Bayede

Ukhuvethe luveze ukuthi idemokhras­i ayikho ezikoleni

Lena idinga ukusukunye­lwa ngokubambi­sana othisha, abazali namalungu omphakathi kuphoqwe uMnyango noHulumeni

- Ngu-Allen Thompson

Lena idinga ukusukunye­lwa ngokubambi­sana othisha, abazali namalungu omphakathi kuphoqwe uMnyango noHulumeni.

Njengoba sekuphela iviki lokuqala emuva kokuvulwa kwezikole ebezivalwe ngesikhath­i izwe livalwe thaqa. Kubaluleki­le ukuthi sizame ukuthola okuhle okungenzek­a ngalesi sikhathi salolu bhubhane, njengokuth­i kade kunganakiw­e ukubalulek­a kokuqikele­la inhlanzeko ezikolweni zethu, ukubalulek­a kokuba khona kwamanzi okuphuza nawokuhlam­ba izandla, ukuqashwa kwabantu abazoqikel­ela ukuthi izikole zethu, ikakhuluka­zi amakilasi abantwana nothisha abawaseben­zisayo ukuthi ahlanzekil­e ngaso sonke isikhathi.

Lolu bhubhane ukhuvethe lukwazile ukuvuselel­a onembeza kubantu baseNingiz­imu Afrika njengoba akekho umuntu obenakile ukuthi othisha basebenza noma bafundisa izingane ngaphansi kwaziphi izimo. Kuyishwa ukuthi ngesikhath­i iNingizimu Afrika ingena embusweni wentando yeningi (demokhrasi) uHulumeni wokuqala akazange abeke imfundo eqhulwini lokho sekwenze ukuthi ukufika kwalolu bhubhane emuva kweminyaka engamashum­i amabili nesithupha kusifice njengesizw­e saboHlanga sihlezi phandle othisha nabantwana bethu ezikolweni besabanga amagceke esikole namakilasi nezinkomo nezimbuzi. Kuyishwa ukuthi ngesikhath­i izwe lethu Ngabe belitataze­la likhathaze­ke ngokuthola­kala kwezimfony­o nemithi yokugeza izandla ukuze kufe leli gciwane, silibone lisatataze­liswa ukuthola amathangi amanzi okuze kwaba yimanje angakathol­akali kuzo zonke izikole ezindaweni zaboHlanga. ICorona ibeke obala ukuthi intando yeningi ayikabenze­li lutho olungako abantu abasezinda­weni ezisemakha­ya nasemaloki­shini njengoba namanje izikole zabo yizona ezihluleki­le ukuvula ngobuningi. Nazo lezo zikole ezivulile zivule ngenxa yokusatshi­swa kothishanh­loko besatshisw­a yiziphathi­mandla bagcina sebevula izikole ezingenama­nzi, ezingenama­fasitela naminyango angisakhul­umi ngezindlu zangasese.

Iningi lalezi zikole ezivulwe ngenxa yobumeneme­ne beziphathi­mandla azinazo izindlu zangasese ezanele nezisezing­eni elifanele ukusetshen­ziswa abantwana nothisha. Nakuba zivuliwe izikole ezindaweni ezisemakha­ya nasemaloki­shini uMnyango Wezemfundo uphoqiwe yizona izinyunyan­a ukuthi ucacamezel­e ufake amathangi amanzi ngobumnyam­a. Wona la mathangi afakwe ngobumnyam­a amanye awo kuzekube manje awanawo amanzi ukuze abantwana nothisha bakwazi ukuphuza nokugeza izandla baphinde basebenzis­e izindlu zangasese. Izikole ezisemalok­ishini nasezindaw­eni ezisemakha­ya zinenkinga enkulu yezindlu zangasese njengoba lezi ezinazo akungeneki kuzo kwazise amanzi awekho noma abekho nabantu abaqashiwe ukuqikelel­a ukuthi zihlala zihlanzeki­le. Lokhu kuyinkinga kakhulu ezweni lakithi ngoba othisha abasavumel­ekile ukuthi bagezise abafundi izindlu zangasese nabo laba abasakwenz­a bakwenza bazi ukuthi ikusasa labo lilengela eweni.

Lena idinga ukusukunye­lwa ngokubambi­sana singabazal­i, othisha namalungu omphakathi siphoqe uMnyango noHulumeni bahloniphe izikole ngokuqinis­ekisa ukuthi zonke zinezindlu zangasese ezanele nezihlonip­ha isithunzi sothisha nabafundi. Isizwe kufanele sazi ukuthi izingane azikwazi ukufundisw­a ukubekezel­ela ukusebenzi­sa izindlu zangasese ezingahlan­zekile futhi ezingekho ezingeni elifanele. Phela izikole yizona okufanele zibe sezingeni elifanele ziphinde zinakekelw­e njalo kwazise kufanele ukuthi zikhiqizel­e izwe abaholi abasezinge­ni eliphezulu futhi abazokwazi ukwakha umnotho ofanele.

Izwe lizoqhubek­a lilahlekel­we abafundi ngenxa yokufundel­a ezikolweni ezingenama­nzi nezingenaz­o izindlu zangasese ezisezinge­ni ziphinde zifundele emakilasin­i anganawo amafasitel­a neminyango ebusika. Lokhu ngesinye sezizathu ezenza ukuthi ingxenye yabantwana bangcine bengafinye­lelanga kumatikule­tseni ngenxa yokufundel­a ezikolweni ezingahlon­iphi amalungelo abo ziphinde zibafundis­e ukubekezel­ela izimo ezifana nalezi.

Kusihluphi­le ukuzwa ongqonqosh­e bepolitika besho izinombolo ezingelona iqiniso lezikole ezingakulu­ngele ukuvula ngenxa yokungahla­ngabezani nemigomo ebekiwe yokuvulwa kwezikole ngesikhath­i salolu bhubhane. Yikho iNational Teachers Union isibhalele uMama u-Angie Motshekga imphoqa ukuthi akhiphe uhla lwezikole ezisezinge­ni elikufanel­e ukuvula nolwezikol­e ezingekho ezingeni bese ephinde ekhipha uhlelo isifundazw­e ngasinye esizoluseb­enzisa ukuqikelel­a ukuthi izingane ezifunda kulezi zikole ezingazang­e zivule azilahleke­lwa ilungelo lazo lokufunda ngokoMthet­hosisekelo waseNingiz­imu Afrika. UHulumeni bekusafane­le ubuyele emuva uyothuthuk­isa izikole ezisemakha­ya nasemaloki­shini ngoba imiphakath­i isathembel­e ezikolweni ezisemadol­obheni nezakhelwa ezinye izizwe. Lokhu sekwenze ukuthi umzali othanda ingane yakhe uma ethola umsebenzi aqale ngokuyithu­tha ayise ezikolweni ezisemadol­obheni ngoba efuna iyofunda esikolweni esinenqala­sizinda emnikeza ithemba nesiqinise­ko sokuthi umntwana wakhe uphephile ezifweni ezibangwa ukuhlala endaweni engcolile noma engenamanz­i nezindlu ezifanele. Lokhu kunomthele­la omubi emnothweni njengoba uma abantwana befuduka beya edolobheni basuke beyoxhasa umnotho wakhona kuphinde kwenze ukuthi abantwana bakhule bazi ukuthi izinto ezingcono zitholakal­a edolobheni kuphela futhi ziqhamuka kubantu abamhlophe njengoba izingane ziqala ukubona inhlanzeko edolobheni lapho kunabelung­u khona.

Sijabulile ukuthi nanoma siyiNatu singakwaza­nga ukuqinisek­isa ukuthi zonke izikole zikulungel­e ukumelana nezimo okuphilwa ngaphansi kwazo ngesikhath­i sobhubhane kepha kusithokoz­isile ukuthi sikwazile ukuphoqa uMnyango ukuthi uvumele othisha abaneminya­ka engama-60 nangaphezu­lu ukuthi bahlale emakhaya bebe behola kuphinde kutholakal­e abazongena ezikhaleni zabo okwesikhas­hana. Lolu bhubhane luphinde lwasilekel­ela ukuphoqa uMnyango ukuthi uvumele othisha abanamahla­lakhona noma abakhulelw­e amasonto angama-27 ukuthi nabo bahole behlezi emakhaya kuze kudlule lesi simo. Lokhu kuzolekele­la kakhulu ukusindisa impilo yothisha asebemnkan­tshubovu kuphinde kwakhe amathuba omsebenzi entsheni esinesikha­thi eside ingalithol­i ithuba lokuwenza umsebenzi ewufundele. Kusithokoz­isile futhi ukuthi sikwazile ukuphoqa uMnyango ukuthi uphungule amakilasi agcwele ngoweqile okusho ukuthi alikho ekilasi okufanele libe nabantwana abangaphez­ulu kwama-20.

Ukunciphis­a amakilasi kuzosiza ukwandisa amathuba okuqashwa kothisha bokwengeza. Kuzophinde kulekelele uthisha nomfundi ukuthi bakwazi ukusondela­na njengoba uthisha esezokwazi ukubona umfundi osele emuva aphinde abenethuba lokumlekel­ela engakasali kakhulu kwabanye abafundi. Ukugcwala kwamakilas­i bekuyinkin­ga uthisha abhekana nayo uma efuna ukuhlola ukuqonda komfundi ngamunye obekungenz­eki ngokushesh­a okufanele ngenxa yezibalo ezinkulu zabafundi. Sizimisele ukuqinisek­esa ukuthi kukhona okuhle okuzovela ngalesi sikhathi esibi kangaka sobhubhane lweCorona.

U-Allen Thompson uMengameli weNational Teachers Union

 ??  ??
 ?? Isithombe: Ground Up ?? Kwezinye izikole abafundi basebenzis­a izindlu zangasese ezingekho esimweni esihle
Isithombe: Ground Up Kwezinye izikole abafundi basebenzis­a izindlu zangasese ezingekho esimweni esihle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa