KWEZINYE IZINGXENYE
EzaseFrance: Emveni kwesonto lemibhikisho ebhekene nokucwaswa kanye nesihluku samaphoyisa phakathi ezweni iFrance kanye nangaphandle, uHulumeni wakuleliya lizwe ngoMsombuluko ubike ukuthi amaphoyisa ngeke esavunyelwa ukuba aklinye umuntu uma ezama ukumbopha. UNgqongqoshe uChristophe Castaner uthe ukuklinywa kwabantu kwakuyinto eyingozi futhi ngeke isafundiswa uma kuqeqeshwa amaphoyisa.
Ezase-Asia: IChina ne-India sebevumile ukuxazulula ngokuthula impikiswano phakathi noma mayelana nemingcele yala mazwe. Ukungezwani phakathi kwala mazwe womabili kwavuka ngemuva kokuba i-India ithi amabutho aseChina asengene endaweni la mazwe asaphikisana ngayo yomngcele. UNgqongqoshe Wezokuvikela wase-India uMnu uRajnath Singh ubike ukuthi amabutho aseChina asengene endaweni ebizwa ngeLine of Actual Control (LAC) ephakathi kwala mazwe. I-LAC yasungulwa ngonyaka we1993 njengengxenye yomzamo wokumaka umkhawulo omude womgcele phakathi kwala mazwe womabili, kepha le ndawo ayicacile.
Kusenezimpikiswano phakathi kwala mazwe yokuthi izwe elilodwa liphela kuphi futhi elinye liqala kuphi.
Ezase-England: Ababhikishi badilize ibunjwamuntu lomthengisi wezigqila u-Edward Colston njengendlela yokukhombisa ubumbano nemibhikisho yeBlack Lives Matter esezweni i-United States of America (USA). Ibunjwamuntu likaColston laboshwa ngentambo ngaphambi kokuba lidilizwe. Kuphinde kwabonakala ababhikishi belithatha ibunjwamuntu beliphosa emfuleni i-Avon.
EzaseGhana: Endaweni egcina izidumbu esibhedlela iPantang edolobheni i-Accra, kukhona iphunga elingelihle elizwakalayo njengoba izidumbu seziqala ukugcwala kule ndawo. Lokhu kugcwala kudalwe noma kwaqala mhla leli lizwe lihlaselwa ubhubhano lweCorona okwaphoqwa ukuba kubekwe umthetho othi ukuhlangana kwabantu abaningi akuvunyelwe, ngaleyo ndlela nemingcwabo yayingavumelekile ukuhanjelwa abantu abaningi. Kodwa eGhana sekuvele ukuthi imindeni yalaba abashonile seyanquma ukuthi kungcono ishiye izidumbu zozalo lwazo ezindaweni zokugcina izidumbu kuze kudlule lolu bhubhane ukuze zibe nemingcwabo ejwayelekile kunaleyo enabantu abancane.
EzaseTanzania: UMengameli waseTanzania uMnu uJohn Magufuli uthi ngomusa kaNkulunkulu izwe lakhe selikwazile ukulwa nokhuvethe. Kodwa unxenxe abantu bakuleliya zwe ukuba bacophelele.
Lokhu ukusho enkulumweni yakhe ayethule kwelinye lamasonto eliseNhlokodolobha iDodoma ngeSonto.
Uthe imiphumela emihle yokhuvethe kuleliya zwe kungenxa yemikhuleko yezakhamuzi, izikhulu zezempilo nezisebenzi zezempilo. Le nkonzo abebe yihambele bebe ngazifakile izimfonyo okuthiwa kuwuphawu lokuthi leliya zwe selilunqobile ukhuvethe futhi nabantu abasesabi.
Ngeledlule uMengameli uMagufuli uthe izibhedlela emadolobheni amakhulu aseDar es Salaam bese zineziguli ezinokhuvethe ezine. Leliya zwe alikaze liyikhiphe imininingwano ngokhuvethe kusuka mhla zingama-29 kuMbasa. NgokweWorld Heath Organisation, kungcinwa ukubala kwakunabathelelekile abangama-509 nabangama-21 abashonile.