Bayede

Izimayini nokhuvethe

- ngu-Anathi Mtaka

Izinyunyan­a ziyavumela­na ngokuthi izisebenzi zibhekene nenkinga yokwenyuka kwesibalo sabathelel­eka ngokhuveth­e ezimayini. Umbuzo ezinawo ngothi abezimayin­i ngabe abanazwelo yini ngempilo yabantu njengoba zibasola ngokuthi abazange balandele imigomo nemibandel­a yokudambis­a ukubhebhet­heka kwegciwane iCorona.

Amathumbu omhlaba awumalamul­ela empini yokukhulis­a umnotho waseNingiz­imu Afrika futhi ayisikhali sokulwa nobubha kanye nokwakha imisebenzi kodwa kungenzeka ukuthi ngalesi sikhathi umhlaba uvakashelw­e ifu elimnyama lokhuvethe abasebenza (abavukuzi) kuwona babe sengcuphen­i. Inyunyana iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) ithi imboni yezokumbiw­a phansi ayilandela­nga izinyathel­o ezifanele ukusiza ukubambeze­la ukusabalal­a kokhuvethe.

Ngokweziba­lo kutholakal­a ukuthi kubavukuzi asebebuyel­e emisebenzi­ni bangama-679 osekuthola­kale ukuthi banegciwan­e iCorona. UMkhandlu Wezokumbiw­a, iMineral Council, uthi izimayini aziyiso isizinda segciwane iCorona futhi usuthathe udaba nalabo abathi le mboni iyisizinda sokhuvethe eNingizimu Afrika. UMkhandlu uthi lezi zinsolo azilona iqiniso futhi zisabalali­sa ukwesaba phakathi ezisebenzi­ni nasemiphak­athi abahlala kuyo.

UNobhala Jikelele weSaftu, uMnu uZwelinzim­a Vavi, uthe imboni yezimayini ayinendaba nokuphepha kweziseben­zi. “Ngaphambi kwanoma yini enye uHulumeni wathobela ukucindeze­lwa abaphathi bezimayini futhi kwavulwa le mboni ngaphansi kokuthi ingebalule­kile. Le mboni ingenye esemuva uma kukhulunyw­a ngokulande­lwa kwemigomo. Kuyona akukho ukuqhelela­na kwabantu, izimpahla zokuzivike­la nezibulali­magciwane. Kuqhutshwa ukuba kukhiqizwe ngazo zonke izindlela ngisho zinezindle­ko kodwa okukhona ukuthi izindleko kulokhu kungabaseb­enzi” kuphetha uVavi.

Inyunyana i-Associatio­n of Mineworker­s and Constructi­on Union (AMCU) isinxuse abaholi abasemkhak­heni wezokumbiw­a ukuthi baqiniseki­se ukuthi kukhona ezinye izinyathel­o ezizosiza ekunciphis­eni ukubhebhet­heka kwegciwane iCorona. UMengameli we-AMCU, uMnu uJoseph Mathunjwa, uthe abaphathi bezimayini kufanele baqiniseki­se ukuthi ukuqhelela­na kwabantu kuyenzeka ezimayini.

“Lezi zimayini kufanele ziphoqwe ukuba zibe nezindlu zazo zokucwanin­ga. Zenza inzuzo enkulu ngonyaka wezimali owedlule ngakho zingakwazi ukwakha lezi zindlu. Lezi zimayini zihlulwa ukulandela izinhlelo zazo zezisebenz­i. Ziningi izinto ezizokwenz­eka ngaleli gciwane uma lo Hulumeni ungathathi izinyathel­o ezinqala ukubona ukuthi lezi zimayini ziyahambis­ana yini nemigomo.”

UMathunjwa uthe kufanele zonke izisebenzi zihlolelwe leli gciwane noma ngabe azikhombis­i izimpawu zokuba nalo. NgoNhlaba uMnyango Wezokumbiw­a ushicilele imithetho yezimayini ezazizoseb­enza ngesikhath­i sokhuvethe futhi wawushilo ukuthi ukwehlulek­a ukulandela le mithetho kwakuzoba yicala.

Ngenyanga uMbasa uHulumeni wanciphisa imigomo ethize yemvalelwa­khaya ezimayini ukuze zisebenze kodwa ngeziseben­zi ezingama-50%.

Ukushicile­lwa kabusha kwemigomo kwakulande­la isinqumo senkantolo esasibeka ukuthi abaqashi kufanele benze inqubo yokuziphat­ha eyayizokwe­nza kunciphe ukwanda kokuthelel­ana ngegciwane iCorona. Imigomo emisha eyayishici­leliwe yayikubeka ngokucacil­e ukuthi umphathi kwakufanel­e ahlinzeke izisebenzi ngezinto zokuzivike­la, izisebenzi ezingenayo zihlolwe kuthi izindawo okuhlala kuzona izisebenzi zihlanzwe ngezibulal­imagciwane.

Iqiniso ngezimayin­i ukuthi zingezinye zezimboni eziwumgogo­dla womnotho waseNingiz­imu Afrika ngakho kufanele nabasebenz­a kuzona bavikelwe ngalesi sikhathi izwe likhungeth­we yifu elimnyama. Uma kushayeka kakhulu le mboni ezomnotho zezwe zizobantek­enteke ukudlula lokhu eziyikho.

 ?? Isithombe: IOL ?? UMnu uZwelinzim­a Vavi
Isithombe: IOL UMnu uZwelinzim­a Vavi
 ?? Isithombe: Biznews ?? UMnu uJoseph Mathunjwa
Isithombe: Biznews UMnu uJoseph Mathunjwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa