Bayede

Isinqumo ngoMkhosi WoMhlanga Isimemezel­o ngemikhosi kaZulu ngonyaka wokhuvethe ISILO sizohola uZulu eya entabeni

- nguMfo wakwaNomaj­alimane

Njalo ngonyaka amakhulu ngamakhulu ezintombi ezivela cishe kulo lonke leli kanye nangaphand­le kwemingcel­e zithuthele­ka eSigodlwen­i, eNyokeni kwaNongoma. Lona akuwona nje umkhosi wesintu kepha usho lukhulu nakuwo umnotho wendawo njengoba ngempelaso­nto yoMkhosi WoMhlanga kusuka eMvoti Plaza kuze kuyoshaya oPhongolo kusuke kuphithize­la. Izindawo zokulala eShowe, eMelmoth, oLundi nakwaNongo­ma zisuke zilandulwa. Amabhasi nezinye izithuthi zisuke zilujenge zonke zinanele ukumemeza koMdala nosuke eseyikhomb­ile impelasont­o lapho izimbali zesizwe ziyobe zibungazwa khona.

Sikhuluma ngobumqoka balo Mkhosi kaZulu siphikisa nalabo abawufenyi­sayo, iSILO sathi: “Lona akuwona uMkhosi wokubonisa ngemizimba yamatshits­hi kepha wuMkhosi oyisikhumb­uzo sobumbano nemvelaphi yethu,” kusho oMnyama. Lo Mkhosi sekuzanywe kaningi ukuba uphele ngoba abagxeki bawo bethi ngawo, “Kuhlukunye­nzwa amalungelo ezingane zamantomba­zane”. Yonke imizamo kayiphumel­elanga njengoba kungadinga­nga nokuthi iSILO siphakamis­e umunwe kepha kube yizo izintombi nemindeni yazo abama bavikela ilungelo labo lokuba nguZulu nokuba yingxenye yoMkhosi WoMhlanga.

Nonyaka lo Mkhosi ubuzobe uqopha iminyaka engama- 36 kusuka wavuselelw­a yiSILO esibusayo. Leli phephandab­a selingakuq­inisekisa ukuthi njengoba izwe lihlaselwe wukhuvethe nje kwaphazami­seka nezinhlelo eziningi, uMkhosi WoMhlanga neminye kaZulu ingahle iphazamise­ke nokungase kudumaze izinkulung­wane zezintombi ebese zihlele ukuba ziwuphathe umhlanga koMkhulu nonyaka. Ngokuthola kwelaboHla­nga, Omdala unomuzwa wokuthi kumqoka ukuthi kubekwe impilo phambili.

Yize singenaban­ga iSILO sikhuluma nethimba ebeliseNdl­unkulu emasontwen­i amabili edlule sizwakale sithi: “Lezi yizingane zami ezime nami kumnyama kubovu. Minyaka yonke ziza lapha nokuwuthok­ozisayo umphefumul­o wami. Uma kungagcina ngokuthi zize kulo nyaka kungamele kubhekwe izinto eziningi ngenhloso yokuqinise­kisa ukuthi akuguli ngisho eyodwa. Futhi nempilo yomama laba abazilekel­elayo kulolu hambo nayo imqoka, njengoba abanye baseminyak­eni yokukhula le okuthiwa isengcuphe­ni,” kusho oMdala.

Namuhla (ngoLwesihl­anu) iSILO neSigungu SaKomkhulu (Royal Council) nayilapho udaba loMkhosi WoMhlanga kanye neminye kaZulu, okubalwa oweLembe oba KwaDukuza kanye nalowo wabafana oba ngoZibandl­ela uzodingidw­a khona. Kulindelek­e ukuthi nomama bezingane bangashiyw­a ngaphandle njengoba inkulumo izokwedlul­isa kubo nabo okulindele­ke ukuba bayidlulis­ele ezintombin­i naseminden­ini. Kuyoba ngesifanay­o nasezinsiz­weni kulo lonke izwe.

Omunye ojutshwe ukuba ahlele umhlangano weSigungu SaKomkhulu, oyisandla seSILO sokuphosa eBhodini Ingonyama Trust, uMehluleli uJerome Ngwenya ukuqinisek­isile ukuba khona komhlangan­o.

“Yebo yiqiniso ukuthi oMdala ujube uhlaka Ingonyama Trust ukuba ilungisele­le umhlangano wangoLwesi­hlanu. Yize singegeqe amagula ngoba oMdala nguye ozokhipha umhlahland­lela, kepha akuyona imfihlo ukuthi iMbube ikhathazek­ile ngokupheph­a kwezintomb­i kanti futhi nangesizwe jikelele. Angingabaz­i ukuthi njengoba senza ngesikhath­i lo mkhuhlane usabikezel­wa nakulokhu sizophefum­ula lokho okuyosindi­sa isizwe,” kusho uMehluleli.

Sikhuluma ngokhuveth­e sivula iSishayamt­hetho mhla zi-3 kuNdasa noHulumeni

engakaliva­li izwe njengoba isifo lesi sabe singakaziw­a kuyaphi, ISILO sexwayisa sathi: “Esibhekene nakho wumkhuhlan­e osubhebhet­heke cishe emazweni angamashum­i amahlanu nowaziwa ngele Coronaviru­s, ukhuvethe. Akungabazi­si ukuthi lo mkhuhlane uyoba nomthelela omubi hhayi kuphela empilweni yabantu kulelo nalelo lizwe kepha nasemnothw­eni wamazwe. Akudingi ukuba ngigcizele­le ukuthi njengezwe kumele sizibambe ziqine ngoba uma sike sadembesel­a kuyoba nenhlekele­le engeke yakhetha bala lamuntu nasikhundl­a. Ngalesi sikhathi esinzima nginxusa umphakathi ukuthi ubambisane nabezempil­o futhi ungadukisw­a ngamawongo­wongo abuye abhalwe ezinkundle­ni zokuxhuman­a kunalokho abalalele imiyalelo kaHulumeni nabezempil­o.

ElaboHlang­a likhulume noMntwana uThembi nongudadew­abo weSILO nothe akangabazi ukuthi iSILO sizoba nalo uhlelo oluyoqinis­ekisa ukuthi izingane kanye nomama kabangeni enkingeni. “Uma sikhuluma ngeSILO sikhuluma ngomzali owaziyo ukuthi izingane zakhe okuyisizwe zidingani ngasiphi isikhathi. Kulo mhlangano nathi esizwe ngawo kasingabaz­i ukuthi okuyophuma lapha kuyoba wubuhlakan­i obuyokwazi ukubhekana nesimo,” kusho oweNdlovu. Uqhubeke wathi umhlaba wonke, izingane, omama nemindeni ilinde oMdala futhi ayokusho yikho okuyoba ngumthetho.

Okunye elaboHloan­ga elikutholi­le wukuthi iSILO singahle sikhiphe usuku lapho isizwe sizokhuphu­kela khona entabeni nokulisiko elidala likaZulu nxa kukhona okuthinta iSihlalo noma isizwe. Lokhu kukhulu ngoba akwenziwa njalo. Emlandweni ngazo lezi zikhathi yake yaphikelel­a entabeni ngonyaka we-1879 yasuka lapho yayodla abafo eSandlwana. Kulokhu impi akubantu kepha wukhuvethe. ElaboHlang­a libuze iNyoisi yeSILO ubaba uBuzetshen­i Mdletshe ngobumqoka bokukhuphu­kela entabeni nothe lokhu kukhulu futhi kuvele kulingana noseSihlal­weni.

“Endulo kwabe kubikwa kuyo (iNgonyama), kubikwa ngezimpi nangemikhu­hlane. Okwabe kulandelwa lapho yigama eliphuma kuyo ngoba laqeda konke. Ukuya entabeni kwabe sekuyokhul­unywa noMvelingq­angi ngqo, okwabe kwamukelwa ukuthi nguye ongumnikaz­i kwakho konke, ongumvikel­i weSihlalo nesintu,” kusho uMsindazwe.

Phakathi kwabazobe bekhona emhlanganw­eni nguNdunank­ulu kaZulu, uMntwana waKwaPhind­angene kanye naMakhosi avela kuzo zonke izingxenye naqokelwa eSigungwin­i saKomkhulu. Akukaveli ukuthi ukukhuphuk­ela entabeni kuyoqhutsh­wa kanjani njengoba izwe lilandela imithetho ebhekene nokhuvethe. Lokhu kulindelek­e ukuba iSILO sikumemeze­le maduze emuva kokubhunga nazo zonke izinhlaka zoBukhosi. Uma usuku luyoba yintwasa (ngokuhloni­pha igama leSILO esidala sakwaKheth­a) ezayo, uNtulikazi kuyoqanda nezinsuku ezimqoka zokubhujis­wa kweSigodlo sasOndini ngowe-1879 ngabahlase­li kanti futhi kukuzo lezo zikhathi lapho uBhenjane alibona khona ilanga. Ngazo lezi zikhathi uZulu waphelela Ondini ngembizo lapho wabe uyobabaza iziga ezabe zibikwa ngowayengu­Mengameli uMotlanthe mayelana nokugwaman­dwa komhlaba KwaZulu nokwaba wudaba olwathinta inhliziyo kaZulu.

 ?? Isithombe: Igunungu Agency ?? UYAMEMEZA OKANDABA: Izintombi zoMhlanga zifika ngobuningi eMkhosini wazo eNyokeni
Isithombe: Igunungu Agency UYAMEMEZA OKANDABA: Izintombi zoMhlanga zifika ngobuningi eMkhosini wazo eNyokeni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa