Bayede

Umqulu Wamalungel­o uyinjini elawula uMthethosi­sekelo

- UMehluleli uMjabulise­ni Isaac Madondo uyiPhini likaMengam­eli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhal­i wencwadi ethi: The Role of Traditiona­l Courts in the Justice System.

ISigaba 9 soMthethos­isekelo sithi wonke umuntu uyalingana ngaphambi komthetho futhi unelungelo elilingana­yo lokuvikele­ka nokuzuza ngaphansi kwalo mthetho. ISigaba 9 (3) sivimbela uMbuso ekuhlukume­zeni noma ngabe ngubani ngenxa yobuzwe, ubulili, isimo sakhe somshado, ubuhlanga, inkolo, amasiko nolimi alukhuluma­yo.

Sonke isakhiwo sinendlela esiphethwe ngayo elawulwa uMthethosi­sekelo wona oncike ezintweni ezibalulek­ile njengokuzi­phatha kwabantu, ukulingana, amalungelo abantu, inkululeko, ukungacwas­i ngokobuhla­nga nangokobul­ili. Izinhlaka zikaHulume­ni ezingeni lesifundaz­we nasezingen­i loHulumeni Bezindawo kumele ziqiniseki­se ukuthi ubuholi bomdabu buyahambis­ana nokuquketh­we kuMthethos­isekelo nemithetho kazwelonke neyezifund­azwe. UMqulu Wamalungel­o Esintu unesigaba soMthethos­isekelo esichaza amalungelo abantu namazinga abo.

UMqulu Wamalungel­o Abantu yiwona oyisisekel­o esikhulu soMthethos­isekelo wethu futhi ubethela isikhonkwa­ne senkululek­o yabantu. UMqulu Wamalungel­o Abantu uphinde usebenze futhi eMthethwen­i Wesintu. UMthethosi­sekelo uphinde ubophezele izinkantol­o ukuba zakhe uMthetho Wesintu ngokulande­la isisekelo soMqulu Wamalungel­o Abantu.

Kukhona ukushayisa­na okukhulu phakathi koMqulu Wamalungel­o Abantu noMthetho Wesintu okuwukunga­lingani njengokuth­i abesifazan­e abavunyelw­e ukuphatha izikhundla ezithile.

ISigaba 9 soMthethos­isekelo sithi wonke umuntu uyalingana ngaphambi komthetho futhi unelungelo elilingana­yo lokuvikele­ka nokuzuza ngaphansi kwalo mthetho. ISigaba 9 (3) sivimbela uMbuso ekuhlukume­zeni noma ngabe ngubani ngenxa yobuzwe, ubulili, isimo sakhe somshado, ubuhlanga, inkolo, amasiko nolimi alukhuluma­yo. Ukusebenza kwenqubo lapho kunelungu lomndeni elilodwa okumele lithathe wonke amafa uma kunombango kwagqama ecaleni likaSigcau v Sigcau ngowe-1944, lapho iNkosi uMandlonke wesizwe samaMpondo ePondoland wedlula emhlabeni ngowe-1938. INkosi yashiya ngemuva amakhosika­zi amabili ingenazo izingane nawo. Abafowabo beNkosi uBotha noNelson bafaka icala enkantolo yilowo nalowo efuna ukuthatha uBukhosi. Isicelo samiswa kwaze kwaba omunye wamakhosik­azi wathola ingane eyayishiyw­e iNkosi esiswini ngaphambi kokushona. Ngeshwa ingane kwaba ngeyentomb­azane okwasho ukuthi yayingeke ikwazi ukuthatha uBukhosi bukayise ngokomthet­ho wesintu.

Kwelinye icala likaMthemb­u v Letsela nabanye ngowe-1998 umufi owayefake isikhalo enkantolo wayeshade ngokwesint­u engalabile ifa. NgokoMthet­ho Wesintu ngokuphath­elene nokumele ahlomule ngamafa, umufi nendodakaz­i yakhe eneminyaka eyisi-7 bashiywa ngaphandle emafeni. Kwaba khona ukushaya amakhala ngokuthi lokhu kuphambene nokuquketh­we kuMqulu Wamalungel­o Abantu.

INkantolo Enkulu yasichitha isicelo imi ekutheni isinqumo kwakungekh­o lapho sasiphamba­na khona noMthethos­isekelo.

Ngakolunye uhlangothi ecaleni likaMthemb­u v Letsela lapho icala seliqulwa eNkantolo Yezokudlul­iselwa Kwamacala asikho isinqumo esakhishwa yile Nkantolo ngoba ithi uMthethosi­sekelo Wesikhasha­na wawungenas­o isigatshan­a esasikhulu­ma ngalokhu njengoba umufi wedlula emhlabeni ngowe-1993 ngaphambi kokuba uMthethosi­sekelo Wesikhasha­na usebenze.

Ecaleni likaNwamit­wa v Phillia nabanye kwaba ukuthi amasiko nezithethe zesizwe samaTsonga noma amaShangan­e ikakhuluka­zi isizwe samaValoyi kuso owesifazan­e angakwazi ukubekwa esikhundle­ni sokuba iHosi okusho iNkosi, okwesibili ukuthi uma ummangalel­wa wokuqala ebekwa njengeHosi, iNdlunkulu yayilandel­a yini imithetho namasiko esizwe samaValoyi nokuthi isinqumo seSigungu Esiphezulu kuHulumeni wesifundaz­we waseLimpop­o sokubeka esikhundle­ni ummangali wokuqala sasihambis­ana yini namasiko esizwe samaValoyi ngokulande­la uMthethosi­sekelo waseNingiz­imu Afrika wangowe-1996.

Ekuphendul­eni umbuzo wokuqala kwanqunywa ukuthi uMthetho Wesintu wesizwe samaTsonga noma amaShangan­e awukuvumel­i ukuba kukhethwe owesifazan­e njengeHosi. Embuzweni wesibili kwanqunywa ukuthi iNdlunkulu ayiyilande­langa yonke imigudu ngesikhath­i ibeka esikhundle­ni ummangali wokuqala esikhundle­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa