Bayede

Izovala isikhala semeneja iBSA

- NguLinda Ximba

Sekulindwe ukuba kuphele ukhuvethe bese kuqokwa imeneja entsha yakwaBoxin­g South Africa (BSA) ezovala isikhala esivuleke ngokushona kukaFranci­s Manning.

UManning udlule emhlabeni ngoMbasa ngemuva kokuxinwa ukugula. Ubethathe indawo kaLes Andreason owathatha umhlalapha­nsi ngonyaka odlule.

USihlalo weBSA, uDkt Peter Ngatane, waveza ukuthi uma seludlulil­e ukhuvethe bazokwenza inkonzo yokubungaz­a iqhaza alibamba uManning. Ikhono likaMannin­g, obekhonze ukufuya, lamenza waqokwa njengonomp­empe nejaji ngaphansi kweAfrican Boxing Union neWorld Boxing Council. Yize konke sekulele kuBSA ukuthi iqoka bani ozobamba amatomu okwesikhas­hana, kodwa umthombo waleli phephandab­a uhoshe ukuthi abaqeqeshi, izimeneja nosomankom­ane imbala bafisa kuqokwe uBonginkos­i Eric Khoza.

UKhoza, odabuka kwaCele Avenue eLamontvil­le, usedonse iminyaka engaphezul­u kwengama-30 ezihlangan­ise nezamankom­ane. Usebenza njengejaji nonompempe. Wayesebenz­a ngaphansi kuka-Arthur Nxumalo noMaurice Owen ngezikhath­i zeBoxing Control Board neBoxing Commission njengoba le nhlangano engamele isibhakela ezweni sekuyiBSA. UKhoza, ongaxoxa ngomlando wesibhakel­a kuze kushone ilanga, uqale esigabeni sama-amesha lapho edlalise abantu abanjengoP­hilip “Time Bomb” Ndou, uCassius Baloyi noMoruti Mthalane ngaphambi kokuba ngompetha bomhlaba.

Elinye igama elivelayo kwabangahl­e bagixabezw­e lesi sikhundla elikaSipho Ndaba Zondo. Nayo le nsizwa yasoLundi isebenza kuBSA njengejaji nonompempe kanti ineminyaka iyibambile ishisa.

Kodwa okungenza ingaphushe­ki kulesi sikhundla wukuthi iqashwe ngokugcwel­e kwaMasipal­a Ethekwini.

Bethintwa oZondo noKhoza ngokumatan­iswa kwamagama abo nalesi sikhundla, bathe akukho muntu wakwaBSA oseke wabathinta.

Nokho uKhoza uthe uma iBSA imjuba ukuba athathe umsebenzi, wokwamukel­a lokho ngezandla ezimhlophe.

“Isibhakela sisemithan­jeni yegazi lami.Noma ngabe ngingabizw­a phakathi nobusuku kuthiwe angenze umsebenzi walo mdlalo, ngingavuka ngokushesh­a,” kusho le nsizwa abasondele­ne naye abayibiza ngeS’lovas saseKasi.

Uma uyimeneja yeBSA ezifundazw­eni eqhatha kuzo okwenzayo ukuthi imigudu nezimfuno zilandeliw­e yini abafuna ukuqhatha izimpi. Nokucophel­ela ukuthi amalayisen­si okulwa nokuqhatha anikwa abantu okubafanel­e yini.

IBSA ithunyeliw­e i-imeyli mayelana nezinhlelo zayo ngesikhund­la. Ibingakabu­yeli ephephanda­beni.

Khonamanja­lo, yize uNgqongqos­he Wezemidlal­o Nokungcebe­leka, uMnu uNathi Mthethwa, ememezele ukuthi imidlalo efana nombhoxo nonobhutsh­uzwayo isingabuye­la ensimini, kodwa esibhakele­ni akukavulwa. Ukujima kosomankom­ane kudinga ukuthi abantu bathintane ngokushaya­na kanti basebenzis­a kakhulu izithibaga­lelo belekelelw­a abaqeqeshi nabasizi babo.

IBSA ithe bazothumel­a ithimba elizohlola ukuthi iyalandelw­a yini imithetho ebekwe uHulumeni ukuqinisek­isa ukuthi abantu abazitholi sebethelel­eka ngegciwane. Le nhlangano ibuye yaveza ukuthi bali-12 abaqeqeshi nosomankom­ane ezingaphum­elelanga izicelo zabo zemali yesibonele­lo sikaHulume­ni. Ithe isifake isimangalo kanti sekumincel­we impendulo.

 ?? Isithombe: Sithunyelw­e ?? Ngu-Eric Khoza noSipho Zondo
Isithombe: Sithunyelw­e Ngu-Eric Khoza noSipho Zondo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa