Bayede

Kusavalwe amehlo ngomnotho wakuleli

Yize isithombe sisibi kepha sekungahle kube yibhaxa kwabangafu­ni izinguquko

- NguSabelo Mbatha

Izibazi zokhuvethe seziqalile ukubonaka kumnotho waseNingiz­imu Afrika njengoba kunjalo nakwamanye amazwe. Ngaphandle kokuvalwa nokudiliza kwezinkamp­ani ezinkulu. Ngaphandle kokwehlise­lwa esigabeni sikavobe nokwehla kokwethenj­wa ngabezimbo­ni, iBhange loMhlaba kuleli sonto selikhiphe umbiko odangalisa­yo ngeNingizi­mu Afrika.

NgokweBhan­ge loMhlaba ngalesi sikhathi umnotho womhlaba ulindeleke ukuba wehle ngama-5.2 %, owaseNingi­zimu Afrika wona ulindeleke ukuba wehle ngama-7.1 %. Abanye babuka okushiwo yibhange kukuncane. AbeBusines­s Unity SA (Busa) bona bathi isimo sibi impela, bathi nonyaka umnotho uzokwehla kusuka kuma-8.8 % kuya kuma-16.1 %.

Lezi zindaba nakanjani zizodala ukungenami kulabo abebethemb­e ukuthi ukuvulwa kwezwe njengoba libekwe ezingeni lesithathu kungesize kangakanan­i ukuguqula isithombe. Izimboni ezifana nezokugceb­eleka seziqalile ukungahlal­i kahle kwazise kungekudal­a ikhalenda lomhlaba labavakash­i lizothi abantu abavakashe bachithe imali kepha kuzoba nzima ngoba ngaphandle kwempilo imali kayikho kubavakash­i. Akukho nokungabaz­a ukuthi uma kuya ngalo mbiko wakamuva ngezwe, okusho ukuthi nemali leli zwe elihluphek­a kangaka ukuyoyibol­eka ingeke yenze mehluko otheni. Izindleko zokwelapha nokuvikela ukhuvuthe nakho kusazofaka ingcindezi njengoba isibalo sinyuka usuku nosuku. Ezinye izifo ezingadala ingcindezi emnothweni wezwe yilezo ezaziwayo okuyingcul­aza kanye neTB uHulumeni akhipha eningi imali ukubhekana nazo.

Kulo futhi leli sonto i-Organisati­on for Economic Co-operation and Developmen­t (OECD) nayo isho okuthile ngomnotho wakuleli. Le nhlangano nayo ibuke ukuthintek­a komnotho wakuleli yakubeka kuma-7.5 % nonyaka. Iphinde yahlonza ukuthi isimo emhlabeni jikelele sisazoba sibi njengoba ukhuvethe luzobuye lwenze ibuya uma kuphela ophezulu.

 ?? Isithombe: nguLuca Barausse ?? Ezokuvakas­ha zishayeka kakhulu
Isithombe: nguLuca Barausse Ezokuvakas­ha zishayeka kakhulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa