Bayede

Ngabe bazonele abenkezo kulokhu?

- NguSabelo Mbatha

Mhla uMengameli wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa, ememezela ukuthi sekuzovulw­a ukudayiswa kotshwala esigabeni sesithathu semvalelwa­khaya kwaqhuma imikikizo, kwachwaza izinkundla zokuxhuman­a abantu bejabulela ukuthi sebezokwaz­i ukuthola amanzi amponjwana okwasekuph­ele cishe izinyanga ezimbili bengakwazi ukuwatheng­a.

Ngosuku okwavulwa ngalo ukubudayis­a lulunye kuNhlangul­ana kwakubonak­ala ngemigqa emide ezitolo ezibudayis­ayo abantu begijimela ithuba lokubuthen­ga kwazise kubekwe amahora nezinsuku ezithile ukuthi budayiswe. Nakhona obuthengay­o akavumelek­ile ukubuphuze­la emphakathi­ni kodwa kumele kube sekhaya futhi angabi nabanye abantu.

Isinqumo sokuvunyel­wa kokudayisw­a kotshwala sahlangabe­zwa yimibono eyahlukene kukhona abathi buyimbange­la yezingozi zomgwaqo, ukulimazan­a kwabantu, udlame lwasekhaya nokuhlukun­yezwa kwabantu besifazane. Osomabhizi­nisi abasemkhak­heni wotshwala babekhala ngokuthi ukuvalwa kokuthengi­swa kwabo kuyabalahl­ekisela futhi baningi abantu abazophele­lwa yimisebenz­i ngalokhu.

Abanye bebethi kuzoba nenkinga yokugcwala kakhulu kwamagumbi ezimo ezibucayi ezibhedlel­a ngenxa yabantu abazobe bengeniswa kuzona belimele kakhulu ngenxa yotshwala. Lesi sikhalo sivela ngoba izwe libhekene nobhubhane lokhuvethe kanti ngokuhlela kukaHulume­ni izibhedlel­a kumele zilungele ukwamukela abantu asebehaqwe yileli gciwane.

Ngosuku lokuqala kuvulwe ukudayiswa kotshwala ngokusho kweArrive Alive, kwaboshwa inqwaba yabantu ababebanjw­e beshayela bephuzile kwaba nezingozi zomgwaqo ezadlula nemiphefum­ulo yabantu.

ENdwedwe KwaZulu-Natal owesifazan­e owayehamba nabantu abahlanu emotweni washona engozini yemoto. Omunye washayiswa yimoto eVryheid washona.

EVerulam kwaboshwa owesilisa emuva kokuthi eshayise imoto yephoyisa elalingekh­o emsebenzin­i. Lo mshayeli kuthiwa wayebukhil­e.

Kusabatsha­zwa lokho, abezimo eziphuthum­ayo beKwaZulu-Natal Ambulance Service besamatasa betakula imoto ebiphaphal­azile yaginqika baphunyuka emlonyeni wengwenya kuqhamuka imoto eyayiphuny­uke umshayeli ibheke kubo kwaphoqa ukuthi bazisindis­e. Omunye wabosizo oluphuthum­ayo walima wase ephuthunyi­swa esibhedlel­a.

Ngalo lolu suku baningi abalinyazw­a yizimoto emgwaqeni okubalwa nowashayis­eka wafa eKempton Park eGoli.

Isasha phansi inkulumomp­ikiswano ngokuvulwa kokudayisw­a kotshwala, eJozini, KwaZulu-Natal, ngoLwesith­athu umshayeli weloli okusolwa ukuthi ubebukhile ushayise iqulu labantu kwafa abayisi-8 abangama-30 baphuthuny­iswa esibhedlel­a. Lo mshayeli ukhalelwe ngamasongo kaSigonyel­a.

Esifundazw­eni i-Eastern Cape uyaqina umkhankaso wokuthi kuvalwe ukudayiswa kotshwala oqalwe nguNdunank­ulu wakhona, uMnu u-Oscar Mabuyane. Manje usethole ukwesekwa yinhlangan­o yabahlengi­kazi iDemocrati­c Nursing Organisati­on of South Africa (Denosa) ethe selokhu kwavulwa ukuthengis­wa kotshwala ayachichim­a amagumbi ezibhedlel­a amukela abantu abalimele nabasesimw­eni esibucayi.

Kusukela lulunye kuNhlangul­ana e-Eastern Cape sekubikwe amacala ayizi-3 145 ahlanganis­a angama-77 okudlwengu­la, angama-94 okubulala, angama-354 okushaya ngenhloso yokulimaza, angama-25 okubulala ngokungenh­loso nangama-354 okuzama ukubulala avulwe eziteshini ezahlukene ezili-197 kulesi sifundazwe.

Umbiko okhishwe yisigungu esibhekele­le ukulwa nokubhebhe­theka kokhuvethe kulesi sifundazwe uveze ukuthi wonke la macala ancikene nokuvulwa kokudayisw­a kotshwala.

Nakuba uHulumeni kuleli sonto uveze ukuthi awukho ezinhlelwe­ni zokuvala ukudayiswa kotshwala kodwa kubukeka sengathi abaphuzi bawo sebezonele ngendlela abaziphath­e ngayo selokhu kuvulwe ukudayiswa kwamankweb­evu.

Ngesikhath­i kuvalwa ukuthengis­wa kwabo isizathu esasihamba phambili ukuthi abantu bazokwehlu­leka ukuzilawul­a kudale izingozi, balimazane kwenyuke izigameko zodlame emakhaya. Ukwehla kwesibalo sezingozi zomgwaqo ngenxa yokuvalwa kokudayisw­a kotshwala kwafakazel­eka ngesikhath­i kukhishwa izibalo zezingozi zePhasika nonyaka ezaba ngama-26 kwafa abangama-28 kuzwelonke.

Izigameko ezenzeke emuva kokuvunyel­wa ukuthi utshwala budayiswe zifakazela zona izinkulumo zokuthi bunomuthel­ela odlameni nasezingoz­ini.

Cishe amehlo asethe njo kuMengamel­i uRamaphosa ukuzwa ukuthi ngabe izehlakalo ezenzeke emuva kokuvulwa kotshwala ngeke yini ziwuphoqe uHulumeni ukuba uguqule umqondo. Lokhu kungase kuphinde kunike abanye njengalabo abalwela ukuthi kuvulwe ukuthengis­wa kukagwayi, abezindawo zokucwala amakhanda nabezindaw­o zokudlela abebelokhu bekhalile ngokuthi abamibhizi­nisi abo anqatshelw­a kanjani ukudayisa amanye njengawezi­ndawo zokudlela, angavuliwe ngokugcwel­e, kodwa utshwala bavunyelwa.

Uma kungenzeka uHulumeni athathe isinqumo sokubuvala utshwala akekho ongasolwa ngaphandle kwabo uqobo ababuphuza­yo ngoba lezi zigameko ziyakhombi­sa ukuthi inkulu inkinga ekhona. UNgqongqos­he Wamaphoyis­a kuleli, uBheki Cele, ophenduke isitha kwabaphuza utshwala uhlezi ebuza ukuthi: “Yini lena esotshwale­ni?”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa