ngenxa yokwehluleka ukuhola isizwe ngendlela.
Kwakuyigunya likaMbusi wamaNgisi ukuthatha isinqumo esingujuqu mayelana nezindaba zaMakhosi ngoba kwakuthiwa isikhundla sakhe sifanana neseNgonyama yamaZulu. Kodwa-ke yena wayethatha isinqumo esinqala esebonisene noNgqongqoshe Wezindaba Zabantu. Ngakho-ke uMoses Africander wabizwa wafundelwa isinqumo soMbusi sokumdiliza esikhundleni ayesiphethe.
Watshengisa ukunganeliswa kodwa wathi uyavuma ukudilizwa. Okwenza ukuba angeneliswa yisinqumo ukuthi: “udaba lwaxazululwa ngaphandle kokumnikeza ithuba lokuziphendulela, ngakho-ke wangawubeka umbono wakhe kuKhomishini eyayiphenya ngamacala ayebekwa wona.”
Ngenxa yokuthi isifunda amakholwa aseThalaneni ayehlala kuso sasiyingxenye yesizwe seNkosi uMshinana, uCharles Saunders owayeyiMantshi enkulu eShowe wancoma ukuthi amakholwa ahlanganiswe naso isizwe seNkosi uMshinana ukuze kungadaleki izinxushunxushu. Wagcizelela eMantshini yaseNkandla uCC Foxon ukuthi iNkosi uMshinana yayethembeke kakhulu kuHulumeni ngisho nangezinxushunxushu ngokubuyiswa kweSilo uCetshwayo ekudingisweni yayingakaze idideke.
Ngakho-ke uSaunders wathi wayephikisana nombono kaFoxon owawuthi amakholwa abekwe ngaphansi kukaSishishili Sibisi ngoba lokho kwakungasho ukwehluleka kukaHulumeni ukuklomelisa iNkosi uMshinana ngokwethembeka kwayo ezikhathini ezinzima. Kwakungakaze kube nesikhalo ngeNkosi uMshinana ngisho izwe lamaNgisi lifaka nelakwaZulu ngaphansi kwalo ngowe-1887. UNobhala Wezindaba Zabantu uG Leuchars wavumelana ngokugcwele noSaunders ngokwethembeka kweNkosi uMshinana nokuthi amakholwa abekwe ngaphansi kwesizwe sakhe. Ngakho-ke uMfundisi uRoach waziswa nguFoxon ngesinqumo sikaHulumeni. Kwabizwa amakholwa mhla zili-16 kuMandulo we-1904 neNkosi uMshinana iMantshi uFoxon yachaza ukuthi amakholwa aseThalaneni ayesezobuswa yiNkosi uMshinana. Amakholwa ayengabamnumzane abangama-60 emele amakholwa, asemukela isinqumo. Athi wona asefana nabafelokazi ethemba ukuthi iNkosi uMshinana wayezobathatha njengabafazi abangeniwe.
Ingxenye yesibili yabakwaKhanyile ngowe-1903 ngenkathi kuqoqwa intela yayinezindlu ezili-190 esizweni sayo yakhokha intela yazo engopondo abali-133.0.0. Le ngxenye yayiholwa nguMakhubalo owayebambele uBaleni owayesamncane.
UBilibana Khanyile, umkhulu kaBaleni, wayeyinduna ngaphansi kukaMuntuwaphansi kaNobiya owayeyindlalifa kaSotobe Sibiya futhi eyisikhulu esasihlonishwa ngesikhathi sokubusa kweziNgonyama zakwaZulu.
Ngezinxushunxushu ezadalwa yisandla sesithathu sikaHulumeni wamaNgisi ekubuyeni kweSilo uCetshwayo ekudingisweni, uMuntuwaphansi wazimbandakanya noSuthu olwalweseka iSilo kumambuka oZibhebhu, uHhamu noHlubi Molefe ababexhaswa ngamaNgisi ukuhlasela uSuthu. UBilibana okwakubuywe naye eSwazini kuyohlaselwa wathobela konke okwakushiwo nguMbuso wamaNgisi ambeka ukuba ahole isizwe sakwaKhanyile. Baphela kanjalo uBukhosi bakwaSibiya. UNobiya kaMuntuwaphansi wasala enkundleni oNdini kuvikelwa iNgonyama uCetshwayo mhla zingama-21 kuNtulikazi we-1883.
Le ngxenye yake yabekwa ngaphansi kukaYamela kaPhangandawo Shange owayeyincelebana yamaNgisi nenduna kaMelmoth Osborn eShowe. Kwathi uma uJW Shepstone eqokwa njengeMantshi yaseNkandla, uMbayimbayi owayeyindodana kaBilibana waqokwa ukuba abeyiNkosi yesizwe.
Abesende LikaKhanyile
UKhanyile noMchunu babengamawele bezalwa yiNgonyama uMalandela esigodlweni sakwaNkomoye ngaseNgwengweni eNkandla. Sekufanele kuqokwe owayezokuba yiNkosi phakathi kwabo, kwahlatshwa inkomo yakhishwa izitho. Bayalelwa oKhanyile noMchunu ukuthi bakhethe izitho ababezithanda. UKhanyile wakhetha umlenze uMchunu insonyama. Bamphunyuka kanjalo uKhanyile ubukhosi ngoba ukuthatha kwakhe umlenze kwathathwa ngokuthi wayengeke abe nozwelo kubantu abaholayo. UMchunu owathatha insonyama kwafinyelelwa esinqumeni sokuthi wayezokuba nozwelo kubantu ngokukhetha kwakhe le nyama emboza izimbambo.
Indlu KaHamashe
Kuhambe kwahamba izinsika zabantu bakwaKhanyile zagxila endlini kaHamashe. Yena wazala uBhulu. Yena wazala uDenga ozala uMqumbela. Yenake wazala uDube ozala uMandondo owazala uKisi. UBhulu waphinde wazala uLanda ozala uMadilika ozale uSonomo yena wazala uMqanjelwa. Ithuna likaKisi lingaseMngeni eduze kwaseBaynes Drift. Ithuna likaMandondo liseGolokodo lapho abakwaKhanyile behlukana khona nabakwaMchunu. Umfudlana iGolokodo ungenela enhla kakhulu nomfula uMhlathuze eNkandla. UDube wazala uNdlovu owazala uMini. UNdlovu wayephila ngesikhathi seSilo uSenzangakhona esesokile.