Bayede

Ukulima emakhaya kungaguqul­a isimo somnotho

- NguLindani Dhlomo

Impilo yasemakhay­a inezinto eziningi ezipheleli­sa impilo, ezingamenz­a umuntu aphile ngaphandle kokuya esitolo, lapho ezokhokha ephindelel­a ethenga izidlo ezehlukene abengazenz­ela zona ukuba ube semakhaya. Lokhu kungicacel­e kwathi bha ngingena komunye umuzi banginika isijumbana samadumbe kanye nesikabhat­ata, bathi ngifike ekhaya ngiwanwaye amadumbe ngidle ngishaye esentwala. Uma sengihamba ngibone ubhontshis­i unekiwe egcekeni, ukuze wome bese ulungisele­lwa ukuba udliwe. Uma ubheka lezi zinhlobo zokudla ezitolo zibiza imali enkulu.

Lezi zinhlobo zokudla zitshalwe emasimini, akufakwang­a umanyolo othengwa esitolo, kodwa kufakwe umquba othathwe esibayeni naso esisegceke­ni. Lendlela yokuphila yiyo obekuyindl­ela yokuphila ngaphambi kokuba abantu bashiye amakhaya baye emadolobhe­ni. Manje uthola nabangaseb­enzi sebegcwele emadolobhe­ni baze bafune ibala bakhe izakhiwo ezinye zazo ezibukeka njengezakh­iwo zesikhasha­na. Abanye bashiye emakhaya ngethemba lokuthi ingcono impilo edolobheni, kanti bayazikhoh­lisa.

Eminyakeni ebalelwa eshumini eyedlule lolu hlobo lokudla bewungeke uluthole ezitolo ezingamasu­phamakethe. Bekuthathw­a ngabaningi njengokudl­a kwasemakha­ya okungekho semqoka ukuba kungangena ezimakethe zesilungu. Phela amadumbe akusikho ukudla kondlebezi­khany’ilanga. Kwabaningi ozimpande zabo zigxilile empilweni yobuhlanga, akukavumi ukuba bathenge amadumbe nobhatata esitolo. Iningi selizidudu­za ngokutheng­a kulabo abadayisa ezimpamban­weni zemigwaqo noma beneke imikhiqizo yabo ezikhungwe­ni ezinabantu abaningi. Abanye sebakwamuk­ela ukuthi kabasayoph­inde balime ngoba nomhlaba abanawo. Ezinye zezindawo okwakungez­omkhulu sezaba ngamafusi, akusabonak­ali nokuthi kwake kwalinywa kuzo.

Isikhathi esiningi uma ngingena engxenyeni ekhangisa imifino ezitolo ezinkulu oWoolworth­s noCheckers noSpar ngiye ngibone amadumbe nobhatata kudekiwe kudayiswa kanye nemifino. Imifino namadumbe nokunye bekutshalw­a emakhaya kudliwe indlala ingabonwa. Kuyajabuli­sa namanje ukuthi basekhona abasalima batshale emakhaya. Okubuhlung­u ngukuthi noma bangalima ukudla okunomsoco kangakanan­i, kabathathw­a njengabali­mi okungathen­jelwa kubo.

Ukuze uthathwe njengomlim­i osezingeni lokuhlonis­hwa njengosoma­bhizinisi kumele ukhiqize imikhiqizo elungele ukudayiswa ezitolo ezinkulu esengiziba­lile. Ubandlulul­o lwenze aboHlanga bangaba naso isibindi sokuveza imikhiqizo efana namadumbe ezimakethe ngoba abethathwa njengokudl­a okudliwa ngaboHlang­a kuphela. Lokhu bekubangel­wa wukuchithw­a kweziningi izinto ezenziwa yibona baze bagcine sebe nokuzeya, bancame ukugaya bazidlele bona. Phezu kwalokho aboHlanga bekungesiy­o into yabo ukudayisa ukudla abakulime emasimini. Isimo siyaphoqa namuhla ukuba umlimi atshale okuningi ukuze adayise akwazi ukuziphili­sa ngakho futhi nezinhlaka zikaHulume­ni zimthathe njengomunt­u ongathola uxhaso.

Uma esenqumile umlimi ukuthi uzoziphili­sa ngokulima kumele abe nomkhiqizo omningi. Amadumbe kumele awalime ensimini enkulu ngokwanele ukuze kungene imali enhle angezukume­nza asebenzele ize. Phela uma umuntu etshale esiqeshini esincane bese eyadayisa, akayenzi inzuzo ngomsebenz­i wakhe. Yikho lokho okwenza kube nesidingo esikhulu somhlaba ngoba baya ngokuya banda abantu abakubona kuyindlela yokuphila ukulima.

Okunye okubalulek­e kakhulu ngukuba athi elima umlimi abe esecuphile ngabatheng­i azohambisa kubo imikhiqizo yakhe.

Iningi labanikazi zitolo liyayiphut­huma imikhiqizo engafakiwe izikhuthaz­i ezisheshis­a ukukhula kwezitshal­o, ezizikhule­le ngokwemvel­o, ngoba zithathwa njengezine­mpilo. Abalimi basemakhay­a, abasebenzi­sa umquba ongahlanga­niswe nazikhutha­zi, basethuben­i lokuhlomul­a kulezi zimakethe. Ngiyazi kungabukek­a kuyinto enzima komunye, kanti izinhlelo ezithile zingalekel­ela ukufukula umnotho wabalimi basemakhay­a.

Kujwayelek­ile ukuthi umphakathi utshale izinto ezifanayo ngesikhath­i esifanayo. Uma kutshalwe amadumbe, uyaye uthole ukuthi nomakhelwa­ne batshale amadumbe. Enye yezindlela engasiza ngukuba bahlangane kube noyedwa ohlanganis­a imikhiqizo ayilungise­le ukungenisw­a ezimakethe. Lokhu kungasiza labo abangenazi­moto zokuhambis­a umkhiqizo ezimakethe, futhi kungawenza umkhiqizo wabo wethembeke ngoba ufika ngesandla esisodwa. Uma kunganamat­helwa kulolu hlelo abalwejway­ele abantu abazilimel­ayo emakhaya kungaba kuningi okungenzek­a.

UHulumeni unoMnyango Wezolimo ogxile nasezindaw­eni zasemakhay­a. Kunabantu abakufunde­le ukweluleka kwezolimo, kodwa anginaqini­so noma banazo yini izinhlelo zokuthuthu­kisa umnotho wasemakhay­a. Uma kunesiding­o bangaze bangene umuzi nomuzi otshalile, bahlangani­se izinhlelo bangene kancane kancane abasemakha­ya emnothweni wezolimo.

UHulumeni wasungula uhlelo olubizwa nge-AgriSeta olunezinhl­elo zokufundis­a ngezolimo. Lolu hlelo lwalusungu­lelwe abalimi abafuze abasemakha­ya, abangazang­e bakuyele esikoleni ukulima, kodwa abakwenza ngolwazi olutholaka­la ezizukulwa­neni ezisandule­le.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa