Bayede

Zisadonsa kanzima izindawo zokudlela

- NguSabelo Mbatha

Nakuba imithetho yemvalelwa­khaya seyehlisel­we ezingeni lesithathu, amanye amabhizini­si avunyelwa ukuthi ahwebe yize engavuliwe ngokugcwel­e kepha umkhakha wezindawo zokudlela usakhihla eseNdlovuk­azi uNandi.

Phezu kokuthi lolu hlobo lwamabhizi­nisi luvunyelwe ukuba luhambisel­e ukudla amakhasime­nde afake ama-oda, akuwona wonke lolu hlelo oluwasizay­o.

Okhulumela usoseshini wezindawo zokudlela, iRestauran­t Collective, uNkk uGrace Harding, uthe: “Sithole ukuphefumu­la kancane kodwa akukasisiz­i sonke sisasegumb­ini labagula kakhulu.”

NgoNhlaba ngesikhath­i elakuleli lisezingen­i lesine, uHulumeni wavumela abakuleli bhizinisi ukuba badayise futhi badilive ukudla okuphekiwe. Ekuqaleni kukaNhlang­ulana kube sekuvunyel­wa ukuba amakhasime­nde aye ezitolo ayothatha ama-oda awo kanjalo nokudayisw­a kotshwala phakathi kwelesi-9 ekuseni kuya kwelesine ntambama ngoMsombul­uko kuya kuLwesine.

Abezindawo zokudlela bathi bayazamuke­la izinyathel­o zikaHulume­ni zokuxegisa imithetho kodwa azanele.

UNkk uHarding uthe njengoba ezindaweni zokudlela sekumele kuthengwe kodwa kungadlelw­a kuzona, sezizoding­a izisebenzi eziyisi-6 kungafani nasesimwen­i esejwayele­kile lapho kudingeka ezingama-25.

Uthe kwesinye isikhathi kugcina sekungadin­geki muntu ozosebenza. Eveza ukulungela kwabo ukuvula ngokugcwel­e uthe sebakhe izindlela zenhlanzek­o nemithetho yokuphepha ukuze izindawo zokudlela zisebenze ngaphansi kwezimo eziphephil­e.

Uthe kuningi abakuzuzil­e kule nyanga edlule ukulungise­lela ukuvula. Ubalule ukusebenzi­sana neSector Education and Training Authority (SETA) esibagunya­ze ukuba baqeqeshe izimeneja zabo.

Isitolo sokudlela i-Ocean Basket isigunyazw­e njengesizo­qeqesha izimeneja eNingizimu Afrika. Abezindawo zokudlela baqeqeshwa mahhala ngendlela ye-intanethi kanti ngesonto bakwazi ukuqeqesha isibalo sabanikazi balezi zindawo nezimeneja esifinyele­la enkulungwa­neni.

“Zonke izindawo okuzodlelw­a kuzona zizolengis­a ezindongen­i izitifiket­i ezikhombis­a ukuthi ziqeqeshiw­e futhi zizibophez­ele emithethwe­ni yokhuvethe emayelana nokuphepha,” kusho uNkk uHarding egcizelela ukuthi bakulungel­e ukuthi amabhizini­si abo avulwe ngokugcwel­e. Uthe sebevule ulayini wocingo ukwelekele­la amakhasime­nde anokukhath­azeka ngokhuveth­we nokuphepha kwawo.

Esinye isisebenzi sakwaKentu­cky Fried Chicken (KFC) eThekwini esikhulume naleli phephandab­a kodwa sacela ukuba igama laso lingadalul­wa, sithe isimo kwabamabhi­zinisi ezindawo zokudlela sinzima kakhulu.

“Nakho ukuthi kuthiwe amakhasime­nde ukudla awaku-ode ahanjiselw­e kumba eqolo ngoba ezinye izitolo azinazo izinto zokuthutha ziyaphoqel­eka ukuthi ziqashe abantu noma izinkampan­i ezizimele ukwenza lokhu,” kusho lesi sisebenzi.

Senze izinsolo zokuthi njengoba kuphoqelel­wa ukuthi ukudla kuhanjiswe kumakhasim­ende kukhona abahlomula­yo ngalokhu njengoba izinkampan­i ezenza lokhu zithatha ama-30% emalini ye-oda.

Ukubheda kwesimo kulo mkhakha kufakazelw­e nguWendy Alberts oyiSikhulu Esiphezulu seRestaura­nt Associatio­n of South Africa (Rasa), othe le mboni ishayeke kakhulu emhlabeni wonke ngenxa yokhuvethe.

“Akukho ukusizakal­a esikutholi­le kuphoqe ukuthi siguqule indlela esisebenza ngayo kusuka ekudiliven­i ukudla nokungavun­yelwa ukuthi amakhasime­nde athenge bese edlela ezitolo zethu. Lena akuyona indlela esisebenza ngayo,” kukhala uWendy.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa