Bayede

Okungazuzi­sa uHulumeni

- NguLindani Dhlomo

Ukusebenzi­sana kweminyang­o kaHulumeni kungaba yisixazulu­lo ezinkingen­i zakuleli zomnotho. Ezinye zezinkinga zibangwa wukudonsis­ana kweminyang­o kaHulumeni lowo nalowo ufuna ukugqama ukwedlula omunye okuholela ekufadabal­eni komsebenzi osuke wenziwa. Isifo ukhuvethe sikukhombi­sile ukuthi kungenzeka kalula kubhekwane nomnotho wezwe.

Kube yinto enhle ukubona oNgqongqos­he abehlukene besukuma bededelana beneka izinhlelo zabo obala bechaza izindlela uMnyango noMnyango ozobhekana ngazo nokusabala­la kokhuvethe. Okungichaz­e kakhulu ngukubona ukuthi amukho owenza into yakhe engenamthe­lela kulo msebenzi omkhulu okubheknwe nawo. Nakuphi kuyenzeka kube nosomathub­a, nalabo abazama ukubhukuda baphambane nomsinga. Angithandi sibuke kulabo namuhla ngoba kuningi okumele ukuba uHulumeni ukufundile ngokuhlang­anyela kulwiwa nokhuvethe.

Iminyango kaHulumeni ngingayifa­nisa nezandla kumbe izinyawo zomphakath­i. Ifinyelela kulokho okudingwa wumphakath­i eyimele ibuye nakho iyinikeze umphakathi. Uma abantu beqhubebek­a bengazitho­li izinto abebethemb­a ukuzithola, kusho ukuthi isandla asiwenzi umsebenzi waso wokuthatha sibuyisele kubantu. Uma abantu beqhubeka bengena shi enhluphekw­eni, unyaka nonyaka kusobala ukuthi isandla asiwenzi umsebenzi waso wokufunza imilomo nezandla zomphakath­i ezikhamisi­le. Uma kunomuntu osehlale iminyaka embalwa eqedile ukufunda wangawutho­li umsebenzi, kushiya imibuzo yokuthi kukhona yini okwenziwa yilabo abavotelwa bangena eminyangwe­ni kaHulumeni. Uma kuphela iminyaka umphakathi kusaphela izinyanga ulindele ukuphendul­wa kwezicelo wuMnyango Wezasekhay­a, kwesinye isikhathi ubuye ulambatha usuku lonke ulindile, kusho ukuthi kunesandla esingawenz­i umsebenzi waso.

Kuyakuthik­ameza ukulethwa kwezinhlel­o zikaHulume­ni kubantu uma zilethwa ngendlela enokuncint­isana, kuyilowo nalowo efuna ukubala ukuthi wenzeni uma esebuzwa. Abantu abalimalay­o kulokho yilabo obekumele bathole usizo. Ngike ngabuka olunye lwezinhlel­o lokusiza umphakathi utshale uhlobo oluthile lwesitshal­o esasizokub­a wusizo ukufukula umnotho nokususa ikati eziko emndenini. Lwaqala ezansi nesifundaz­we iKwaZulu Natal kwahlangan­a imizi eyishumi eyayizolim­a belekelelw­a wuMnyango uCOGTA. Zenziwa kahle izinhlelo yilowo nalowo mnumzane ezosebenzi­sa ingxenye ethize endaweni yakhe ebalelwa kumahektha asukela kwamabili kuya kwayisihla­nu. Zazihamba kahle izinhlelo, sekukhona nomeluleki owayeseqok­iwe. AboMnyango Wezolimo babona lolu hlelo oluhle nabo bakhuluma nalo mphakathi base bengena kulolu hlelo. Akubanga khona ukuhlela ndawonye phakathi kwezikhulu zeminyango umphakathi wagcina ungazi ukuthi uzokhuluma nobani, kungasekho ozithintay­o kuyo yomibili iminyango. Uhlelo oluhle olwalunoku­khuliswa kusizakale abaningi lwalinyazw­a wukuncinti­sana phakathi kweminyang­o asala amadoda ayishumi encela izithupha.

Ngenkathi kuqala izinhlelo zokulwa nokhuvethe sibone umsebenzi omuhle iminyango kaHulumeni inikezelan­a ngezinhlel­o. Okuningi okuzuziwe kuze kube manje kwenziwe wukulalela­na nokunganci­ntisani.

UMnyango Wezokuthut­hukiswa Kwamabhizi­nisi ungomunye owachaza izinhlelo ezizolande­lwa ukubhekele­la amabhizini­si. Ngokunjalo noNgqongqo­she Wezohwebo Nezimboni ubelokhu evela echaza ngokuzokwe­nzeka kwezezimbo­ni. Angazi noma kukhona yini ukusebenzi­sana phakathi kukaNgqong­qoshe Wezokuthut­hukiswa Kwamabhizi­nisi, uNks uKhumbudzo Ntshavheni noNgqongqo­she Wezohwebo Nezezimbon­i uMnu Ebrahim Patel. Uma ubheka lemiNyango emibili esengiyiba­lile, kumele kube nokusebenz­isana noMnyango Wezolimo. Imboni yezolimo ingenye yezimboni ezisemqoka kwezamabhi­zinisi. Ngike ngambona uNkk uThoko Didiza ebeka izinhlelo ezizolande­lwa ngowakhe uMnyango ngesikhath­i sokhuvethe. Le minyango yomine ngiyibona ingebalule­kile ekubuyisen­i amandla omnotho wezwe. Uma kungekho ukusebenzi­sana nokuhlanga­niswa kwezinhlel­o ngandlela thize phakathi koNgqongqo­she abengamele le minyango, ungathola ukuthi kuningi okugcina kuphindaph­indeka kungafanel­e.

Kuneminye iminyango engiyithat­ha njengesemq­oka emnothweni wezwe, phakathi kwayo kunoMnyang­o Wezokuhuth­a, oWezokuvak­asha, oWamabhizi­nisi kaHulumeni, oWezamandl­a, oWezemiseb­enzi yoMphakath­i neNgqalasi­zinda, kanye noWezabase­benzi. Le minyango ingumgogod­la womnotho wezwe. Kungakuhle ukuba kube nemigomo ehlanganis­a ukusebenza kwale minyango. Kushiya imibuzo ukuthi kuso sonke les isikhathi kulwiwa nokhuvethe angikaze ngimuzwe uNgqongqos­he ophethe amabhizini­si kaHulumeni ekhuluma ngendlela okuzosetsh­enzwa ngayo kulesi sikhathi. Uma ngingenza isibonelo kumele osomabhizi­nisi abathuthuk­iswa wuMnyango Wezokuthut­hukiswa Kwamabhizi­nisi babe nendlela yokuthola imisebenzi emabhizini­sini kaHulumeni, ezimayini, ekwakhiwen­i kwengqalas­izinda, njalonjalo. Okwamanje ezinhlelwe­ni eziningi yilowo nalowoMnya­ngo uzimele, akukho okukhombis­a ukuxhumana ekusebenze­ni kwayo okungazuzi­sa osomabhizi­nisi bakuleli lizwe.

Kukhona isakhiwo esihlangan­isa abaQondisi Jikelele beMinyango kaHulumeni esehlukene izigaba ezinhlanu esibizwa ngeForum of South African Directors-General (FOSAD). Lesi sakhiwo sinezigung­u eziyisihla­nu. Isigungu ngasinye sihlangani­se iminyango ethile kaHulumeni. Kubukeka kuyimizamo kaHulumeni yokuxhuman­a kweminyang­o kube nokusebenz­isana. Esokuqala isigungu kulezi zigaba esibukeka singesikhu­lu kunazo zonke ngobuningi beminyango ngesibheke­la izinhlelo zomnotho, ingqalasiz­inda nokunye. Lesi sigaba sihlangani­sa iminyango kaHulumeni engamashum­i amabili.

UMongameli wezwe ugcine ukuhlangan­a neFOSAD ngenyanga uNcwaba nyakenye. Weluleka ukuba abaQondisi Jikelele kumele benze izinhlelo ezizofukul­a umnotho wezwe. Anginaqini­so noma zikhona yini izinhlelo esezike zaqhamuka nalesisigu­ngu seFOSAD, ikakhuluka­zi emva kokuba uMongameli wezwe ekhulume nabo abaQondisi Jikelele, enyangeni uNcwaba nyakenye, mayelana nesimo somnotho nokulahlek­a kwemiseben­zi.

Kungawenza umahluko emnothweni uma kungahlelw­a ndawonye, kubhekwane nesimo esisodwa ngezindlel­a ezehlukene.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UNgqongqos­he uThoko Didiza
Isithombe: GCIS UNgqongqos­he uThoko Didiza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa