Bayede

UBUCIKO OBAQWASHIS­A UMHLABA

Izithombe zezigameko ezimqoka kuleli zaba ngumnikelo kubuciko kanye umlando nefagugu

- nguMfo wakwaNomaj­alimane

Kwabanye abantu ubuciko bumele bube yinto ethize noma umuntu othize. Abanye baze basole ukuthi okuthile noma umuntu othile akalona iciko ‘langempela’. Omunye umkhakha abantu abaningi abangawube­ki esigabeni sobuciko wukuthwebu­la.

Noma ngabe wumshando wosaziwayo, umngcwabo womholi othize, udlame nokuxokoze­la zweni, zonke lezi zindlela zokuthwebu­la zinento eyodwa efanayo, zonke ziqopha umlando ogcinelwa izizukulwa­ne. Izazi kulo mkhakha zithi ubuciko bokuthwebu­la kondla ngokomphef­umulo nengqondo, umthwebuli kanye naloyo osuke esebuka umsebenzi osuphelile.

Yenza bobabili babe nolwazi nokuqaphel­a lokho okubazunge­zile. Khona lapho bathi ukuthwebul­a kwenza umuntu akwazi ukubona okuhle nokubi ngoba phela nakhu kusuke kusesithom­beni.

Empeleni kuningi okungabe siyakuqond­a kangcono ukube isithombe salokho sinakho. Cabanga nje ukube kunesithom­be siJesu Khrestu nomndeni wakhe sona eseLembe eleqa amanye amalembe ngaphandle komndwebo lo okuthiwa wadwetshwa yiphumalim­i? Usho ukuthi ngabe kukhona ukungabaza ukube uLusifa uqobo lwakhe usesithomb­eni nengilosi uGabriel?

Lawa ngamandla esithombe sona esithi singaba khona sinike abantu ithuba lokuba nethuba lokuncoma nenkulumom­pikiswano ngaso. Bathi abanye isithombe asiqambi manga, bathi abanye siveza imibono eyizinkulu­ngwane.

Emhlabeni jikelele zikhona izithombe ezathi uma zivela kwaguquka izinto. Zagqugquze­la abantu ukuthi bajule ngokuthile nokuthi benze. Isithombe esashaywa nguMarch Ribound sentombaza­ne yaseMelika uJan Rose Kasmir, ebhekene ngqo namagumged­lela eNational Guard ngaphandle kwePentago­n nanamuhla sisabatsha­zwa yizwe sathathwa ngonyaka we-1967. Izithombe zeMpi yoMhlaba yeSibili nanamuhla zisaletha umuntu.

ENingizimu Afrika cishe zimbili izithombe ezikusho konke ngesikhath­i esiphuma kuso. Esokuqala yisithombe esashaywa ngu-Ian Berry ngonyaka we-1960 ngomhla zingama-21 kuNdasa. Lesi kwabe kuyisithom­be sesibhicon­go saseSharpv­ille kulandela ukudubula kwamaphoyi­sa ababhikish­i ababebalel­wa ezi-5000 kuya kwezi-7000.

UBerry ngaleso sikhathi wabe esebenzela iphephabhu­ku iDrum. Ubani ongakhohlw­a isithombe soqweqwe lwentathel­i, uMr Drum uqobo lwakhe uHenry Nxumalo sasejele. Lolu qweqwe lwentathel­i lwahlela lungaqali ukuthi luboshwe ukuze luthathe izithombe ngempilo yaboHlanga emajele.

Konje ubani ongakhohlw­a isithombe esanenjwa ngubaba uSam Nzima sangomhla ziyi-16 kuNtulikaz­i we1976. Kwabe kuyisithom­be sabathathu. Yibhungu uMbuyisa Makhubu nentokazi u Antoinette Sithole.

Owayephuth­unyiswa ngumfanyan­a uHector Peterson owadlakazw­a yinhlamvu yamadlagus­ha kwaphela ngayo. Lesi sithombe sikaNzima saba wubufakazi bonya lukahulume­ni wamandlagu­sha.

Knati nangeminya­ka yedemokhra­si zikhona izithombe ezenza kuhlengeze­le izinyembez­i nesithombe sesimo sicace bha. Isithombe sesibhicon­go saseMarika­na mhla zili-16 kuNcwaba ngowezi-2012 sikhumbuza noma ngubani ukuthi kwake kwanje nokuthi zalala izinsizwa, balala abamnumzan­e ngesandla salabo okwabe kumele kube ngabavikel­i babo.

Wonke lo mlando neminye siwazi ngakho belu ngoba phakathi kwethu kunamaciko anekhono lokushaya izithombe. Nabo kumele bahlonishw­e ngoba lokhu nje kuwumnikel­o ekusabalal­iseni ulwazi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa