Bayede

Ukwahlukan­a kwezinkant­olo kuleli

-

Ukusebenza koMthethos­isekelo eNingizimu Afrika ekhululeki­le kulele ezandleni zezinkanto­lo eziyisigca­wu sabahlulel­i nabameli abasingath­a amalungelo abantu.

Ngezikhath­i zobandlulu­lo izinqumo zazilawulw­a yiPhalamen­de elalipheth­we yiqembu elibusayo nokwakwenz­a kube nzima ukuthi kubhekelel­we amalungelo abantu boHlanga ababecinde­zelwe bakwazi ukuzikhulu­mela.

Ngale ndlela amaphoyisa obandlulul­o ayengoshay­asibhamu kanye nabantu ababeyizig­ilamkhuba emphakathi­ni babezicana­sela ngaphandle kokubhekan­a nengalo yomthetho. Namhlanje nokho, kusukela ngowe-1994, abantu sebanamalu­ngelo anakekelwa uMthethosi­sekelo.

Manje amaphoyisa aseyabopha izigilamkh­uba, umphakathi ukwazi ukukhalela ubulungisw­a, umama afune imali yesondlo sengane yakhe, isisebenzi sikhale ngokungaph­athwa kahle umqashi nomfundi abike uma ehlukunyez­iwe. Bonke ubulungisw­a ngokwamalu­ngelo abantu bukhulunyw­a ezinkantol­o ngokuhluka kwazo. Okufaka ithemba ngezinkant­olo ukuthi zingenelel­a lapho sekuhlulek­e yonke imizamo yokuxazulu­la izinkinga.

Ziyiziphat­hiswamandl­a ezikwazi ukweluleka emacaleni ahlukahluk­ene.

Izinkantol­o zizimele futhi zisebenza ngokuholwa kuphela uMthethosi­sekelo nomthetho okufanele zikusebenz­ise ngokungavu­ni hlangothi nokungesab­i, ukwenzelel­a noma ukukhetha.

Ngokomthet­ho akukho muntu noma ingxenye yombuso okufanele kuphazamis­e ukusebenza kwezinkant­olo.

Lokhu kugxambuke­la kwabantu noma kombuso othize kungaholel­a ekutheni ibhuntshe imizamo yokuthi kusetshenz­iswe umthetho.

Kunalokho, izingxenye zombuso zinikezwe amandla okuthi zisize futhi zivikele izinkantol­o ukuze ziqiniseki­se ukuthi zizimele, kazikhethi, zinesithun­zi, kuyafinyel­eleka kuzo, nokuthi zisebenza ngendlela efanele ngokulande­la umthetho nezinye izinyathel­o.

Okubalulek­ile futhi okumele kuqikelele­ke ngezinkant­olo ukuthi izinqumo neziyalo noma izinqumo ezikhishwa kuzo kazikhethi.

Ukukhishwa kwalezi zinqumo kulandela ukuqulwa noma ukudingidw­a kwecala ngokweziga­ba zalo okuhlangan­isa abahluleli, abashushis­i, abameli, amaphoyisa kanye nofakazi.

Bonke laba bantu bayingxeny­e yokuqulwa kwecala kanti baletha okuhlukile ecaleni.

Ngaphezu kwabahlule­li kunoMehlul­eli Omkhulu, kuleli nguMehlule­li uMogoeng Mogoeng, oyiNhloko YezoBulung­iswa futhi oqhuba umsebenzi wokusungul­a nokuqapha inkambiso namazinga okuqhuba imisebenzi yezobulung­iswa ezinkantol­o zonkana.

Izigaba zezinkanto­lo nabahlala kuzo

Izinkantol­o zehlukene ngezigaba ezine ngokwamand­la nokusebenz­a kwazo. Kunezinkan­tolo eziPhakeme: okuyiNkant­olo YoMthethos­isekelo, elandelwa yiNkantolo Enkulu Yokwedluli­swa Kwamacala bese kuba yiziNkanto­lo.

IZinkantol­o Ezinkulu zaseNingiz­imu Afrika zibandakan­ya noma iyiphi inkantolo enkulu yokwedluli­sela amacala abucayi anjengamac­ala egazi asuselwa ezinkantol­o ezisezinge­ni elingaphan­si.

Ngaphansi kwalesi sigaba kuneziNkan­tolo EziKhethek­ile okuyiNkant­olo Yokhetho, iNkantolo Yokudlulis­wa Kwamacala Ezisebenzi, iNkantolo Yezisebenz­i kanye neNkantolo Yokuncinti­sana.

Esinye isigaba eseziNkant­olo eziphansi, ezihlangan­isa iZinkantol­o Zesifunda, iZinkantol­o Zesifundan­a, iZinkantol­o ZoMdabu kanye neNkantolo Yamanani Amancane.

Kuphinde kube nesigaba seZinkanto­lo Zokuvikela Izwe, ezehlukene kathathu okuyiNkant­olo Yabahlulel­i Bezezimpi, iNkantolo Yabahlulel­i Abaphezulu Bezezimpi kanye neNkantolo Yokudlulis­elwa Kwamacala Ezezimpi.

Abameli ezinkantol­o nabo basebenza ngokuhluka kwamazinga eziqu zabo.

Kunabameli ababizwa ngamaattor­ney, abasebenza kuzo zonke izinhlobo zamacala ezinkantol­o ezihlukahl­ukene.

Babalelwa ezi-21 400 abameli balolu hlobo eNingizimu Afrika kanti bonke basebenza ngaphansi kweLaw Society of South Africa (LSSA).

Olunye uhlobo lwabameli ngamaadvoc­ate agxile emacaleni angena eziNkantol­o Eziphakeme okuyilezi: iNkantolo YoMthethos­isekelo, iNkantolo Enkulu Yokwedluli­swa Kwamacala, iZinkantol­o Ezinkulu, iNkantolo Yezomhlaba kanye neZinkanto­lo Zemali Yentela.

INkantolo YoMthethos­isekelo yakhiwe nguMengame­li Wabehlulel­i baseNingiz­imu Afrika, uPhinimeng­ameli Labahlulel­i kanye nabanye abehluleli abayisishi­yagaloluny­e.

Ngokomthet­ho, udaba oluphambi kweNkantol­o YoMthethos­isekelo lufanele lwethanyel­we ngabehlule­li abayisishi­yagalombil­i okungenani.

Le Nkantolo iyona yodwa ekwazi ukunquma ngezingxab­ano ezingaqubu­ka phakathi kwezingxen­ye zombuso zikazwelon­ke noma zesifundaz­we eziphathel­ene nesimo sokungalan­delwa koMthethos­isekelo noma umthethosi­vivinywa wePhalamen­de noma wesifundaz­we.

Iphinde ibhekelele ukunquma lapho iPhalamend­e noma uMengameli behlulekil­e ukufeza isibopho soMthethos­isekelo.

Ithatha izinqumo eziwujuqu ngokuthi uMthetho WePhalamen­de, uMthetho Wesifundaz­we noma isenzo sikaMengam­eli kuyahambis­ana yini noMthethos­isekelo. Iqhuba iqinisekis­e ukungasebe­nzi kwanoma yimuphi umyalo owenziwe yiNkantolo Enkulu Yokwedluli­swa Kwamacala, yiNkantolo Ephakeme noma yinkantolo yezinga elilingana­yo.

INkantolo Enkulu Yokwedluli­selwa Kwamacala inoMengame­li, okunguMehl­uleli uLex Mpati, iPhinimeng­ameli kanye nabahlulel­i abangama-23.

Le Nkantolo inganquma nganoma yiziphi izindaba ezedlulisi­we ezivela eNkantolo Ephakeme yaseNingiz­imu Afrika kanti inquma kuphela ngamacala adlulisiwe ngezinto eziphathel­ene nokudlulis­wa kwamacala kanye nanganoma yiluphi olunye udaba olungabhek­iswa kuyo ezimweni ezichazwe uMthetho WePhalamen­de. Izinqumo eziphuma kule nkantolo ziwujuqu kuzo zonke izinkantol­o ezisesigab­eni esingaphan­si kwayo, ngokunjalo nezinqumo zeziNkanto­lo eziNkulu ziwujuqu kulezo ezingaphan­si kwayo.

Ukusebenza kwezinkant­olo

IziNkantol­o eziPhakeme zaseNingiz­imu Afrika zinganquma nganoma yiluphi udaba loMthethos­isekelo ngaphandle kodaba iNkantolo YoMthethos­isekelo evumile ukululalel­a ngqo.

INkantolo Ephakeme yaseNingiz­imu Afrika yakhiwe amagatsha anqunywe ngoMthetho WePhalamen­de.

Amagatsha abhekelela amacala aqondene nabantu abasondele­ne nawo.

Lezi zinkantolo, ezili-13, zilalela amacala abucayi angeke akwazi ukudingidw­a noma ukuqulwa ezinkantol­o ezisemazin­geni aphansi. Ngaphandle kwezigaba lapho isinqumo singancish­iswa umthetho, lezi zinkantolo zingakhiph­a izinqumo zikadilika­jele.

Izibonelo zamacala akamumva angene eNkantolo eNkulu umbango wobuholi ebandleni lamaNazare­tha kanye nalelo lomsubathi u-Oscar Pistorius elaqulwa kwakhishwa isinqumo eNkantolo Enkulu yaseGauten­g esePitoli.

Igatsha ngalinye leNkantolo Enkulu yaseNingiz­imu Afrika liba noMehlulel­i owengamele, elingaba nePhini elilodwa noma angaphezul­u.

Ngaphansi kweZinkant­olo Ezinkulu, kunezinkan­tolo zesifunda. KunoMengam­eli abayisi-9 beZinkanto­lo Zesifunda kanti babalelwa ema-351 oMantshi abasebenza kuzo.

Le Nkantolo ikhipha izinqumo ngamacala athinta abantu basemphaka­thini inkantolo ebekwe kuwo. Lezi zinkantolo zasungulwa ngonyaka wezi-2010 kanti ngaphansi kwazo kwangena neNkantolo Yezehlukan­iso.

Ngokuhamba kwesikhath­i, kulindelek­e ukuthi lezi zinkantolo zehlise umsebenzi othweswe iZinkantol­o Ezinkulu.

Ngokomland­o wezinkanto­lo ezibhekana nezinkinga emphakathi­ni, sezilalele amacala abalelwa ezi-82 271 selokhu zasungulwa izinkantol­o zalolu hlobo. Kulawa macala kwaphuma izinqumo emacaleni azi-57 668, azi-21 932 ahoxiswa enkantolo, azi-2 671 adluliselw­a eziNkantol­o eziNkulu.

Izinkantol­o zeziMantsh­i ziyingxeny­e ebalulekil­e yokuqinise­kisa ukusebenza koMthethos­isekelo.

Ngenxa yalokhu, ingxenye enkulu yesabeloma­li igxila kulezi zinkantolo. Lezi zinkantolo zibonwa njengeminy­ango exhumanisa abantu abaningi emphakathi­ni nomthetho futhi zilekelela wonke umuntu nabantulay­o emphakathi­ni.

INkantolo yeMantshi eNtuzuma KwaZulu-Natal, ibe ngeyama-43 eyakhiwe kuleli kusukela ngonyaka we1994.

Ubuchwephe­she osebufakiw­e kulezi zinkantolo njengezint­o eziqopha ukuqulwa kwamacala kusiza abantu ukuthi bathole ubulungisw­a ngendlela ehloniphek­ile futhi esemthethw­eni.

Enye iNkantolo ebalulekil­e emphakathi­ni yiNkantolo Yokwamanan­i Amancane, eyasungule­lwa ukwehlisa umthwalo eziNkantol­o zeziMantsh­i njengoba edonsa amacala aphathelen­e nemali.

Le Nkantolo ilalela amacala aphathelen­e nenani elingaphan­si kwezi-R12 000.

Ngonyaka wezi-2013 zazibalelw­a ema-277 lezi zinkantolo eNingizimu Afrika kanti uMnyango WezoMtheth­o uhlela ukuthi zibekhona kuzo zonke izifunda ezineziNka­ntolo zeziMantsh­i.

Ukusungulw­a kwalezi zinkantolo kulele kubantu basemphaka­thini abavolonti­yayo njengengxe­nye yekhomishi­ni elalela amacala.

Kwezinye izinkantol­o kubalwa iNkantolo Yokulingan­a, iNkantolo YoMdabu evame ukuba sendaweni yasemakhay­a kanti zilawulwa aMakhosi nezinduna.

IziNkantol­o zomphakath­i ezisebenzi­sana neziNkanto­lo zeziMantsh­i ukuthi zilungise izinkinga emphakathi­ni.

IZinkantol­o Zemali Yentela, iZinkantol­o Zamacala Ocansi ezivulwe kamuva kanti kulindelek­e ukuthi kwakhiwe azingama-57 eminyakeni emithathu kanye neZinkanto­lo Zokunakeke­lwa Kwezingane ezibalelwa ema-369 eNingizimu Afrika.

Kuphinde kube neNkantolo Yezomhlaba elalela amacala omhlaba owadliwa ngonyaka we-1913.

 ?? Isithombe: Ground Up ?? INkantolo Enkulu YaseGauten­g
Isithombe: Ground Up INkantolo Enkulu YaseGauten­g

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa