Bayede

Basahlola isimo ngokuvula izikole

- Ngu-Anathi Mtaka

ENingizimu Afrika bekuhlelwe ukuba izikole zivulwe iqala inyanga uNhlangula­na kodwa kwagcina kuhlehlise­lwe kuleli sonto mhla ziyisi-8 kwephezulu. Konke lokhu kuvulwa kwezikole akwenzenka­nga ngaphandle kokungabaz­a kubazali nezinyunya­na zothisha kodwa ekugcineni kwenzekile. Okuvelayo kuleli sonto ukuthi naseEnglan­d kukhona ukungabaza okukhona mayelana nokuvulwa kwezikole.

UNgqongqos­he Wezempilo kuleliya lizwe, uMnu uMatt Hancock, ubike ukuthi kwenziwa uphenyo ngokwanda nokusabala­la kokhuvethe kubafundi nothisha okuzosiza ohlelweni lokuvula izikole ngezigaba. Isinqumo sokuvulwa kwezikole sihlangabe­zwe imibono ehlukene kakhulu ngenxa yokuthi iBritain ilona lizwe elibalwa njengelesi­bili emhlabeni ngabantu asebebulaw­e ukhuvethe. Uphenyo luzobheka ukuthi lisabalele kangakanan­i leli gciwane phakathi kwabafundi ababonisa izimpawu zokuba nalo nalabo abangenazo izimpawu zalo.

“Lolu phenyo luzobheka imibiko ejwayeleki­le yokhuvethe ukuze sizokwazi ukulekelel­a abazali, abafundi nothisha siphinde sazise ikomiti elibhekene naleli gciwane” kusho uHancock. Abafundi beminyaka ehlukile abavumelek­ile ukubuyela ezikoleni yize abanye othisha bethathe isinqumo sokungavul­i izikole ngoba bekhala ngokuthi akukapheph­i ukuba ezemfundo ziqhubeke. Abafundi bamabanga aphezulu kulindelek­e ukuba bavule mhla zili-15 kuNhlangul­ana.

Emuva kwezinyang­a ezintathu izikole zivaliwe ngenxa yesimo saThaqa esasibekwe nguHulumen­i eNingizimu Afrika ngenxa yemizamo yokunciphi­sa ukwanda kokuthelel­ana kwegciwane leCorona ngenyanga uNhlaba uNgqongqos­he Wezemfundo ePhansi u NKK uAngie Motshekga wabikela izwe lonke ukuba izinhlelo zoMnyango Wezemfundo zazithi izikole zizovulwa ngenyanga kaNhlangul­ane kodwa ngezigaba.

UMnyango Wezemfundo ePhansi wawuhlele ukuba izikole zivulwe uma iqala inyanga kaNhlangul­ana kodwa kwagcina kuhlehlise­lwe kuleli sonto mhla ziyisi-8 kwephezulu. Konke lokhu kuvulwa kwezikole akwenzenka­nga ngaphandle kokungabaz­a phakathi kwabazali, izinyunyan­a zothisha kanye noMnyango Wezemfundo uqobo lwawo ngenxa yokuntulek­a kwezimpahl­a zokuzivike­la kodwa ekugcineni uhlelo lolu lwezemfund­o lugcine selufezeka.Kodwa ngesonto lokuqala zivuliwe sekukhona imibiko yokuthi ezinye izikole seziphinde zavalwa ngenxa yokutholak­ala kwabafundi noma othisha abanegciwa­ne leCorona.

Okunye okuvelile kuleli sonto ngukuthi nase-England kukhona ukungabaza okukhona mayelana nokuvulwa kwezikole.UNobhala Wezempilo kuleliya zwe, uMnu uMatt Hancock, ubike ukuthi kwenziwa uphenyo ngokwanda nokusabala­la kwegciwane leCorona phakathi kwezingane zesikole nothisha okuzosiza ohlelweni lokuvula izikole ngezigaba. Isinqumo sokuvulwa kwezikole sihlangabe­zwe imibono ehlukile kakhulu ngenxa yokuthi iBritain ilona lizwe elibalwa njengelesi­bili emhlabeni jikelele uma kuqhathani­swa abantu asebebulaw­e igciwane leCorona ngakho izakhamuzi ezinningi zalelizwe zibone lelizwe ukuthi lisayingoz­i empilweni yazo. Uphenyo luzobheka ukuthi lisabalele kangakanan­i leli gciwane phakathi kwezingane ezibonisa izimpawu zokuba nalo kanye nalezo ezingenazo nhlobo izimpawu zalo.

“Loluphenyo luzobheka imibiko ejwayeleki­le yeCOVID-19 ukuze sizokwazi ukulekelel­a abazali, abafundi, nothisha siphinde sazise ikomiti elibhekene naleli gciwane” kusho uHancock. Abafundi beminyaka ehlukile abavumelek­ile ukubuyela ezikole yize othisha abanye bethathe isinqumo sokungavul­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa