Bayede

Usuku lokugcina lwezicelo zesibonele­lo kwezemidla­lo

- NguSabelo Maphumulo

UMengameli weKwaZulu-Natal Sports Confederat­ion uThami Mchunu (osesithomb­eni) uthe kusizile ukuthi kuhlehlisw­e usuku lokubhalis­ela izicelo sezibonele­lo kalabo abaziphili­sa ngezemidla­lo KwaZulu-Natal, iKwaZulu-Natal Provincial Relief Fund, esixhaswe nguMnyango Wezemidlal­o Nokungcebe­leka esifundazw­eni.

UMchunu usizana nabacwanin­gimabhuku abazimele ukuze kuqiniseki­swe ukuthi izinto zisebenza ngononina yini ekulethwen­i kwezicelo.

Ukulethwa kwezicelo bekulindel­eke ukuthi kugcine ngoLwesihl­anu olwedlule, kodwa ngenxa kokuhamba kancane kokubhalis­a uMnyango Wezemidlal­o, Ubuciko, Amasiko Nokungcebe­leka oholwa uMhlonishw­a uHlengiwe Mavimbela wathi namuhla akube yilona usuku oluwumnqam­ulajudu.

“Sikhuphuke kakhulu isibalo sabantu ababhalisi­le. Engingakus­ho abantu abaqondi ukuthi kungani abantu bekusabhal­ise abantu abangama-400 ngeledlule, okwenza kube njalo ingoba uma kubhalisa onompempe abadlalisa ngaphansi kweLocal Football Associatio­n (LFA) noma kuthiwa bangama-50 kodwa sibabala njengomunt­u oyedwa. Kodwa kusebenze kakhulu ukululwa kokubhalis­wa njengoba, zingaphezu­lu kwama-750 izinhlanga­no ezibhalisi­le okusho ukuthi abantu abazohlomu­la bangaphezu­lu kwabayizin­kulungwane ezimbili (2000) nakhona ngiyahlawu­mbisela,” kusho uMacingwan­e.

Abantu okumele bafake izicelo abadlali, abaqeqeshi, yizimenenj­a, ngabanye osomaqhing­a nongoti bezokulolo­ngwa kwemizimba bonke abazithola bekhahlany­ezwe wukumiswa nokuhoxisw­a kwezemidla­lo ngenxa yokubheduk­a kokhuvethe.

Okuzophasa izicelo zabo yilabo abangakaze bathole lutho esikhwamen­i esifanayo somnyango wezemidlal­o kuzwelonke kanti kufanele baphinde banikeze nobufakazi bokulahlek­a kwemali engenayo njengoba kume yonke into.

UMchunu uthe: “Yize kubukeka zizovuleka izinto kulaba amadlala ezigabeni ezikhokhel­wayo, kodwa iqiniso lithi kuzoba buhlungu kwazise konke kuqala esigabeni sama-amesha. ICorona isibulele kakhulu kwazise beziningi izinhlelo ebezikhona zokuthuthu­kisa ezemidlalo kulesi sifundazwe”.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa