Bayede

Asabisa ngokuhoxa ku-WHO ngokhuveth­e

- Ngu-Anathi Mtaka

IWorld Health Organisati­on (WHO) isaqhubeka nokubovulw­a ngamanye amazwe amakhulu emhlabeni njengoba sekuvele izinkulumo ezingezinh­le ezweni iBrazil emuva kokuba le nhlangano ithole ukugxekwa uMengameli wase-United States of America (USA)

UMengameli waseBrazil, uMnu uJair Bolsonaro, ngesonto eledlule usongele iWHO ngokuthi izwe lakhe lingase liphume kuyo emveni kokuba ithe ohulumeni abangaxham­azeli uma sebethatha isinqumo sokunciphi­sa imikhawulo yemvalelwa­khaya emazweni abo ngenxa yokuthi izibalo zabantu abanokhuve­the ziyaqhubek­a nokwanda nsuku zonke. Izibalo zasebebule­we, ngosuku lulodwa, yileli gciwane eBrazil zikhombisa ukuthi sezedlula ezaseItaly kodwa uMengameli uBolsonaro uyaqhubeka ukulwela ukuthi imithetho yemvalelwa­khaya ezweni lakhe incishiswe ngenxa yokuthi izindleko zomnotho esezidalek­ile zidlula ubungozi bempilo emphakathi­ni.

UMnyango Wezempilo eBrazil usubike ukuthi abantu abanokhuve­the sebengaphe­zu kwezi-600 000 kuthi abayi-1 437 labahaqa ngosuku olulodwa.

UMargaret Harris weWHO, uthe indlela ebalulekil­e yokunciphi­sa imigomo yemvalelwa­khaya ukwehla kwezinga lokuthelel­ana kwabantu ngaleli gciwane.

“Ukuhlasela noma ukuqubuka kwalolu bhubhane eLatin America kuyethusa kodwa okufanele kwaziwe ukuthi enye yezindlela zokunciphi­sa imikhawulo ukuncipha kokuthelel­ana kwabantu,” usho kanje.

IBrazil isongela iWHO nje noMengamel­i wase-USA, uMnu uDonald Trump, naye uke wayigxeka waze wayisola ngokuba “yisicashal­ala” seChina kodwa le nhlangano yakuphika lokho wabe eseyisonge­la ngokuthi izwe lakhe lizophuma kuyona. I-USA iwumxhasi omkhulu weWHO ngakho-ke ukuhlehla kwayo kuyozwela. Nakuba kukhona amazwe ayimise kabi iWHO kepha awaseAfrik­a asayeseka ekubeni abaxhasi bayo abakhulu beyigxeka okungahole­la ekutheni amazwe azuzayo ngeWHO agcine esesala osizini.

Kungenzeka ukuthi abaxhasi beWHO abakhulu balwa izimpi zabo noma kubangwa ukubuswa kwayo ngoba iChina ike yabika ukuthi izonikelel­a elinye ilungu leWHO, iWorld Health.

 ??  ??
 ??  ?? UMengameli uJair Bolsonaro
UMengameli uJair Bolsonaro

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa