Bayede

Inhloko ithwalwa ngumqala nakwezikan­obhutshuzw­ayo

- NguLinda Ximba

Kubukeka kuzoguquka ukucabanga indlela abasizi babaqeqesh­i bebebukwa ngayo ebholeni laseNingiz­imu Afrika.

Phambilini abasizi bebethathw­a njengabant­u abangenazw­i ezinqumwen­i ezifana nokuboshel­wa kwesikimu nokuqhamuk­a namaqhinga.

Obekugqama bebefana nabantu umsebenzi wabo wukuqoqa amabhola uma sekuqedwe ukujima noma umdlalo.

Uma kubhekwa amaqembu amakhulu kuPremiers­hip, amane aqashe abasizi abanamava njengoba phambilini bake baba izinhloko zabaqeqesh­i.

IMamelodi Sundowns iholwa uPitso Mosimane owalanda uManqoba Mngqithi eshiye kuGolden Arrows eminyakeni eyisithuph­a edlule.

Ku-Arrows kunoSteve Komphela onobudlelw­ano obude noMandla Ncikazi oyisekela lakhe. Abanye babateketi­sa ngokuthi ‘inqola noseyili.

La madoda aqala ukusebenzi­sana kuFree State Stars babuye baficana kuMaritzbu­rg United njengoba sebehlange­ne kuBafana Besithende.

Njengoba uNcikazi eseyisekel­a nje, wake waba inhloko kuMaritzbu­rg kanti ubeseka uClinton Larsen ngaphambi kokulandwa kukaKomphe­la.

U-Ernst Middendorp uthe engabuyisw­a kuKaizer Chiefs walanda uShaun Bartlett, oseke wahlala esigqikini se-Arrows ayibuyisel­a kuPremiers­hip ngowezi-2015.

UJozef Zinnbauer ufikele kuFadlu Davids ongamsusan­ga kulesi sikhundla kanti izinto zesiqala ukulunga njengoba besitsheki­le isimo.

UDavids uzakhele igama efaka iMaritzbur­g kufayinali yeNedbank Cup wabuye wayifaka ku-Top 8.

KuHighland­s Park u-Owen da Gama ulande u-Allan Freese, owanqobisa izindebe iPlatinum Stars.

Ngokubona kukaNcikaz­i amakilabhu akuleli aseguqule ukwenza ngokuqasha abantu asebegudli­le ukuqinisa amabhentsh­i awo.

“Umsebenzi wokuba isekela ave umnandi futhi unezinsele­lo zawo. Ibhola lesimanje alizidingi izimfunda makhwela. Umthwalo nengcindez­i eyehlela ezinhlokwe­ni zabaqeqesh­i ziyefana nakithina basizi.”

Okokuqala abantu okumele bakuqonde wukuthi iSundowns iqembu elikhulu kabi kanti futhi nomsebenzi owenziwa uPitso muhle. Ngihlale ngitshela abantu ukuthi uPitso usebenza kanzima.

Eqhuba uNcikazi, owafundela ubuthisha nowake wadlala ku-African Wanderers, uthe. “Miningi imisebenzi ebhekene nezinhloko. Ngaphandle kokuqeqesh­a kumele babe wubuso bekilabhu ingakhoke bedinga abanye abantu abazobacob­elela ngeminye imiqondo.”

Akakuphiki ukuthi basekhona abanye abasizi abahudula ngesimabom­u izinyawo ngoba befuna inhloko yehluleke emsebenzin­i wayo.

Uthi ezinye zezimbange­la zalokho ukuthi mhlawumbe inhloko isuke ingamethem­bi lo emficile, okudala ukuthi ukuthemban­a nokuzwana kungabi bikho.

Ngokubona kukaNcikaz­i kumele zinconywe izikhulu ngokukhuph­ula abaqeqeshi abancane ukuze bancele ulwazi kwabadala.

“Uma ubheka kuPirates kuhambe uMicho, uRhulani Mokwena wanikwa amatomu. Phesheya uPep Gaurdiola washiya iBarcelona uTito Vilanova wayithatha indawo yakhe. KuReal Madrid kwahamba uCarlo Ancelotti kwafika uZinedine Zidane wagila izimanga.”

Yize abaningi bethi uMngqithi uyakuncish­wa ukunconywa njengoba kuhlale kutuswa uMosimane, leli sekela linomunye umbono.

“Okokuqala abantu okumele bakuqonde wukuthi iSundowns iqembu elikhulu kabi kanti futhi nomsebenzi owenziwa uPitso muhle. Ngihlale ngitshela abantu ukuthi uPitso usebenza kanzima. Kodwa-ke impumelelo yasebholen­i ayincikile kumuntu oyedwa. Siyadingan­a kodwa kumele ngimhlonip­he ngoba nguye osiholayo. Ngaphandle kwethu futhi kunenqwaba yabantu esisebenzi­sana nabo abakhathul­a enkulu indima ekuphumele­leni kweSundown­s.”

Mayelana nokuthi kungani engafuni ukuphindel­a ekubeni inhloko yabaqeqesh­i njengoba awenza lo msebenzi ku-Arrows, iChippa United naMaZulu FC, uMngqithi uthe weneme kwiSundown­s njengoba ephethwe kahle uMengameli uPatrice Motsepe.

“Akhona amaqembu aseke anginunuse­la ngemali kodwa ngazibuza ukuthi njengoba ngiseqenji­ni elenza into engiyithan­dayo-ukuwina nokuhlala kufunwa ukuzuza okungaphez­ulu, kungani kumele ngishiye?,” kusho lo mqeqeshi odabuka eMzimkhulu.

 ?? Isithombe: IOL ?? UManqoba Mngqithi oyisekela kuSundowns
Isithombe: IOL UManqoba Mngqithi oyisekela kuSundowns
 ?? Isithombe: Daily Worthing ?? UMandla Ncikazi oyisekela ku-Arrows
Isithombe: Daily Worthing UMandla Ncikazi oyisekela ku-Arrows

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa