AbakwaGallo babeka isisekelo esihle somculo
Ngezikhathi zawo uGallo Records wawuhlonishwa ngokuqopha ukhilimu wabaculi.
Njengenkampani yokuqopha eyayineminyaka ikhona endimeni yomculo, cishe kwakulula ukuthi wonke umculi afune ukuzisondeza kuyo.
Phela inoni elisihloko sithi ‘Mbube’ likaSolomon Linda laqoshwa ngowe-1939 kwaGallo.
Ngemuva kukaLinda, kwabonakala uMirriam Makeba, uHugh Masekela, uDorothy Moore, uSpokes Mashiane,
Letta Mbulu noYvonne ChakaChaka nabanye sengathi bayamemana ukuyokhiqiza ngaphansi kwale nkampani.
Ziningi-ke nezinye izinkampani ezizaleke ngenxa yempumelelo yalesi sikhondlakhondla esake saba namahhovisi eParktown, eGoli.
Uma uvakashele amahhovisi ayo ubukhangwa yiqhude elibomvu elime sengathi liyakikiza embhalweni wasemnyango wakhona.
Njengazo zonke izinkampani ezinkulu, nakhona kwaGallo kwenzeka izinguquko kwashiya abantu ababenza umsebenzi omkhulu noncomekayo wokuvundulula ikhono.
Omunye wabo uWest Nkosi, owashona ngowe-1997 nowayeyilungu leMakgona Tsohle Band eyayilekelela AmaHhotela Queens ashisa izikhotha ngesigqi sombhaqanga. AmaHhotela Quuens ayeholwa uHilda Tloubata, uNobesuthu Mbedu no-Amanda Nkosi.
Aduma kakhulu esehlangene noSimon Mahlangu owayedume ngoMahlathini nezwi lakhe elaliyimbodlomane.
UNkosi owayezalwa eNelspruit, esifundazweni iMpumalanga, wanxenxa wasayina abaculi abanjengoMahlathini naMahotella Queens asayina ngowezi-1976, Amaswazi Emvelo (1978), Abafana Baseqhudeni (1973), iMpharanyana and the Cannibals. (1978)
ILadysmith Black Mambazo, ngaphambi kokuthi uPaul Simon ayifake ebalazweni lomhlaba ngowe-1987, yayiphekwe kwaGallo njengoba imisebenzi yayo idume cishe umhlaba wonke. Le nkampani yake yenza into eyathakaselwa abaningi ngesikhathi iqophisa ndawonye AmaMbazo Amnyama, uLucky Dube noJabu Khanyile i-albhamu abayenza bukhoma ngowezi-2002.
Le mihlathi eyazanayo yahlanganisa izingoma eziyishumi ezazithandwa kakhulu ngaleso sikhathi kwaphuma umsebenzi owaqanjwa ngeFriends in Concert. Okwahlaba umxhwele abaningi ukuzwa uJabu eqamba izingoma zaMambazo kanti nabanye babenza okufanayo kwezomunye. Uma uyilalele le albhamu kuzwakala izihlwele ukuthi zithathekile kanti kwezinye ziyalekelela ezingomeni.
Kumele abakwaGallo bashayelwe elikhulu ihlombe ngokuhlanganisa lezi zingwazi kwazise kuyivelakancane ukuzithola zindawonye njengoba zazivamise ukunandisa phesheya kwezilwandle.
Uma ungumlandeli wokuqina wala maciko angeke uzisole uma unikela noma ushayele emahhovisi akwaGallo ukuzitholela leli cwecwe elinamanoni anjengoMmalo We (African Woman), iThe Prince, iLong Walk to Freedom (Halala South Africa), i-Abezizwe Ngeke Bayiqede, iTogether As One, iFeel Irie, neKnocking on Heaven’s Door.