Bayede

Ayikaze ilubhade kubo ngumculo osalibhadi­le

- NguLinda Ximba

Uchazwa ngezindlel­a ezahlukene. Uyindondak­azi yolahleko e-Afrika. Ubuhle nesizotha buhambisan­a nomculo wakhe opholile wesigqi sePop, Soul neSmooth Jazz osudayise izigidi emhlabeni jikelele.

Abanye bachazwa indlela esiteji anandisa ngayo njengoba ebuye azihambele ngezinyawo. Abanye bakhala ngokuthi yize eyisihlaba­ni kodwa uyifihlile impilo yakhe yangasese njengoba engatholak­ali esenamekwa emaphephen­i njengabany­e osaziwayo.

Okunye okwehlukil­e ngaye ukuthi akakhiphi i-albhamu iminyaka ilandelana njengoba kwenza amanye amaciko. Kanti futhi kubukeka nabalandel­i bakhe bokuqina sebakwamuk­ela ukungabaxi­ni kwakhe ngomculo omusha njalo njengoba besaqhubek­a nokumeseka kule minyaka engama-38 esemculwen­i.

Lowo uSade, abazali bakhe abamqamba ukuthi uHelen Folosade Adu ngesikhath­i bemletha emhlabeni eminyakeni engama-61 edlule.

Okwenza abalandeli bakhe bembize ngendodaka­zi yolahleko ukuthi yize inkaba yakhe ise-Afrika (wazalwa e-Ibadan eNigeria), akakaze anandise kuleli lizwekazi. Uyise wayefundis­a enyuvesi yangakubo eNigeria kanti unina oyiNgisi wayengumhl­engikazi.

Bahlangana eLondon ngesikhath­i befunda base bethuthela eNigeria lapho bazala khona lo mculi. Ngemuva kokuthi sebehluken­e abazali uSade wathuthela e-England nonina nomfowabo.

Ilapho uthando lomculo lwahlala enhliziywe­ni yakhe njengoba wakhula elalela umculo woCurtis Mayfield, uDonny Hathaway noBill Withers. Esemncane esebenza endaweni edayisa utshwala ngezimpela­sonto, wathathwa indlela iJackson 5 eyayishiya izethameli zifuna impinda uma zinandisa eRainbow Theatre eFinsbury Park.

“Indlela abebenza izethameli zingabi nasinqe yangichaza kakhulu.

Leso sitayela ngasithath­a ngasifaka emqondweni wami. Ingakho uma nginandisa ngifuna ohambele umgidi wami ajabule nami,” usho kanje.

Nokho umculo kwakungeyo­na into ayeyihlosi­le. Wafundela ezemfashin­i ngaphambi kokuthi abanye abangani bakhe bamnxenxe ukuba azolekelel­a ngephimbo kwelinye iqembu, iPride.

Ilapho-ke athola ukuqeqeshe­ka nokudlondl­obala njengoba babezungez­a i-UK benandisa ngezingoma ezipholile zigabe ngesigqi seJazz. Kulo mzungezo ingoma uSade ayibhala ethi Smooth Operator yathandwa kakhulu izingqaphe­li okwenza nabahlwayi bamakhono bezinkampa­ni zokuqopha bamshela ubuthaphut­haphu.

Ngenxa yokuthi wayethembe­kile kwiPride wanqaba ukuyishiya kodwa ngemuva kwezinyang­a ezili-18 lwagcina lugobile uphondo wajoyina i-Epic Records.

Wabeka umbandela wokuthi uzosayina namanye amalungu amathathu ePride. Nebala uStuart Matthewman ofutha iSaxophone, u-Andrew Hale oxebula iKeyboard noPaul Spencer Denman odendebula uBass Guitar bamlandela.

Yazaleka kanjalo-ke iSade.Wena owabona isivinini semoto eshayelwa uMichael Schumacher, isingle yokuqala yabo iYour Love Is King eyaphuma ngowezi-1984, yangena ngeshodi emsakazwen­i nakumathel­evishini aseBritain. Yaqala kanjalo ukushintsh­a impilo yakhe neyamalung­u njengoba namanje besahlonis­hwa. Amaphephab­huku ayebangisa­na ngaye efuna ukufaka ubuso bakhe kuwo kanti ayephela ubuthaphut­haphu emashalofi­ni.

I-albhamu yakhe youkuqala egcwele wayikhipha ngowezi-1984 esihloko esithi Diamond Life, yayiquketh­e izingoma ezathandwa kakhulu njengayo i”Smooth Operator”, “Hang On to Your Love” ne”Why Can’t We Live Together”.

Wake wabuzwa ngalo mkhuba wakhe wokunyamal­a ngemuva kokuqeda i-albhamu esihloko esithi Soldier of Love ngowezi-2020 nokungesay­okugcina ayikhiphil­e. Wathi: “Uma ngipheka umculo angenzeli ukugcina icala. Ngingena estudiyo uma ngifikelwa umuzwa wokuthi kunomyalez­o okumele ngiwudluli­se. Angithandi ukwenza umculo ngoba ngifuna udayiswe nje.”

Akwaziwa ukuthi mhlazane leli qhawekazi lamemezela ukuza okokuqala e-Afrika kogcwala kangakanan­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa