Kusathule ngalabo abacwala onontandakubukwa
Kuyakhulunywa ngogwayi ovaliwe, kanti futhi bekukhulunywa kakhulu ngesikhathi bungakavulelwa utshwala, kodwa kunabantu abangezwakali bekhononda kanti nabo bathwele kanzima. Labo ngosomabhizinisi abacwala abantu ngezinhlobo ezehlukene zemikhakha yako. Azinakekile lezi zindawo, kanti zivula ngovivi lize liyoshona ilanga bephuma bengena abantu.
Ngenkathi kuvalelwe wonke umuntu bekungabonakali muntu ehamba emgwaqweni, futhi besingekho isidingo sokuzicwala. Sekuyisikhathi sigcinile ukubona abantu beshaya kancane benezinkophe zokufakelwa, nezinzipho zokufakelwa, bacwayize kuvele umbala omhlophe phezu kwamehlo. Phela buyasetshenzwa ubuhle bomuntu.
Kunomkhakha wamabhizinisi ongakavuli kuze kube manje ngoba abasebenza kuwo badinga ukuthinta abantu enyameni. Abakwazi ukwenza umsebenzi omuhle uma besebenzisa okuvikela izandla njengamaglavu. Umsebenzi wokucwala umuntu unemikhakha eminingi ngokwawo ngoba, kunalabo abalungisa izinwele zabesifazane, nalabo abagunda balungise izinwele zabesilisa. Kukhona nalabo abalungisa ubuso babantu babagcobe izinhlobo ezehlukene zokusapende umuntu agcine eseyisiphalaphala ekade engesiso. Kwesinye isikhathi umuntu ogcabile ziyafihleka izinhlanga kuye uma esetshenzwe ngendlela ethile. Abanye balungisa izandla nezinyawo zabantu baze babafake izinzipho ezihlotshisiwe ezinde, ezenza umuntu angakwazi nokuzenwaya, kwesinye isikhathi angakwazi nokwenza imisebenzi yasendlini.
Akusiyo imboni encane lena. Kodwa kulesikhathi bakhala nxazonke abafuna “ukwenza ikhanda” ngoba kuvalwe iminyango kulamabhizinisi. Ukhuvethe phakathi kwesinye izinto luvale onontandakubukwa nonobuhle. Yisikhathi esinzima kwabakulemboni ngoba kubona kulula kakhulu ukungenwa yileli gciwane ngoba bathinta abantu abehlukene.
Phansi kwalo mkhakha kukhona labo ababhucabhuca abantu emzimbeni bebatoboza ukuze baqede ubuhlungu bezicubu nokukhathala komzimba. Sekuyibhizinisi elikhulu lokhu ngoba nasemidlalweni enhlobonhlobo sekunabantu abasiza ukutoboza labo abakade bedlala noma abakade begijima ukuze kukhululeke izicubu zomzimba. Nabo laba abasebenza kuloluhlobo lwebhizinisi basesebumnyameni ngokuthi kuyovulwa nini ukuba babuyele emsebenzini.
Umgwaqo umunye kuyenzeka ube nezindawo zokucwala abantu eziningi, ngenxa zokuthi baningi abantu abadinga ukuzicwala. Ubuhle buyasetshenzelwa.
Lolu hlobo lwebhizinisi lusondelene kakhulu nemboni yezokuvakasha, nayo esavalile ngenxa zokhuvethe. Kuyezwakala ukuthi sekukhona abawenza ngasese lomsebenzi, bahambele amakhasimende abo emakhaya, bekhokhoba ukuze bangabonwa. Phela kuyicala elibomvu ukwenza umsebenzi wokucwala abantu ngalesikhathi sokhuvethe. Inhloso yokuvala wukuba kungathelelwana ngegciwane ngokushesha.
Kuke kwaba nethemba lokuthi bazovunyelwa ukuvula ngenkathi kwehlelwa ezingeni lesine, kwabuye kwangashiwo lutho. Siyethemba kuzokuthi kungakehlelwa ezingeni lesithathu ezwakale uHulumeni ebavulela iminyango nalabo abasenkingeni yokuthenga ubuhle.