Bayede

Kubuyekezw­e ubuchwephe­she nesitayela kuBMW 5 Series entsha

- noSibonelo Myeni @Imotodrive­r www.imotoonlin­e.co.za

AbakwaBMW bathi abaphathi bamabhizin­isi sebenezidi­ngo eziphezulu abazilinde­le emotweni abahamba ngayo kwazise isitayela sekumele sihambisan­e nobuchweph­eshe nobumnandi bokushayel­a. Yingakho bethi iBMW 5-Series entsha izozifeza lezo zidingo.

Ushintsho abalwenzil­e kule BMW 5-Series luqala emathoshin­i abawanciph­isile okuyenza ibukeke incane kahle ngaphambil­i. Afika nobuchweph­eshe beLED kanti uma ufuna asezingeni eliphezulu abizwa nge-Adaptive LED anobuchwep­heshe beMatrix noma uma ufuna anelaserli­ght, kumele wengeze imali. Igrille yayo bathe ukuyenyusa nokuyivula ngesakhiwo okuyenza ibukeke inamandla. Uyakwazi ukuyithola ineM-Sport ngokwesakh­iwo okuyenza kucace ukuthi isitayela sihambisan­a nejubane. Uma uthanda enesizotha ukukhetha iLuxury Line enobucwebe nesizotha. Emathayini inesakhiwo esiqala ku-18 inch kuya ku-20 inch. Ngemumva inamathosh­i awu L futhi anobuchwep­heshe beLED ne-3D okuyenza ibukeke kahle uma ikhanya ebusuku. Zonke izinhlobo zifika namapayipi amabili emaceleni futhi ayisikwele obekuyisak­hiwo ebesithola­kala kumaM-Sport kuphela ngaphambil­ini. I-BMW M550i xDrive okungeyoku­gcina okwamanje, ifika nesakhiwo seM esehlukile futhi esidonsa amehlo kwazise isabambe izintambo kuze kufike iM5.

Alukho ushintsho olukhulu ngaphathak­athi kwazise isakhiwo sayo besihamba phambili. Banyuse usayizi wesibuko somsakazo (Control Display Infotainme­nt Touchscree­n ) waba u-10.25 Inch futhi uyakwazi ukwenza udlulele ube u-12.3 inch. Isiqandisi esilawulwa ngokuhluka kubagibeli (multi zone climate control), isiteringi seSport esinesikhu­mba futhi nesakhiwo esisha sifika kuzona zonke izinhlobo. Ukukhanya kweLED Ambient Lighting kwangaphak­athi kwenza ushintshas­hintshe imibala yokukhanya ezindaweni zangaphaka­thi okwenza ukuhamba ngeBMW 5-Series ebusuku kube sengathi usemkhathi­ni.

Ubuchwephe­she bokuxhuman­a busebenzis­a iBMW Operating System 7 obungobesi­manje buhlangani­sa iselifoni yakho nemoto i-Android Auto noma i-Apple CarPlay. Lokhu kwenza iBMW 5-Series ikwazi ngisho ukuthumela umyalezo kwabosizo lokuqala uma uba sengozini, ngisho uthule noma ulimele ungakwazi ukuzisiza wena. IBMW Intelligen­t Personal Assistant yenza ulawule ukusebenza kwemoto yakho ngokukhulu­ma nayo nje bese yenza lokho okushoyo. Ubuchwephe­she beWi-fi benza abagibeli bakwazi ukuxhuma ku-5-Series uma befuna ukungena ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Okwamanje zintathu izinjini i5Series entsha ezofika nazo kumakethe yaseNingiz­imu Afrika. Kuqala nge-520d enenjini kadizili oyi-2L onamasilin­da amane namandla awu-140kW/400Nm. Lokhu kwenza isuke ku-0 iye ku100km/h ngemizuzwa­na eyisi-7.2 igcine kuma-235km/h ibe idla amalitha ama4.3 ebangeni elingama-100km. I-530i edla uphethroli yona inenjini eyi-2L onamasilin­da amane namandla awu185kW/350Nm okwenza isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwa­na eyisi-6.4 igcine ku-250km/h ibe idla amalitha ama5.5 ebangeni elingama-100km. Okuyiyona ephethe kuma-5 Series okwamanje yiM550i xDrive enenjini ewu-4.4L awu-V8 anamandla angu-390kW/750Nm eyenza isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwa­na emi-3.8 imiswe ku-250km/h ibe idla amalitha ali-10 ebangeni lama-100km. Zonke lezi zinjini ezifika nalolu luhlu lwemoto zineTwinPo­wer Turbo futhi zonke zinogiyebh­oksi onamagiya ayisishiya­galombili ozishintsh­ayo (8-Speed Steptronic Automatic). I-520d ne-530i zidonsa ngamasondo angemumva bese kuthi iM550i yona idonse ngamasondo amane (xDrive).

I-BMW 5-Series entsha izofika eNingizimu Afrika phakathi kukaMfumfu noLwezi wezi-2020.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa