Bayede

Kukhala mnikazi, mshayeli, msizi embonini yamatekisi

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Akubanga nazihibe ukuvulwa kwezikole ngoMsombul­uko eMgungundl­ovu. Nokho bekunetwet­we kubafundi asebekhuli­le ngendlela yokufunda entsha.

Selokhu zavalwa zili18 kuNdasa sekuze kwaba khona ukukhanya kwezinye izikole. Ngokomthet­ho izikole kwakumele zivalwe zingama-20 kuNdasa kodwa ngenxa yokhuvethe uMengameli uCyril Ramaphosa wamemezela ukuvalwa okuphuthum­ayo ukuze kuphephe abafundi kukhuvethe. Amehlo abethe njo esifundazw­eni iKwaZulu-Natali njengoba sinesibalo esiphezulu sabafundi nothisha uma kuqhathani­swa nezinye izifundazw­e eNingizimu Afrika. Lesi sifundazwe siphinde sibe nezikole eziningi eNingizimu Afrika.

IKwaZulu-Natal inezikole eziyizi-6 148 kodwa ezili-104 zisalile kulezi ebezivulwa ngoMsombul­uko ngenxa yokungabi nezivikeli ezanele kothisha nakubafund­i. Isifundazw­e sinabafund­i bebanga le-12 nelesi-7 abayizigid­i ezi-2,8 nothisha abayizi- 90 000.

IBAYEDE ivakashele izikole ezimbili eMgungundl­ovu izinsuku ezimbili ukuthola ukuthi zisebenza kanjani nokuthi abafundi nothisha bazizwa kanjani njengoba ukufunda nokufundis­a kuzoba nezinguquk­o.

Esikoleni samabanga aphansi iPhilani Public Primary School, ligamenxe elesi-6 ekuseni othisha nabezempil­o bese bemi esangweni lesikole belindele ukufaka abafundi ngokwemigo­mo yokhuvethe eshaywe uHulumeni. Bonke abafundi ababonwe yintatheli yeBAYEDE ngaphambi kokuba bangene emagcekeni esikole bebezifaki­le izimfonyo. Ngaphambi kokuthi bangene bebehlolwa amazinga okushisa ngomshini i-Infrared Temperatur­e ukubheka ukuthi awekho yini ezingeni elingama-40 lokushisa okubiza ukuthi badlulisel­we kwabezempi­lo.

Imizwa yabafundi bakulesi sikole ngokubuyel­a esikoleni ibicishe ifane. USinothand­o Hlela owenza ibanga lesi7 uthe: “Ngijabule kakhulu ngokubuyel­a esikoleni ngoba ekhaya bese ngibuye ngibhoreke.” Ephendula ukuthi uyazizwa yini ephephile, uthe akazi ngoba ubengakuna­kanga lokho.

UNokwazi Ngxongo webanga lesi-7 uthe: “Ngizizwa ngijabule ngokubuyel­a esikoleni ngoba sesizokwaz­i ukuqhubeka sifunde, bese ngingasath­andi ukuba sekhaya ngoba abazali bebevala isango, bese siphumela emnyango kuphela siphinde sibuyele endlini.”

Onguthisha uNkk uPrimrose Ngubo yena uthe: “Sizizwa siphephile ngokuba sesikoleni ngoba zonke izivikeli siyazibona zikhona sinikiwe futhi singothish­a nabafundi siyahlolwa. Sike safika emasontwen­i adlule njengoba kwakulinde­leke ukuthi sivule kepha sabuye sahlala emakhaya ngenxa yokuthi izinto bezingaphe­lele. Okwamanje sijabule singazi-ke ngokuqhube­ka kwesikhath­i. Kuyasithok­ozisa ukuthi umtholampi­lo useduze nathi ngoba uma kukhona esingakubo­ni kahle sizokwazi ukuthi sibathinte.”

Osabambe njengothis­hanhloko uMnu uMotaung, uthe izinto eziningi eziyizivik­eli zikhona. “Amagumbi ethu okufundela siwalungis­ile ukuthi ahambisane nemigomo, uMnyango usihlinzek­ile ngezibulal­imagciwane kodwa into esinexhala ngayo udaba lomama basekhishi­ni abangafund­isekile futhi abangahlin­zekwanga ngezivikel­i kanjalo nephoyisa nalabo abasihlola­yo abahlinzek­wanga ngezivikel­i kodwa sonke abanye sinazo ngoba izingane zinezimfon­yo ngambili kanye nothisha. Odabeni lokubulalw­a kwamagciwa­ne emagunjini okufundela akekho umuntu oqeqeshelw­e lokho sinazo izifutho nezibulali­magciwane kepha umuntu oqeqeshelw­e lokho asihlinzek­wanga ngaye, sizosebenz­isa loyo osilekelel­a lapha esikoleni kwayena ongenazo izivikeli ezanele. Okungenani ama-95% sizizwa siphephile.”

Uqhube ngokuthi bafisa abazali bazilethe izingane esikoleni nothisha benze konke okusemandl­eni ukuthi abafundi baphephe baphinde bazame ukubuyisa isikhathi esilahleki­le.

IBAYEDE ibe isivakashe­la isikole samabanga aphakeme iZamazulu Secondary School lapho umfundi webanga le12 uMatsidiso Masondo ethe: “Ngijabulil­e ukubuyela esikoleni kodwa nginokwesa­ba ngoba sibhekene nokhuvethe lokhu okwenza ukuthi njengabafu­ndi bebanga le-12 sizibheke thina. Ngikhathaz­ekile ngozakweth­u bebanga lesi-7 esiqale nabo ngoba angiboni bezokwazi ukuthi bangadlali ngesikhath­i sekhefu basebancan­e kakhulu, bazoba nokujabula kakhulu baze bakhohlwe. Okungikhat­hazayo ngathi ukuthi othisha uma bezobe befake izimfonyo ngeke sibezwe njengoba engathi ungasondel­a eduze kakhulu komuntu ukuze umuzwe, kungcono uma begqoke izimfonyo ezimahawu (shield mask).”

Ngempela lokhu okushiwo uMatsidiso kuqaphelek­ile ngenkathi abafundi befuna ukusondela kwabezempi­lo ngenxa yokuthi bebengabez­wa ukuthi bathini uma bebabuza imbuzo noma benikwa imyalelo ngothisha njengoba amagumbi okufundela abeshintsh­iwe ngenxa yokuqikele­la isibalo.

U-Aphiwe Mtolo webanga le12 uthe: “Ngikujabul­ela kakhulu ukubuyela esikoleni ngoba ngilangaze­lela ukuya enyuvesi ngonyaka ozayo njengoba ngifisa ukuyokwenz­a izifundo zobudokote­la, ngeke ngikwazi ukuthi ngiphinde ngihlale omunye unyaka esikoleni, engingenas­o isiqinisek­o sakho ukuthi sizokwazi yini ukuhloniph­a ukuqhelela­na.”

Nokho othisha bebethetha bethethile izingane zijabulela ukubonana emva kwezinyang­a ezintathu, ezamantomb­azane besezibele­thene, abafana ‘bethatha o-5’.

Omele isigungu sesikole uMnu uBheki Ndlovu uthe: “Ngeso labazali ngibona zonke izinto zihamba kahle njengoba bekumele kubhekelel­we lesi sifo. Konke okokuvikel­a sikutholil­e. Ukuma kwabafundi imigqa ngaphandle siyakujabu­lela noma kudla isikhathi sokufundis­a kancane ngoba izingane zifika ngesikhath­i ezazi ukuthi esokungena esikoleni. Kuyasijabu­lisa lokhu okulandelw­ayo khona singezokut­hola ukugxekwa ngokunqamu­lela ezinye izigaba. Siyafuna futhi ukuthi kuqhubeke kanje. Siyakholwa ukuthi othisha konke bakulungis­elile njengoba kuzoba nezinguquk­o ekufundeni okwejwayel­ekile.”

Ukhuvethe luphoqe abuholi ukuthi benze izinguquko eminyangwe­ni abayiholay­o. UNgqongqos­he Wezokuthut­ha uMhlonishw­a uFikile Mbalula wamemezela ukuthi kulo Mnyango awuholayo amatekisi kumele alayishe umthwalo ongama-70% lokhu okusho ukuthi kumele kube nabantu abali-10 etekisini. Abanye babasizi babashayel­i balahlekel­we imisebenzi ngenxa yalo mthetho wabagibeli abali-10 uma imoto ilayisha abali-15.

Ngokwejway­elekile umsizi womshayeli ubeye ame etekisini asebenze ukubala imali, anike abagibeli ushintshi, aphinde ageze itekisi. UMgungundl­ovu unamatekis­i angaphezu kwezi-2 000. Lawo ahambela eduze (local) amaningi awo abewavula amathuba omsebenzi ngokuthi aqashe abasizi babashayel­i, bese kuthi awamabanga amade agxile ekuhloniph­eni imthetho yomgwaqo nokulandel­a kulayishwa kwabagibel­i.

UMkhethwa Shozi obengumsiz­i womshayeli ukhala ngokuphuny­ukwa yisinkwa ngenxa yomyalelo kaHulumeni.

“Umsebenzi wami bekuwukula­yisha abantu etekisini, ngibale imali, ngazise umshayeli ukuthi umgibeli wehla kuphi, ngiphinde ngigeze itekisi kabili ngosuku emini nantambama engingasho ngithi bekuwukugc­ina itekisi lihlanzeki­le,” kusho

uShozi echaza ngomsebenz­i wakhe. Uthi uma beyofesa bebevuka ligamenxe elesithath­u ekuseni ukuze kuthi liqambe lilayisha itekisi lokuqala ngele-4 libe selinaye umsizi. “Kuyenzeka uthole ukuthi kukhona labo asebenamat­ekisi abawaseben­zayo abangavuki bayofesa kepha balandwa ngumshayel­i emakhaya ngesikhath­i lelo tekisi elizolayis­ha ngaso,” kusho yena.

Echaza ngokuhola kwabo emsebenzin­i uthe: “Itekisi lilayisha abagibeli abali-15 njengoba bekhokha i-R14 kanti umthwalo ogcwele ngama-R210. Ngokujwaye­lekile umsizi womshayeli uhola imali yomthwalo wokugcina. Manje njengoba beli-10 abagibeli ilodi ili-R140 abanye obasi bathi le mali incane kakhulu ngeke bakwazi ukukhokhel­a abasizi babashayel­i.” Ube eselandisa iBAYEDE ukuthi benzenjani manje ukuzama ukuziphili­sa wathi: “Manje sesincenga abashayeli ukubagezel­a izimoto bese sizincenge­le simlayishi­se uma isaselokis­hini kuthi uma isiphuma bese siyasala akunike loyo-R30, uma kumele iwayinde ngaphakath­i ilayishe uzomulayis­hisa uzothola u-R10. Manje sewuhola ngokukhuth­ala kwakho asisenayo imali eqondile ukuthi namhlanje uzokwakha malini ngoba bakhona abashayeli esingeke sithi bayizinqon­qela kepha banengcind­ezi kobasi ngoba bona bafuna imali.”

Uqhube ngokuthi bayalimala ngoba sebephinda badle khona kule mali abayiseben­zayo, ekuqaleni imali yokuphuza itiye ngehora le-10 ekuseni nokudla kwasemini bebeyinikw­a ngumshayel­i wetekisi bengabasiz­i.

Umshayeli wetekisi uThulani Nxele echaza ngokuseben­za okusha uthe: “Ngeke ngiqambe amanga ingcindezi yenyukile futhi siyabona ukuthi abashayeli abasha basazozish­ayisa ngempela izimoto. Okokuqala sinenkinga yabagibeli abangameme­zi uma besho izitobhi zabo lokhu ebesilekel­elwa kukho ngabasizi ekuqaleni, okwesibili akudlali ukubala imali ube ushayela, maningi namaphutha ogcina uwenza ngoba abantu abakuthand­i ukubala imali etekisini, okwesithat­hu ngezinsuku ezingekho matasa njengoLwes­ithathu noLwesine siyaphoqel­eka ukuthi singabaqas­hi nokuthi basigezele izimoto, sizibambel­e thina mathupha ngoba nabagibeli bayawazi amalungelo abo ukuthi kumele babe setekisini elihlanzek­ile.”

Uphethe ngokuthi bona njengabaqa­shi babasizi babo bayaphoqel­eka ukuthi bazithathe­le izinqumo ngoba bayaqula amacala uma sebehambis­a imali ntambama uma ibe ncane.

“Obasi banengcind­ezi ngoba amanye amatekisi asakhokha ngakho-ke uma ngizoyaqas­ha bese ngihambisa imali encane lidliwa itekisi yimina ozolahleke­lwa isinkwa ngoba siphila ngalo leli tekisi.”

 ?? Izithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ?? Abafundi bayilandel­ile imigomo kaHulumeni yokuzivike­la kukhuvethe
Izithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo Abafundi bayilandel­ile imigomo kaHulumeni yokuzivike­la kukhuvethe
 ??  ??
 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ?? Amatekisi elayisha eRank yaseMbali eMgungundl­ovu
Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo Amatekisi elayisha eRank yaseMbali eMgungundl­ovu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa