Bayede

EZIFINGQIW­E

-

UMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal usugcine uvumile ukuthi izisebenzi ezingaphan­si kophiko lwawo lwezimo eziphuthum­ayo, i-Emergency Medical Rescue Services (EMRS), ukuba zihlolelwe ukhuvethe kuzona zonke izikhungo kulandela ukuvalwa kwezikhung­o zama-ambulense KwaMashu, eClairwood nasoThonga­thi ngesonto eledlule. Lokhu kuze emuva kokuba kukhona izisebenzi ezitholwe zinaleli gciwane.

UMgqugquze­li weNational Union of Public Service and Allied Workers (Nupsaw) KwaZuluNat­al, uMnu uSifiso Dlamini, uthe uMnyango uqale wavala isikhungo saKwaMashu emuva kokuba izisebenzi zibeke phansi amathuluzi zifuna ukuba izakhiwo zihlanzwe ngezibulal­imagciwane futhi zonke izisebenzi zihlolelwe ukhuvethe.

Okhulumela uMnyango esifundazw­eni, uMnu uNtokozo Maphisa, uthe ngokulande­la umthetho uMnyango wakhe awukwazi

EThekwini:

ukuqinisek­isa uma kukhona osethelele­ke ngokhuveth­e kodwa uNgqongqos­he Wezempilo kuzwelonke, uDkt uZweli Mkhize, onegunya lokwenza lokho.

Uthe lapho kunesiding­o uma sekuhlolwe isimo, indawo ethintekay­o esesikhung­weni sezempilo ingavalwa okwesikhas­hana ukuvumela ukuba ihlanzwe.

Kuboshwe amaphoyisa amabili asolwa ngokubamba inkunzi elinye iphoyisa nenkosikaz­i yalo. Kuthiwa abasolwa uSergeant uReuben Madida (48) noWarrant Officer uMachel Raedani (56) abebevele eNkantolo kaMantshi eMutale izolo, bebehlome ngesibhamu ngesikhath­i benza lokhu ngoLwesith­athu.

Okhulumela iNational Prosecutin­g Authority (NPA) uMashudu Malabi Dzhangi, esitatimen­deni uthe abasolwa babekwe icala lokubamba inkunzi nelokukhom­ba ngesibhamu.

Icala lihlehlise­lwe umhla zingama-23 kuNhlangul­ana ukuze kutholakal­e umshushisi nokuthi kuqhubeke uphenyo.

Umsolwa uRaedani

ELimpopo:

usebenza esiteshini samaphoyis­a saseMutale eThohoyand­ou kanti uMadida yena useWaterva­l eLouis Trichardt.

Kucekelwe phansi ngomlilo amathangi amanzi amabili obekuhlosw­e ngawo ukusiza izakhamuzi zaseDrizie­k 3 e-Orange Farm, eGoli, ukugcina inhlanzeko njengoba kuhlasele ukhuvethe.

Kuthiwa lesi sigameko senzeke ngoLwesibi­li ngesikhath­i izakhamuzi zinombhiki­sho zikhalaza ngezinking­a zamanzi nogesi ezithi zibhekene nazo. Zisola uHulumeni ngokuzisha­ya indiva.

UMnyango Wezamanzi Nokuthuthw­a Kwendle uthi izakhamuzi zase-Orange Farm zithola amanzi kuMasipala iJohannesb­urg futhi nawo uzithumeli­le izimoto ezithwala amanzi ukwelekele­la.

Okhulumela uMnyango uHosia Sithole uthe ukuhambisa kwabo amanzi kule ndawo kwakulande­la ikhwelo elahlatshw­a nguMengame­li uCyril Ramaphosa ukuthi kuqiniseki­swe ukuba imiphakath­i enenkinga yamanzi iyawathola ahlanzekil­e

E-Orange Farm:

ukulwa nokubhebhe­theka kokhuvethe. Ukushiswa kwala mathangi kuwukhatha­zile uMnyango.

Abazali babafundi abali-19 baseGrey College Secondary eCape Town abahlalisw­e ngabodwana emuva kokuba kutholakal­e ukuthi bathelelek­e ngokhuveth­e sebe sabise ngesivimbe­lo senkantolo oNgqongqos­he bezeZempil­o, oweZemfund­o Yamabanga Aphansi noWokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu.

Incwadi yabameli babo ithunyelel­we labo Ngqongqosh­e yinhlangan­o engenzinzu­zo i-AfriForum emele laba bazali kulokhu igcizelela ukuthi abazali bakulesi sikole sabadla izambane likapondo abafuna ukuzigcine­la izingane zabo abavunyelw­e ukukwenza lokhu.

Kuyimanje laba bafundi bagcinwe endaweni yezivakash­i eBloemfont­ein futhi labo Ngqongqosh­e sebeyiphen­dulile incwadi ababhalelw­e yona. Kuthiwa laba bafundi batshelwa ukuthi bazoba “yimpahla kaHulumeni izinsuku ezili-14.

ECape Town:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa