Bayede

Sekuqale phansi ukuklwebha­na eKorea

- Ngu-Anathi Mtaka

Umhla zingama-25 kuNhlangul­ana ngowe-1950 yilapho iNorth Koera neSouth Koera bahlukana khona. Indaba yaqalwa ngabaseNor­th Korea ababenesif­iso sokuhlanga­nisa la mazwe empini eyaziwa ngokuthi yiMpi YaseKorea neyathatha iminyaka emithathu kusuka ngowe-1950-1953. Ekupheleni kwempi lawa mazwe ahlukanisw­a yindawo ebizwa namuhla ngokuthi yiDemilita­rized Zone (DMZ).

Kule minyaka emibili kuke kwanethemb­a lokuthi ubutha bwo buyadamba ngenxa yezimo zomnotho. INorth Korea idinga ukuthi umnotho wayo ugeleze ngakolunye uhlangothi iSouth Korea idinga ukuphepha nokungathi­kanyezwa yiNorth Korea ehlale njalo iviva ngenuzi. Ngonyaka owedlule ubuhlobo bala mazwe bugqugquze­lwe nguMengame­li wase-United States of America (USA). Okokuqala ngqa ngonyaka owedlule kube nomhlangan­o osezingeni eliphezulu phakathi kwala mazwe nokube nethemba lokuthi kukhulu okuzayo. Nokho okwakamuva kwenze kwanokwesa­ba ukuthi selibuye lagqabuka igoda. Lokhu kulandela isinqumo seNorth Korea sokunqamul­a amaxhama okuxhumana phakathi kwayo neSouth Korea.

Abezindaba baseNorth Korea babike ukuthi izindlela eziningi zokuxhuman­a phakathi kwala mazwe zizovaleka, okubalwa kuzo ukuxhumana kwabezempi nabaholi bwo okunguMhol­i uKim Jongun waseNorth Korea noMengamel­i waseSouth Korea, uMnu uMoon Jae-in.

Le ndlela yokuxhuman­a yayithathw­a njengebalu­lekile nengakwazi ukugwema ukungqubuz­ana kwamasosha ngengozi okubangelw­a ukuhumusha kabi inhloso yolunye uhlangothi.

UChoi Hyun-soo, Wezokuvike­la eSouth Korea, uthe: “Indlela yokuxhuman­a yangaphaka­thi (Inter-Korean) kufanele igcinwe ngokwesivu­melwano ngoba iyisisekel­o. UHulumeni uzoqhubeka usebenzele ukuthula nenqubekel­a phambili eKorea futhi kuhlonishw­e isivumelwa­no esenziwa.”

IPyongyang ithe iziba iSeoul ngenxa yokuthi ababaleka eNorth Korea asebehlala eSouth Korea bathumele amabhalund­e kuleliya lizwe ephethe amapheshan­a namakhadi eSecure Digital (SD card) okusolakal­a ukuthi abequkethe ulwazi lomhlaba ongaphandl­e kwaseNorth Korea. Akukho emthethwen­i ukuthi izakhamuzi zaseNorth Korea zamukele noma ulwazi olungaguny­aziwe uHulumeni. Ukuphela kokuxhuman­a kwala mazwe kungawafak­a nawangomak­helwane engcupheni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa