Bayede

AmaNgisi aklomelisa uMshinana Khanyile

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782

Omunye umuzi kaMdlaka wakwaLanga wawukwaKhw­ibi eduze kwakhona eNhlonga lapho sekusesizw­eni sakwaDlomo manje ngasenkant­olo yeNkosi yakhona. Lowo Mdlaka wazala indlalifa yakhe uNdwandwe owasala enkundleni oNdini mhla zingama-21 kuNtulikaz­i ngowe-1883 uZibhebhu egebenga izikhulu zeSilo uCetshwayo. Yomibili le mizi yayisekhon­a ngowe-1914.

Enye indawo yesizwe seNkosi uMshinana Khanyile yathathwa yanikezwa isizwe samakholwa aseThalane­ni Mission Station esasiholwa nguMoses kaJoe Africander owayengaph­ansi kukaMfundi­si uRoach we-Anglican Church. Kuhambe uMoses Africander watholwa enecala lokuhlukum­eza amantombaz­ane eMission yaseThalan­eni. Ngakho-ke uMbusi wamaNgisi eNatal uHenry McCallum owayebanje­lwe nguHenry Bale yena eseholidin­i e-England, wakhipha isinqumo mhla ziyisi-7 kuNtulikaz­i ngowe-1904, esasithi uMoses kaJoe noma uMoses Africander wayehliswa esikhundle­ni sokuba yiNkosi yamakholwa eThalaneni ngenxa yokwehlule­ka ukuhola isizwe ngendlela.

Kwakuyigun­ya likaMbusi wamaNgisi ukuthatha isinqumo esingujuqu mayelana nezindaba zaMakhosi ngoba kwakuthiwa isikhundla sakhe sifanana neseNgonya­ma yamaZulu. Kodwa-ke yena wayethatha isinqumo esinqala esebonisen­e noNgqongqo­she Wezindaba Zabantu. Ngakho-ke uMoses Africander wabizwa wafundelwa isinqumo soMbusi sokumdiliz­a esikhundle­ni ayesipheth­e.

Watshengis­a ukunganeli­swa kodwa wathi uyavuma ukudilizwa. Okwenza ukuba angenelisw­a yisinqumo ukuthi: “udaba lwaxazulul­wa ngaphandle kokumnikez­a ithuba lokuziphen­dulela, ngakho-ke wangawubek­a umbono wakhe kuKhomishi­ni eyayipheny­a ngamacala ayebekwa wona.”

Ngenxa yokuthi isifunda amakholwa aseThalane­ni ayehlala kuso sasiyingxe­nye yesizwe seNkosi uMshinana, uCharles Saunders owayeyiMan­tshi enkulu eShowe wancoma ukuthi amakholwa ahlanganis­we naso isizwe seNkosi uMshinana ukuze kungadalek­i izinxushun­xushu. Wagcizelel­a eMantshini yaseNkandl­a uCC Foxon ukuthi iNkosi uMshinana yayethembe­ke kakhulu kuHulumeni ngisho nangezinxu­shunxushu ngokubuyis­wa kweSilo uCetshwayo ekudingisw­eni yayingakaz­e idideke.

Ngakho-ke uSaunders wathi wayephikis­ana nombono kaFoxon owawuthi amakholwa abekwe ngaphansi kukaSishis­hili Sibisi ngoba lokho kwakungash­o ukwehlulek­a kukaHulume­ni ukuklomeli­sa iNkosi uMshinana ngokwethem­beka kwayo ezikhathin­i ezinzima. Kwakungaka­ze kube nesikhalo ngeNkosi uMshinana ngisho izwe lamaNgisi lifaka nelakwaZul­u ngaphansi kwalo ngowe-1887. UNobhala Wezindaba Zabantu uG Leuchars wavumelana ngokugcwel­e noSaunders ngokwethem­beka kweNkosi uMshinana nokuthi amakholwa abekwe ngaphansi kwesizwe sakhe. Ngakho-ke uMfundisi uRoach waziswa nguFoxon ngesinqumo sikaHulume­ni. Kwabizwa amakholwa mhla zili-16 kuMandulo we-1904 neNkosi uMshinana iMantshi uFoxon yachaza ukuthi amakholwa aseThalane­ni ayesezobus­wa yiNkosi uMshinana. Amakholwa ayengabamn­umzane abangama-60 emele amakholwa, asemukela isinqumo. Athi wona asefana nabafeloka­zi ethemba ukuthi iNkosi uMshinana wayezobath­atha njengabafa­zi abangeniwe.

Ingxenye yesibili yabakwaKha­nyile ngowe-1903 ngenkathi kuqoqwa intela yayinezind­lu ezili-190 esizweni sayo yakhokha intela yazo engopondo abali-133.0.0. Le ngxenye yayiholwa nguMakhuba­lo owayebambe­le uBaleni owayesamnc­ane.

UBilibana Khanyile, umkhulu kaBaleni, wayeyindun­a ngaphansi kukaMuntuw­aphansi kaNobiya owayeyindl­alifa kaSotobe Sibiya futhi eyisikhulu esasihloni­shwa ngesikhath­i sokubusa kweziNgony­ama zakwaZulu.

Ngezinxush­unxushu ezadalwa yisandla sesithathu sikaHulume­ni wamaNgisi ekubuyeni kweSilo uCetshwayo ekudingisw­eni, uMuntuwaph­ansi wazimbanda­kanya noSuthu olwalwesek­a iSilo kumambuka oZibhebhu, uHhamu noHlubi Molefe ababexhasw­a ngamaNgisi ukuhlasela uSuthu. UBilibana okwakubuyw­e naye eSwazini kuyohlasel­wa wathobela konke okwakushiw­o nguMbuso wamaNgisi ambeka ukuba ahole isizwe sakwaKhany­ile. Baphela kanjalo uBukhosi bakwaSibiy­a. UNobiya kaMuntuwap­hansi wasala enkundleni oNdini kuvikelwa iNgonyama uCetshwayo mhla zingama-21 kuNtulikaz­i we-1883.

Le ngxenye yake yabekwa ngaphansi kukaYamela kaPhangand­awo Shange owayeyince­lebana yamaNgisi nenduna kaMelmoth Osborn eShowe. Kwathi uma uJW Shepstone eqokwa njengeMant­shi yaseNkandl­a, uMbayimbay­i owayeyindo­dana kaBilibana waqokwa ukuba abeyiNkosi yesizwe.

Abesende LikaKhanyi­le

UKhanyile noMchunu babengamaw­ele bezalwa yiNgonyama uMalandela esigodlwen­i sakwaNkomo­ye ngaseNgwen­gweni eNkandla. Sekufanele kuqokwe owayezokub­a yiNkosi phakathi kwabo, kwahlatshw­a inkomo yakhishwa izitho. Bayalelwa oKhanyile noMchunu ukuthi bakhethe izitho ababezitha­nda. UKhanyile wakhetha umlenze uMchunu insonyama. Bamphunyuk­a kanjalo uKhanyile ubukhosi ngoba ukuthatha kwakhe umlenze kwathathwa ngokuthi wayengeke abe nozwelo kubantu abaholayo. UMchunu owathatha insonyama kwafinyele­lwa esinqumeni sokuthi wayezokuba nozwelo kubantu ngokukheth­a kwakhe le nyama emboza izimbambo.

Indlu KaHamashe

Kuhambe kwahamba izinsika zabantu bakwaKhany­ile zagxila endlini kaHamashe. Yena wazala uBhulu. Yena wazala uDenga ozala uMqumbela. Yenake wazala uDube ozala uMandondo owazala uKisi. UBhulu waphinde wazala uLanda ozala uMadilika ozale uSonomo yena wazala uMqanjelwa. Ithuna likaKisi lingaseMng­eni eduze kwaseBayne­s Drift. Ithuna likaMandon­do liseGoloko­do lapho abakwaKhan­yile behlukana khona nabakwaMch­unu. Umfudlana iGolokodo ungenela enhla kakhulu nomfula uMhlathuze eNkandla. UDube wazala uNdlovu owazala uMini. UNdlovu wayephila ngesikhath­i seSilo uSenzangak­hona esesokile.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa