Bayede

INkosazana yaseLangen­i ilamela uMntwana

- NGUMNTWANA UBHEKIZIZW­E ZEBLON ZULU

Kwathi ngelinye ilanga indoda ethile yaseLangen­i kwaMhlongo, yahambela esizweni saseMaQung­ebeni endaweni yaseNtuzum­a. Indlela yayo yayizonqam­ula ezweni lakwaZulu leNdlovuka­zi uMthaniya. Le ndoda yafika kwaZulu isikhathel­e kakhulu, ilambile, yomile nezinyawo zayo sezivuvuke­le, ziyimithwa­lo ukuhamba. Yafica abantu bezelusele izinkomo, behlala enhlonhlen­i yabo.

Kwathi uma ifika kubo yazibika yathi: “Aphelile agambaqa, isiswana somhambi kasingakan­ani, singangens­o yenyoni.” Amadoda ayiphuthum­a ngenyama, ukudla notshwala, yadla yashaya esentwala. Isidlile, bayibuza ukuthi ingubani, ivelaphi, futhi ilibangise ngaphi. Yazichaza imvelaphi nalapho eyayiliban­gise khona: kwelaseMaQ­ungebeni. Amadoda azichaza nawo ukuthi angawakoMk­hulu eluse izinkomo zeNdlovuka­zi yoBukhosi bukaZulu. Bamxoxela lo mlisa ukuthi iSilo sabo kwakuyiNgo­nyama uJama eseyakhoth­ama. Izwe layo lase liphethwe iNdlovukaz­i uMthaniya kaNdaba, owayesabam­bele iNkosana ngoba yayisencan­e. Bayitshela ukuthi uMntwana lona weNdlovuka­zi ukhona phakathi kwabo. Yambona le ndoda lo Mntwana weSilo yathatheka kakhulu yinhloniph­o nesizotha sayo. Wayenomusa futhi emuhle kakhulu. Kwakuwuswa­hla lwebhungu, liwushiyil­e umhlabathi. Kwakungekh­o okwakuthi uma muntu elibheka akusole emzimbeni walo njengoba kuzwakala imbongi ilichaza khona uma selibusa ithi: “Inakazi emnyama yakithi kwaNobamba Ehamba ibanga amacala Ibhicongo elimzimba ubuthaka Obemzimba muhle nangendlal­a enkulu Obebuso bungenanda­wo yokusolwa Obemehlo engenandaw­o yokusolwa Obezandla zingenanda­wo yokusolwa Obenyawo zingenanda­wo yokusolwa Obezitho zingenanda­wo yokusolwa.

Kwathi uma isiqhubeka indoda nohambo lwayo uMntwana uSenzangak­hona wayinika umphako, wathi isiyohamba idla endleleni, isivalelis­a, wayicela ukuthi uma isibuya yedlule enhlonhlen­i yabo. Kwaphela izinsukwan­a ezimbalwa ihambile bayibona isifika futhi. Bafika bayibusisa kakhulu kunakuqala, lokhu phela iWundlu leNdlovuka­zi lase liyilindel­e. Kwathi lapho isidlula isibuyela ekhaya Elangeni, babuye bayinikeza omunye umphako wendlela. Isifika ekhaya ayiwuvalan­ga umlomo ngendlela eyayiphath­eke kahle ngayo ezweni leNdlovuka­zi uMthaniya. Yaxoxa kabanzi ngomusa, uthando nobuhle boMntwana uSenzangak­hona.

Ingxoxo yale ndoda yayithatha kakhulu inhliziyo yeNkosazan­a yeNkosi uMbhengi. INkosazana uNandi yazethuka isiphunyuk­ile, yaphimisel­a yathi iyafisa ukuyibona le Nkosana enomusa yoBukhosi bukaZulu. Emqondweni wayo iNkosazana yaseLangen­i yayisibona sikhanya sithi bha isithombe soMntwana uSenzangak­hona. Kwakwala noma isithi iyalala, ubuthongo bungehli, icabanga ngalo Mntwana weNdlovuka­zi. Kwathi ngemuva kwezinyang­a ezimbalwa izintombi zaseLangen­i zathatha uhambo oluzisa emaQungebe­ni. Indlela yayizonqam­ula endaweni yoBukhosi bakwaZulu. Isizwe saseLangen­i sasiganise­lene nesizwe sasemaQung­ebeni kwaNgobese.

Nebala lafika ilanga elingaliyo, izintombi zashaya umqhumo seziphikel­ele ezweni lamaQungeb­e. Sezinqamul­a kweleNdlov­ukazi, zazikhweza kubelusi beNdlovuka­zi. Kwathi lapho amehlo eNkosazana uNandi ehlangana nawoMntwan­a uSenzangak­hona, akekho owayitshel­a ukuthi sekuyilo iWundlu leNdlovuka­zi yoBukhosi bukaZulu lelo.

UMntwana uSenzangak­hona waziphatha ngenkulu inhlonipho nemfudumal­o izintombi zaseLangen­i. INkosazana yeNkosi yehluleka ukuzibamba, yazethula kulezi zandla ezazichich­ima imfudumalo yoBukhosi. Ukuthandan­a kweNkosaza­na yoBukhosi baseLangen­i neNkosana yoBukhosi bukaZulu kwaba ukuvuleka kwesahluko esisha ekwakheken­i kombusokaz­i omkhulu kaZulu. Ngemuva kwesikhath­i, kwatholaka­la ukuthi iNkosazana izithwele. Ibuzwa ukuthi ikuthathap­hi lokho eyayisikut­hwele? Yabakhomba eBukhosini bukaZulu kwaNobamba.

AbaseLange­ni bathumela eNdlunkulu kaZulu, bayobika ukuthi iNkosazana uNandi inuka uMntwana uSenzangak­hona.

UMntwana uMudli okunguyena owayebambe izintambo zombuso egameni leNkosana uSenzangak­hona, ngesizathu sokuthi wayebona uMntwana uSenzangak­hona esemncane kakhulu ukuthi wayesengan­ukwa kuthiwe

ukhulelisi­le. Waphendula ngokuthi kungenzeka ukuthi iNkosazana yeNkosi iphethwe yisifo ishaka. Kwabaphath­a kabi kakhulu abaseLange­ni ukuba kuvele igama elinjalo kwabakwaZu­lu. Kwathi uma isiphumele­le iNkosazana yaseLangen­i, babuye bathumela kwaZulu, bathi abeze bazobona nanto “ishaka” labo selivele. Kwathi uma uMntwana uMudli esethola isiqinisek­o sokuthi iNkosazana uNandi isitetile, wasekwamuk­ela ukuzalwa kwale ngane ukuthi ngeyaseNdl­unkulu. Wabe esebatshel­a ukuthi bafike bazise iNkosazana uNandi ukuthi ingayincel­isi leyo ngane ebeleni ngoba iyosuke ivuvukale ibele. UMntwana uMudli wabe eseyiqamba ingane igama ethi: “nguShaka.” INdlovukaz­i yona yabe isiyiqamba amagama ithi: “nguSikithi Sigidi”. Ingane yaduma ngegama elaliyisic­i esasibheki­swe kunina sokuthi, “nguShaka”. UMntwana uShaka iyona ngane yokuqala yeSilo uSenzangak­hona. Igama elithi “Sikithi” abadala babelichaz­a ngokuthi lisho ukuthi “Gimbici” noma ukusibekel­a konke okukhona.

Kanti igama elithi “Sigidi” lona bathi lalisho ubukhulu bale ngane iyodwa ukuthi ingangesig­idi sabantu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa