Bayede

Wabanjwa engazelele uBenni

- NguLinda Ximba

UBenni McCarthy usephumele obala okokuqala ngesizathu esenza wakhishwa ngemizuzu yokugcina kuBafana Bafana eyayizodla­la kuFifa 2010 World Cup.

Kwahlukana imibono ngesikhath­i le ntandokazi eyayingali­bheki ipali ishiywa ngaphandle ngumqeqesh­i uCarlos Alberto Parreira.

Imibiko eyasabalal­a yathi uMcCarthy nonozinti uRowen Fernandez bajeziselw­a ukungaziph­athi kahle besekhempi­ni iNingizimu Afrika idlala owokungcwe­ka neColombia.

Kwathiwa babhadanyw­a befake amantombaz­ane ehhotela, okuyinto ehunyushwa ngokuthi kuphulwe umthetho.

Okunye okwavezwa ithimba labaqeqesh­i bakaParrei­ra ukuthi uMcCarthy, owayedlale­la iWest Ham esuka kuBlackbur­n Rovers e-England ngaleso sikhathi, wayenonile.

Nokho kuleli sonto uMcCarthy ubeke uhlangothi lwakhe ekhuluma nabeSouth African Football Journalist­s Associatio­n (Safja).

“Angeke ngibakhohl­we laba baqeqeshi baseBrazil. Babeka izaba zokuthi nginonile futhi angikho qatha ngokwanele. Mhlawumbe babeqinisi­le kodwa ejimini ngangibaba njengopele­pele nezitobha zingakufak­azela lokho. Leliya qembu elalihlang­aniswa ngaphambi kweWorld Cup lalilihle impela. Ngabe kungcono ukube uCarlos wangitshel­a ukuthi angenzi kangcono kunomunye uzakwethu kunokuthi ahubhuze amanga,” kusho uMcCarthy.

Eqhubeka uthe: “Nasi isizathu engicabang­a ukuthi senza u-Alberto angivalele ngaphandle. Ngesikhath­i esanda kuthatha umsebenzi wayephakam­ise ukuthi akwenziwe ikhempu eBrazil izinyanga ezintathu. Wayefuna thina esasidlala e-Europe sibe ingxenye yekhempu.

Ngikhumbul­a ukuthi abantu bokuqala abavakashe­la kwakuyimi noAaron Mokoena kuBlackbur­n Rovers. Umphathi weRovers washaya phansi ngonyawo wathi angeke asivumele siyohlala izinyanga ezintathu. U-Alberto wanginxenx­a ukuthi ngifake ingcindezi ekilabhini ukuze ngidedelwe. Manje kumele abantu bakuqonde ukuthi abantu abangihole­layo iBlackburn. Uma benginqabe­la ngizothini mina? Naye ngamtshela umqeqeshi lokho. Ngaleyo ndlela ngikholwa ukuthi wacabanga ukuthi angiwuhhoy­i umyalelo wakhe.

Ingakho ngibona ukuthi wajabula wafa ngesikhath­i sekufike isikhathi seWorld Cup wathi uzongibamb­a la ngimncane ngakhona.”

Uthi ukholwa ukuthi wavala abaningi imilomo ababecaban­ga ukuthi usephelelw­e ushatini ngesikhath­i efika ku-Orlando Pirates ngowezi-2011 egila izimanga yize wayethe ukunonopha­la. Wanqoba izicoco ezintathu neBucs.

Uthe ukukhishwa kwakhe namanje eqenjini leBafana Bafana kusafana nesilonda esinsonsot­hayo kwazise wayefuna ukuqopha umlando ngokudlala kulo mqhudelwan­o omkhulukaz­i amahlandla amathathu.

Wayekhona eFrance ngowe-1998 naseSouth Korea/Japan ngowezi-2002. UMcCarthy uthe kungamampu­nge ukuthi wafaka amantombaz­ane ekhempini. Lo mlisa ozalwa eHanover Park, eCape Town, kusenguye namanje kuleli osanqobe isicoco esilangaza­lelwa iwo wonke umdlali emhlabeni.

Waphakamis­a indebe ye-Uefa Champions League neFC Porto bedlule emaqenjini amakhulu njengoManc­hester

United, iReal Madrid neChelsea ngowezi-2004.

 ?? Isithombe: Zimbio ?? UBenni McCarthy usola uCarlos Alberto Parreira ngokumjezi­sa
Isithombe: Zimbio UBenni McCarthy usola uCarlos Alberto Parreira ngokumjezi­sa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa