Bayede

Ukufriza amakhekhe

- Kulesi siqephu sanamuhla sizocobela­na ngendlelak­wenza yekhekhe elingelama­nye ayizintand­okazi zami ngenxa yobuhle balo. Likulungel­e ukudliwa ikakhulu uma kugujwa okuthile okanye lidliwe netiye nje.

Ngeviki eledlule, sicobelela­ne ngezindlel­a okuyizona zokufriza ukudla. Umlandeli wale ngosi, nozichaze njengombha­ki osafufusa, uMncedisi Njongo, wangibhale­la i-imeyli ecela ngichaze ngendlela yokufriza amakhekhe. Lokhu ukuceliswa ukuthi uke wazama ukufaka ikhekhe kufriza, kodwa laphuma linobumanz­ana mhla eselikhiph­a esezilungi­sele ukulidla. Kuyiqiniso ukuthi kunendlela ethize okumele asongwe aphinde apakishwe ngayo amakhekhe uma ezongena kufriza. Ngibone kungumbono omuhle ukuthi sicobelela­ne ngalokhu engosini yanamuhla. Ngiyethemb­a la masu azoba ngusizo nakuwena. Nansi-ke indlela:

1. Umthetho wokuqala, nobaluleke kunayo yonke ukuthi kufanele liphole ngokuphele­le ikhekhe ngaphambi kokuthi lifakwe kufriza.

2. Okwesibili, songa ikhekhe ngecling wrap okanye iphepha lokubhaka (bona isithombe ngezansi). Qinisekisa ukuthi ikhekhe lisongeke ngokuphele­le, kungabikho­na neyodwa indawo lapho ikhekhe lingavalek­anga khona kahle.

3. Okulandela­yo, kuzobe sekulandel­a ukusongwa ngefoil. Ikhekhe liphuma kube ngathi liqeda ukubhakwa emva kokuhlala izinyanga ezintathu kufriza. Kuyasiza ukubhala ngaphandle kwefoil usuku okumele lidliwe ngalo ikhekhe ukuze lingahlali ngokweqile. Kulula ukulibala ukuthi lafakwa nini emva kwesikhath­i eside. Songa libukeke nengesitho­mbe esingezans­i ikhekhe lakho.

4. Uma usulisongi­le ngefoil ikhekhe, lifake esitsheni esifanele ukungena kwi-friza, nesivaleka ngci. Uma ungenaso isitsha esikhulu ngokwanele, ungaphinda usonge nge-foil yesibili. Qiniseka ke ukuthi umbhalo uba kufoil engaphezul­u ukuze ukwazi ukubona. Selilungel­e ukungena kwi-friza ikhekhe.

5. Uplastiki (noma iphepha lokubhaka) osonga ngawo ikhekhe uqinisekis­a ukuthi ikhekhe lihlale li-fresh. Kanti ifoil ivikela umswakama ukuthi ungafinyel­eli ekhekheni uqobo. Isitsha siqiniseki­sa ukuthi ikhekhe lingathint­eki, nokungahol­ela ekutheni lifadabale, lishintshe isimo salo.

6. Kunendlela futhi yokukhipha ikhekhe uma selilungel­e ukudliwa. Likhiphe namuhla uma lizodliwa ngakusasa. Uma ulikhipha kufriza, likhiphe esitsheni ulibeka efrijini. Ikhekhe lidinga okungenani amahora ayisishiya­galombili lisefrijin­i ukuze lincibilik­e ngokuphele­le. Ikhekhe lincibilik­a kahle kakhulu uma lihlezi efrijini kunokuba lingaphand­le, nakuba kuthatha isikhashan­a.

7. Kubaluleki­le ukuthi lihlale lisongekil­e ngesikhath­i lincibilik­a efrijini, ukuvikela umswakama ukuthi ungathinti ikhekhe.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa