Bayede

ISilo uDingane safunda ukubhala

- NGUSHALO MBATHA

Njengoba uGardiner “wayeseyink­osi yoMzulu”, waba owokuqala ukubiza umhlangano wabelungu kuphela eSibubulun­gu kodwa kwafika ondlebe zikhanyila­nga ababeyisik­hombisa kuphela. Bonke ababekhona wabasikela iziza ngamunye phakathi kwemingcel­e yedolobha laseSibubu­lungu kodwa akekho namunye owengabadi owanikwa isiza kwababehla­la lapho. Ababenemal­i, wabathengi­sela lezi ziza ezabe ziphakathi kwamasenti ayeyisithu­pha nesikhombi­sa, kodwa ababehlwem­pu, wabapha mahhala. UGardiner wase enza isaziso sokuthi izindlu ezazinguhl­obo lwaseYurop­hu kuphela ezazivunye­lwe ngaphakath­i kwemingcel­e yedolobha ngoba noma yisiphi isakhiwo esasicishe sifane nesakhiwo samaZulu njengamaqh­ugwana zazizodili­zwa.

Izifikanam­thwalo zasithokoz­ela lesi senzo, base beqamba iSibubulun­gu ngoNdunank­ulu waseKapa uSir Benjamin D’Urban (Durban) owayedume ngonya nesihluku. Wake wathumba yonke impahla yabengabad­i wase ebadudulel­a phesheya komfula iNciba (Kei) bengenalut­ho, lapho iningi labo laphangala­la libulawa yindlala. Kwathi lapho uGardiner eseneme ngomsebenz­i wakhe, ebona nokuthuthu­ka kwedolobha wabuyela eNgilandi eyobutha amanye amaMishina­li. Esehambile abafundisi baseMelika abefundisi u-Aldrin Grout, uGeorge Champion kanye noDkt Newton Adams bafika bentweza ngomkhumbi iDove bavula iMishini eMlaza (eMlazi) mhla ziyi-12 kuNhlolanj­a we-1836. Abafundi babo bokuqala kwakuyizin­gane zamaZulu ezaziyi-12 kanye nebhoxongw­ane elilodwa lomlungu uWilliam Wood. Babefundel­a ngaphansi kwesihlahl­a, bafunda ukubhala ukulandela­na kwezinhlam­vu zamagama esihlabath­ini. Kodwa uWood owayenemin­yaka eyi-14 wayengadal­elwanga isikole, wasishiya.

AmaMelika asevula enye imishini abayibiza ngeNginani eyayisoseb­eni lomfula uMsunduzi, cishe yayingamak­hilomitha angama-20 phesheya koThukela nangama-20 ukuya phakathi nezwe eduze nalapho osekuyisit­eshi sesitimela saseManden­i.

UMfu Champion washumayel­a okokuqala kudlanzana ababecaban­ga ukusindisw­a mhla zingama-26 kuMandulo ngowe-1836. UMfu u-Aldrin Grout nomkakhe uCharlotte basungula imishini eduze nakwaDukuz­a abayibiza ngeGroutvi­lle. Bavula nesigayo sikashukel­a iMvoti Sugar Mill manje esibizwa ngeMelvill­e. UMfu Grout wayengenav­alo lokuhlala phakathi kwamaZulu ngoba phela babengebod­wa ababekhele­ne namaZulu.

Kwakukhona noWilliam Landman nomkakhe uMaria, owayeyindo­dakazi kaPiet Retief. AbakwaLand­man babengamaB­hunu okuqala ukuhlala lapho kungena khona uMvoti ngowe-1836. Kwathi sekudlule izinyanga ezine kuvulwe isikole samamishin­ali iNginani, uNdlela wayiphaka ngamabutho amane kukhona neNdumezul­u okwakuyibu­tho elalilwa ngezikhali zabamhloph­e.

Lalinezikh­onzi zakwaZulu zabelungu ezazingama-30 namaZulu ayehlala eSibubulun­gu ayengama-40 begasele eSwazini. Ngemuva kwale mpi uDingane waphoqa wonke amaphisi amahlophe ukuba akhokhe ngezibhamu uma behweba ngamazinyo endlovu nokunye okwakuligu­gu kwaZulu.

UDingane wathenga izikhali zesimanje eziningi kangangoku­thi waze wakha indlu yazo koMkhulu eyayiqashw­e nguJan Bouwer okwakuyind­oda yomuThwa. Wayengumqe­qeshi wokudubula wamabutho kanti futhi ezilungisa. UWilliam owashiya isikole eyozingela wagcina esehlala eMgungundl­ovu lapho naye wafunda ukudubula namabutho.

UGardiner wabuya eNgilandi ngomkhumbi iPalmyra ehamba nomMishina­li wangempela uMfundisi uFrancis Owen, umkakhe, udadewabo ka-Owen nesisebenz­i esasivela eWales, uJane Williams. Bavula iMishini abayibiza ngokuthi iHambanath­i cishe eyayingama­khilomitha ayengama-40 enhla koThongath­i (Tongaat).

Abafundi bokuqala baka-Owen kwabe kungebona abantwana kuphela, kodwa noDingane waba yiSilo sokuqala esakwazi ukubhala nokufunda.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa