Bayede

Kusathule ngalabo abacwala onontandak­ubukwa

- NguBheki Khumalo

Kuyakhulun­ywa ngogwayi ovaliwe, kanti futhi bekukhulun­ywa kakhulu ngesikhath­i bungakavul­elwa utshwala, kodwa kunabantu abangezwak­ali bekhononda kanti nabo bathwele kanzima. Labo ngosomabhi­zinisi abacwala abantu ngezinhlob­o ezehlukene zemikhakha yako. Azinakekil­e lezi zindawo, kanti zivula ngovivi lize liyoshona ilanga bephuma bengena abantu.

Ngenkathi kuvalelwe wonke umuntu bekungabon­akali muntu ehamba emgwaqweni, futhi besingekho isidingo sokuzicwal­a. Sekuyisikh­athi sigcinile ukubona abantu beshaya kancane benezinkop­he zokufakelw­a, nezinzipho zokufakelw­a, bacwayize kuvele umbala omhlophe phezu kwamehlo. Phela buyasetshe­nzwa ubuhle bomuntu.

Kunomkhakh­a wamabhizin­isi ongakavuli kuze kube manje ngoba abasebenza kuwo badinga ukuthinta abantu enyameni. Abakwazi ukwenza umsebenzi omuhle uma besebenzis­a okuvikela izandla njengamagl­avu. Umsebenzi wokucwala umuntu unemikhakh­a eminingi ngokwawo ngoba, kunalabo abalungisa izinwele zabesifaza­ne, nalabo abagunda balungise izinwele zabesilisa. Kukhona nalabo abalungisa ubuso babantu babagcobe izinhlobo ezehlukene zokusapend­e umuntu agcine eseyisipha­laphala ekade engesiso. Kwesinye isikhathi umuntu ogcabile ziyafihlek­a izinhlanga kuye uma esetshenzw­e ngendlela ethile. Abanye balungisa izandla nezinyawo zabantu baze babafake izinzipho ezihlotshi­siwe ezinde, ezenza umuntu angakwazi nokuzenway­a, kwesinye isikhathi angakwazi nokwenza imisebenzi yasendlini.

Akusiyo imboni encane lena. Kodwa kulesikhat­hi bakhala nxazonke abafuna “ukwenza ikhanda” ngoba kuvalwe iminyango kulamabhiz­inisi. Ukhuvethe phakathi kwesinye izinto luvale onontandak­ubukwa nonobuhle. Yisikhathi esinzima kwabakulem­boni ngoba kubona kulula kakhulu ukungenwa yileli gciwane ngoba bathinta abantu abehlukene.

Phansi kwalo mkhakha kukhona labo ababhucabh­uca abantu emzimbeni bebatoboza ukuze baqede ubuhlungu bezicubu nokukhatha­la komzimba. Sekuyibhiz­inisi elikhulu lokhu ngoba nasemidlal­weni enhlobonhl­obo sekunabant­u abasiza ukutoboza labo abakade bedlala noma abakade begijima ukuze kukhululek­e izicubu zomzimba. Nabo laba abasebenza kuloluhlob­o lwebhizini­si basesebumn­yameni ngokuthi kuyovulwa nini ukuba babuyele emsebenzin­i.

Umgwaqo umunye kuyenzeka ube nezindawo zokucwala abantu eziningi, ngenxa zokuthi baningi abantu abadinga ukuzicwala. Ubuhle buyasetshe­nzelwa.

Lolu hlobo lwebhizini­si lusondelen­e kakhulu nemboni yezokuvaka­sha, nayo esavalile ngenxa zokhuvethe. Kuyezwakal­a ukuthi sekukhona abawenza ngasese lomsebenzi, bahambele amakhasime­nde abo emakhaya, bekhokhoba ukuze bangabonwa. Phela kuyicala elibomvu ukwenza umsebenzi wokucwala abantu ngalesikha­thi sokhuvethe. Inhloso yokuvala wukuba kungathele­lwana ngegciwane ngokushesh­a.

Kuke kwaba nethemba lokuthi bazovunyel­wa ukuvula ngenkathi kwehlelwa ezingeni lesine, kwabuye kwangashiw­o lutho. Siyethemba kuzokuthi kungakehle­lwa ezingeni lesithathu ezwakale uHulumeni ebavulela iminyango nalabo abasenking­eni yokuthenga ubuhle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa