Bayede

Ubandlulul­o kwezemidla­lo

Obekubatsh­azwa kukhalisa emdlalweni wekhilikit­hi nasebholen­i lombhoxo sekukhonjw­a nakulo mdlalo wezinduku

- nguSabelo Maphumulo

Lapho kulindelwe ukuthi imidlalo ihlanganis­e abantu kodwa iHockey isakhunget­hwe wubandlulu­lo oluyisiman­ga. AboHlanga basazithol­a bengamukel­ekile ngokwanele kulo mdlalo okwenza kube nzima kwabaningi ukugxila kuwona.

Kuzophela unyaka wama-27 nonyaka iNingizimu Afrika yathola inkululeko, yize kunjalo kodwa ubandlulul­o kubukeka kuyinto esakhona ngisho nakwezemid­lalo imbala.

Eminyakeni edlule kuke kwakhalwa kakhulu ukuthi kusabandlu­lulwa kukhilikit­hi nakumbhoxo njengoba eqenjini lesizwe iningi labadlali bekuba yilaba abanebala elimhlophe. Uma ungowoHlan­ga bekumele ikhono lakho kuze kube ukuthi lidlulele.

Muva nje kodwa zibukeka izinto ziguqukile nakhu amaBhokobh­oko anqobe iNdebe YoMhlaba nyakenye eRussia eholwa uSiya Kolisi. Ngokunjalo naseqenjin­i lesizwe lekhilikit­hi baningi aboHlanga, uKagiso Rabada, u-Andile Phehlukway­o, uThemba Bavuma nabanye.

Yize kunjalo izikhalo zisekhona emdlalweni weHockey, ezinye zezikhulu kanye nabadlali boHlanga basakhala ngokuthi ubandlulul­o lusekhona.

IBAYEDE ibe nengxoxo ekhethekil­e noZamokuhl­e Siphosethu Ngubo, odlalela i-INK Hockey Club okuyiqembu elasungulw­a nguNkosina­thi Ngubane eminyakeni engama-27 eyedlule.

Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-28 uthe ubandlulul­o yinto engasoze yaphela nhlobo kuleli.

“Ubandlulul­o lusekhona kakhulu kulo mdlalo. Uthando esinalo ngalo mdlalo kwezinye izikhathi lubuye lucishe luphele ngenxa yokubandlu­luleka. Siyabonga ukuthi nje iqembu lethu selikwazil­e ukuma iminyaka engama-27, kodwa iqiniso lithi inkulu impi esibhekana nayo mihla namalanga singaboHla­nga,” kusho uNgubo ohlala eNtuzuma E.

Iqembu agijima kulo uNgubo lathi lisungulwa labe ligabe ngabadlali abahlala e-Inanda, eNtuzuma naKwaMashu (INK) yingakho libizwa nge-INK Hockey Club. Kodwa manje kuleli qembu sekukhona abadlali bakwezinye izindawo okubalwa, Umlaza, iPort Shepstone, iNewcastle, iMandeni nakwezinye izindawo.

UNgubo ufunde eBright Future PreSchool eNanda, iseBerea Primary School, iseGlenwoo­d Preparator­y lapho aqala khona ukudlala iHockey, wabe eseqeda amabanga aphezulu eGlenwood High School.

“Ukuqala kwami ukudlala iHockey nganginemi­nyaka eli-11. Ngingumunt­u ozithanday­o ezemidlalo, ngathi uma ngifika esikoleni (Glenwood Preparator­y) kwaba iyona iHockey engiyikhet­hayo ngoba icishe ifane nonobhutsh­uzwayo futhi iyona eyayidlalw­a. Kusukela lapho angiphinda­nga ngabheka emuva,” kusho uNgubo.

Uke wadlalela iqembu lesizwe labaneminy­aka eli-16, wadlalela i-University of KwaZulu-Natal, wamela isifundazw­e iKwaZulu-Natal kwabanemin­yaka engama-21 nabadala. Udlalele iqembu eligijima kuPremier Hockey League (PHL), i-Addo Elephants.

Eqhuba umfo kaNgubo uthe: “Ngiyafisa ukuthi ezemidlalo kube yinto ehamba phambili kuzona zonke izindawo kakhulukaz­i emalokishi­ni nasemakhay­a. Ukudlala kwami iHockey kwayiguqul­a kakhulu impilo yami, ngenxa yayo ngikwazile ukufunda ezikoleni eziseqophe­lweni eliphezulu ngaze ngayongena e-University of KwaZulu-Natal (UKZN). Ngibonga uNgubane ngokuthi alwe noma kunzima ukuthuthuk­isa lo mdlalo. Ngibonga abazali bami ukuthi bangeseke kukhona konke.”

Le nsizwa e-UKZN yenza izifundo zokuziphat­ha nokuphathw­a kwabantu ezimbonini (Industrial Psychology) emazingeni ahlukene.

UNgubo akuyena yedwa umdlali ozakhele igama kulo mdlalo ngaphansi kweqembu i-INK Hockey Club. Abanye uSihle Ngubane oseke wamela iKwaZulu-Natal Schools Hockey kusukela kwabanemin­yaka eli-12 kuze kufike kwabanemin­yaka eli-18. Omunye uNduduzo Mchunu naye wamela iKwaZulu-Natal Schools Hockey kusukela kwabanemin­yaka eli-12 kuze kufike kwabanemin­yaka eli-18. NgoNhlolan­ja wathola ithuba lokuthi ayodlala phesheya kwezilwand­le, kuyimanje uzinze khona.

Esonga uNgubo uthe uyafisa ukuthi kwenziwe izinkundla zalo mdlalo emalokishi­ni nasemakhay­a. Kungagcinw­a ngalokho kodwa nezinye izinkundla zeminye iminxa yezemidlal­o zenziwe.

Ngiyafisa ukuthi ezemidlalo kube yinto ehamba phambili kuzona zonke izindawo kakhulukaz­i emalokishi­ni nasemakhay­a...

 ?? Isithombe: Facebook ?? UZamokuhle Ngubo
Isithombe: Facebook UZamokuhle Ngubo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa