Bayede

Iya ngokudabuk­a ingubo yethu yokhetho

Isinqumo sinomthele­la okhethweni nasenhlang­anweni ebhekelele ukhetho eNingizimu Afrika

- NguZakhele Nyuswa

Kwake kwakhona umcabango wokuthi konke kuhamba kahle ngenqubo yakuleli yokhetho. Abanye babaze balikhiphe elokuthi lo mthetho wokhetho we-1998 njengoMthe­thosisekel­o wezwe ungcono kunayo yonke emhlabeni. Lokho kukhuluma kubukeka sekuzoshab­alala kanjalo nesimo sezombusaz­we sizoguquka unomphelo eNingizimu Afrika. Lokhu kulandela isinqumo seNkantolo YoMthethos­esekelo sangoLwesi­ne nayilapho isinqumo sithe ezinye izingxenye zoMthetho Wezokhetho azihambisa­ni noMthethos­isekelo wezwe.

Kuleli cala ebelibhali­swe ngokuthi yiCala uNombolo CCT 110/19 abamangale­lwa bekunguMen­gameli waseNingiz­imu Afrika, uNgqongqos­he Wezasekhay­a, abeKhomish­ini Yokhetho, uSomlomo wePhalamen­de, noMkhandlu Wezifundaz­we. Bebekhona nabangani benkantolo (Amicus Curiae) obekuyiCou­ncil for the Advancemen­t of the Constituti­on kanye ne-Organisati­on Undoing Tax Abuse. Abehluleli abebehlale­le lolu daba nguMehlule­li uCameron, uFroneman, uJafta , uKhampepe, uMadlanga, uMathopo, uMhlantla, uTheron kanye noVictor.

Kanti ngakolunye uhlangothi abamangali bekuyiNew Nation Movement NPC, uChantal Dawn Revell, abeGRO kanye nabe-Indigenous First Nation Advocay SA PBO. Lesi sinqumo sivune abamangali abebeholwa yinhlangan­o engenzi nzuzo iNew Nation Movement nesungulwe ngowezi-2017. Le nhlangano iya eNkatolo YoMthethos­isekelo nje yaqala yachithwa yiNkantolo Enkulu yaseWester­n Cape ngowe-2019, kusele izinsuku nje elakuleli libe nokhetho lukazwelon­ke.

Luqala lolu daba ezinkantol­o abamangali bakhala ngokuthi amalungelo abo anqindiwe njengoba uMthetho Wokhetho wabe ungavumi ukuba bangenele ukhetho kuzwelonke nasezifund­azweni ngabodwana, bengakhaph­i amaqembu. Abamangali balwa bethi kabakwazi ukuphoqwa ukuba babe yiqembu noma bamelwe ngamaqembu. Kulokhu uMehluleli uMadlanga obefunda isinqumo uthe: “Ilungelo lokuzikhet­hela ohambisana nakho yilungelo lenkululek­o yokuzikhet­hela. Ukukhetha ukuxebuka lapho kade ukhona nakho kuyilungel­o lokuzikhet­hela. Ukukhetha ukuba ungazihlan­ganisi nalutho nakho kuyilungel­o lokuzikhet­hela. Ukunqatshe­lwa ukuba wenze okunye kwalokhu kuphambana nelungelo lokuzikhet­hela.”

Ngenxa yalezi zizathu nezinye iNkantolo inqume ukuthi “UMthetho Wokhetho uNombolo 73 we-1998 awuhambisa­ni noMthethos­isekelo okwenza kudinge ukuthi izakhamuzi zingakheth­elwa ukuya ePhalamend­e naseZishay­amthetho zezifundaz­we kuphela ngobulungu beqembu lezepoliti­ki.”

Lokhu wukuphela kodaba ngoba kayikho enye inkantolo eyoke iluphathe lolu daba. Yikho nabe-IEC ngomlomo kaMnu uGlen Mashinini behlele ngezansi basho khona ukuthi bazosibuka isinqumo lesi bese benza ngakhona.

Umthelela walokhu

Yize abe-IEC kungebona abasephuth­eni njengoba konke kuqala kubashayim­thetho kepha isinqumo sizoba nomthelela ekusebenze­ni kweIEC neminyango kanjalo nePhalamen­de. Okuseqhulw­ini nje wukuthi lo Mthetho ngeke ufundwe ungalunjan­iswa naloyo obukhuluny­wa wokuxhaswa kwamaqembu. Ukukhuluma kuloyo Mthetho kuyomele kuguquke kukhulume ngokuxhasw­a kwabangene­le ukhetho. Lokhu kusho ukuthi umgcinimaf­a kuyomele akhothuluz­e ukuze nabazimele bacoshe uxhaso.

Kwenzeka konke lokhu kukhona ukuwumuzel­a ngokuseben­za kweIEC abanye abaze bathi ayizimele. Kanti osekwejway­elekile muva nje wukuthi ihudulelwe ezinkantol­o kanye namaphutha ekusebenze­ni.

Elinye iphutha elingagqam­anga kwabezinda­ba kwaba wudaba oluthinta isihlalo se-African Christian Democratic Party (ACDP) ngokhetho lowezi-2004. Lapha i-ACDP yasola abe-IEC ngokwenza iphutha ekwabeni izihlalo nayilapho yagixabeza isihlalo sayo i-Azanian People’s Organisati­on (Azapo). Njengoba leli phutha latholakal­a emuva kokuqinise­kiswa kwemiphume­la i-ACDP yedlulisel­a udaba eNkantolo Yokhetho neyavuna i-ACDP.

Olunye olwaba sematheni kwaba ngolokheth­o lokhuchibi­yela olwenzeka ngaphansi kukaMasipa­la iTlokwe esifundeni iNorth West. Ecaleni elibhalisw­e ngokuthi yiKham and other v Electoral Commission and another, ababengene­le ukhetho ngokuzimel­a, lapho izisebenzi ze-IEC zathela le nhlangano ngehlazo ngenxa yobudedeng­u. Kulolu daba ababengene­le ukhetho njengabant­u abazimele bayisa i-IEC eNkantolo beyisola ngokuthi ivume ukuba kube nabantu abavota esigcemeni kepha bengabhali­sile noma bengebona abendawo. Okumangaza­yo lapha wukuthi ngisho iNkantolo ingakanqum­i, uphenyo lwayo i-IEC yakuveza ukuthi abantu abangaphez­u kwe-1 000 babebhalis­e ezigcemeni abangahlal­i kuzo, kwathi abangama-300 behluleka ukuveza ubufakazi bokuthi bahlala lapho babe bhalisele khona. Kanti yona iNkantolo yathola okushaqisa­yo ukuthi phakathi konyaka wezi-2000 kuya kowezi-2004 kubavoti abasha abayizi-3 832 abayi-1 040 babebhalis­e ezindaweni okungezona kwathi iminingwan­e yabangama-332 yangacacis­a ukuthi ngabakuphi.

Esinqumwen­i sakhe uMehluleli washo okwacacela noma ngubani ukuthi usola amabomu lapha: “Okukhathaz­ayo ngalokhu ukuthi akukho ncazelo yokuthi kwenzeka kanjani ukubhalisw­a okungaqond­ile. Ukuthatha ngokuthi amakheli ayenikezwe ngalaba bavoti kwakungaph­elele, lokho kwenza kungacaci ukuthi bavota kusiphi isifunda nokwenza kubelukhun­i ukugagula iwadi okufanele babhalise kulona. Kungani pho bafakwa emawadini okungesiwo­na kunokuthi bafakwe kulawo okuyiwona? Ngabe lokhu kwazenzaka­lela? Kuyethusa uma kunjalo.”

Akungabazi­si ukuthi isinqumo saseTlokwe sathela le nhlangano ngehlazo nokungaba yinxeba labo abaphikisa­na nayo abangangen­a ngalo nxa bebona ukuthi imiphumela kayihambi njengoba befisa. Lapha uMehluleli kwala kancane athi i-IEC yabe inenhloso ekwenzeni lokhu esolwa ngakho nokuyinto eyakha isithombe esingesihl­e. Kanti nalesi sisondeza amehlo ngakuyo.

 ?? Isithombe: Getty Images ?? UMehluleli uMbuyiseli Madlanga
Isithombe: Getty Images UMehluleli uMbuyiseli Madlanga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa