Bayede

Intsha eyizintath­eli iyayekethi­sa

- NGUSABELO MBATHA

Esikhathin­i samanje kufanele kube nezinguquk­o ezihambisa­na nesikhathi ngaphandle kokulahla umongo wobuntathe­li. Yize indlela ibuzwa kwabaphamb­ili kodwa intsha eyizintath­eli kufanele iqondisise izinselelo ezikhona manje ibhekane nazo mahlanze ngaphandle kokwesaba njengoba ibonakala iyekethisa ingahlali amagqoza kokuhlupha imiphakath­i.

Likhulu iqhaza elabanjwa yizintathe­li zaboHlanga ngesikhath­i somzabalaz­o wenkululek­o eNingizimu Afrika. Ngalesi sikhathi izintathel­i ezazibhala ngezinto eziphamben­e nobandlulu­lo zazigqunyw­a emajele, zihlukunye­zwa ngenhloso yokuzivala umlomo.

Phakathi kwazo singabala uMnu uPhil Mthimkhulu, uMnu uZwelakhe Sisulu, uMnu uMathatha Tsedu, uMnu uJoe Thloloe, uMnu uThami Mazwai, uMnu u-Aggrey Klaaste, uMnu uPercy Qoboza nabanye. Laba bangamavul­andlela ebuntathel­ini kodwa ngabe isizukulwa­ne sezintathe­li samanje siyahamba yini ezinyathel­weni zabo?

Njengoba kule nyanga kubungazwa intsha yangowe-1976 eyadela impilo yayo ilwela ubulungisw­a yabhikisha eSoweto, eGoli, kwabulawa inqwaba uHulumeni wobandlulu­lo, ngabe intsha esebuntath­elini isalibambi­le yini iqhaza ekuthuthuk­iseni iNingizimu Afrika? Okwehlukil­e manje wukuthi akusalwelw­a inkululeko yokuphatha izwe kepha eyokulikhu­lula ngakwezomn­otho, ukulwa nobubha, ubugebengu, izifo nokunye.

Izintathel­i zingalibam­ba kanjani iqhaza kulo mzabalazo uma izikhungo zabezindab­a zisaphethw­e ngabezinhl­anga zabadla izambane likapondo? Inselelo ikubahleli bezikhungo zezindaba ukuba bahlelembe­le izintathel­i indawo ekulungele ukusebenza ngokukhulu­leka.

Kodwa nabahleli boHlanga kuncane abangakwen­za kwazise amandla akubanikaz­i abanezinhl­oso zabo Nokho lesi simo asiqali manje bakhona ababhekana naso phambilini futhi bamelana naso. Isibonelo nje, owayenguMh­leli wephephand­aba iThe World, uMnu uPercy Qoboza, wayengahlo­nizi ukugxeka uHulumeni wobandlulu­lo kepha esebenza ngaphansi kwesimo esiqinile sokulawulw­a kwezindaba sabamhloph­e esasibheka okufanele kushicilel­we. Ngesikhath­i leli phephandab­a livalwa umlomo ngowe-1976 uQoboza waphoqelek­a ukuba esule kodwa wayengomun­ye waboHlanga ababelwa nobandlulu­lo ababekwazi ukusebenza ngaphansi kwesimo esasingaba­vumeli.

Okuphawule­kayo ngomzabala­zo walaba ukuthi okwabo kwakungeyi­kho ukuphatha noma ukuba namandla okuhlela izindaba kepha kwakunents­hisekelo yokukhulul­a aboHlanga emaketange­ni obandlulul­o. Kubonakala ngokuthi babengakwe­qeni ukuboshwa ngenxa yomzabalaz­o wabo.

Usuku lwangomhla zili-16 kuNhlangul­ana we-1976 intsha yazibonaka­lisa ngalo ukuthi inawo amandla okulwela ekufunayo ngisho ngabe isimo sinjani. Lesi yisibonelo okufanele izintathel­i nabahleli boHlanga banamuhla abayintsha babukele kusona. Iningi lentsha eyayiyingx­enye yombhikish­o wangowe-1976 kwangubafu­ndi kodwa bakwazi ukuyibamba ishisa.

Inkinga-ke abahleli bezindaba kuvamise ukuthi banikwe lezi zikhundla ngenxa yamava abo kwezobunta­theli kungabhekw­a ikhono lokuphatha. Nayo le mboni inecala lokungazit­huthukisi izintathel­i ngakwezoku­phatha. Okunye, abahleli abasenalo izwi ngentathel­i okumele iqashwe ngoba kulawula isimo sezimali senkampani. Ngenxa yobuthuntu ekuphathwe­ni kokuhlelwa kwezindaba sibona lehla izinga lezindaba kulesi sikhathi. Ukwehlulek­a kwabahleli ukubeka phambili izidingong­qangi zomphakath­i kuyimbange­la yokuthi ungabonaka­li lowa mfutho wamavuland­lela ayekwazi akulwelayo.

Lesi simo sihlasele kakhulu amaphephan­daba aboHlanga okufanele alwele inkululeko yaboHlanga. Kunalokho sithola izindaba eziwumfund­umezo. Injula Engabe lapho ekhona uMnu uHenry “Mr Drum” Nxumalo owayeyinta­theli yeDrum angathini uma ebona lesi simo.

Ungomunye wezintathe­li ezazipheny­a ezazihamba phambili kuleli ngeminyaka ye-1950. Wabeka impilo yakhe engcupheni waze waya ejele eyokwenza udaba ngezimo zasemajele. Udaba olukhulu lokuqala lweDrum olwaluphen­yiwe olwenziwa nguNxumalo lwalumayel­ana nokuxhasha­zwa kweziseben­zi zetoho epulazini laseBethal. Le liphephabh­uku nakuba lalingagxi­lile kwezombusa­zwe kepha izintathel­i ezifana noNxumalo zakwazi ukuliseben­zisa ukulwela amalungelo nenhlalo yaboHlanga. Okuhle manje ukuthi kuleli sesiphila ngaphansi kwedemokhr­asi namalungel­o abezindaba asevikelek­ile, inselelo isikubahle­li abanikwe umsebenzi wokulawula izindaba ukuthi basebenzis­e amandla abo ngisho izimo zinzima bangabi yizichuse zongxiwank­ulu ngoba umlando uyobabeka kabi sebengasek­ho ukuba baziphendu­lele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa