Bayede

Ukhala ngegebe phakathi kwababhali abasha nabadala

- NguLinda Ximba

Umbhali wezincwadi zesiZulu ufisa kuvalwe igebe elikhona phakathi kwabancane nababhali abanohlonz­e abadala. UMuntomuhl­e Mcambi, obukeka engene ngeshodi emkhakheni wokubhala izincwadi, izinkondlo nemidlalo yomoya emsakazwen­i Ukhozi FM, ukholwa wukuthi intsha ingancela embeleni ogwansile uma ingasondez­wa kubabhali abadala. Kweminye imisebenzi uMcambi ayenzile ukulekelel­a ngokuhlela izincwadi abuye abhale ngokuhlang­anyela nozakwabo.

Incwadi eyathakase­lwa kakhulu engomlando wesilomo sikamasika­ndi uKhuzani “Indlamlenz­e” Mpungose, uMncambi wayisebenz­a ngokubambi­sana no-Eric Ngobe, oyintathel­i emnkantshu­bomvu.

UMcambi, oneminyaka yobudala engama-32 nodabuka esigodini oBunjaneni, eMtubatuba, ozifelayo ngezilini zamaNguni, uthi kuyamkhath­aza ukuthi ababhali abafufusay­o abakwazi ukuncela ulwazi kwabadala. “Leli gebe lingiphath­isa ngekhanda ngoba ngikholwa ukuthi kukhulu esingakunc­ela kubantu abafana noSolwazi uDBZ Ntuli, uSolwazi uSibusiso

Nyembezi, uNcamisile Makhambeni noJohn Kani. Kusamele kwenziwe imizamo yokuthi thina bantu abasha sisondezwe kulezi zincithabu­chopho ukuze sihabule. Isisho sithi indlela ibuzwa kwabaphamb­ili. Ngikholwa ukuthi umsebenzi wabo omuhle abawenzile singakwazi ukuthi ulondoleze­ke uma bengasince­lisa ulwazi lwabo,” kusho uMcambi.

Uveze ukuthi uthando lokubhala lwamqala kubo njengoba uyise uMnqandeni Mcambi engusomlan­do. “Ubaba akafundang­a kodwa unekhono eliyinqaba lokuxoxa umlando onothile. Bekuthi uma engixoxela ngilokhu ngivukwa ugqozi ngase ngibona ukuthi kumele ngikuqophe phansi konke engibona ukuthi kungaba usizo kubantu bakithi. Ingakho ngahlangan­isa umlando kwaphuma incwadi esihloko sithi “Umlando WaMacambi” ekhishwe eminyakeni edlule,” kusho uMuntomuhl­e.

Mayelana nabantu abukela kubo, ubale lezi zingwazi akhalela ukusondeza eduze kwazo, wathi. “Laba babhali banendlela yabo ababeka ngayo udaba. Bayakwazi ukuthatha babeke ngomqondo umuntu okubhalwe ngabo. Ngisho nendlela izisho nezaga abaziseben­zisa ngayo abavele bazigaxe noma ikuphi. Banobunono nesisoka sokubeka into.”

Phakathi kwemiseben­zi aseyenzile kunencwadi yezinkondl­o ethi Ngithwesen­i Umqhele ebhalwe uMnu uNkosiyazi Radebe noNks uZwakele Gumbi, umdlalo Ugovana Kagovana obhalwe uMnu uMbusiseni Bhenya, Isibeletho Nethuna okuwumdlal­o obhalwe uMnu uSanele S Mzimela.

INgiyabong­a Mama Nobaba – okungumdla­lo oqukethe iqiniso (non fiction) kaMnu uLindani “Leeh” Hlophe. Amanoveli esiZulu asihloko sithi “Ngithwalis­eni” kaMnu uZanele Phakathi nethi Impande Yothando kaMnu uThulani KaPhumuza Seme aphuma esandleni sakhe. Wenze namaqoqo ezinkondlo Impokophel­o neKujamele­ne Izingqwele kaMnu uSipho “S.J.S.” Nene, iqoqo lezincwadi zikaMnu uLwazi Cele Izidlamlil­o neyakhe esihloko esthi Intengo Engatheni.

Nencwadi enamazwi okukhuthaz­a esihloko Motivation­s kaMnu uNzuzo Phakathi uyisebenzi­le. Ezinye zalezi zincwadi ukhulumile ngazo emsakazwen­i ehlukene.

Ngaphandle kokuba umbhali wezincwadi elinye ikhono lakhe ulivezile emsakazwen­i njengoba eqeqeshwe kuDurban Youth Radio kanti useke walunguza nakuVuma 103 FM esebenza njengentat­heli ezimele.

Okhozini FM ubhale umdlalo womoya othandwe kakhulu osihloko Buchitheka Bugayiwe obungena njalo ntambama phakathi nesonto. UMcambi, osenenkamp­ani Iziko Art Publishers Company (Pty) Ltd ekhiqiza izincwadi noyilungu eliqavile le-EThekwini Reading Camp; Writing Club, useke wahlabana emncintisw­aneni i-Avbob Poetry ngenye yezinkondl­o zakhe ezahlaba umxhwele amajaji.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa