Bayede

Inzukazike­yi yamatekisi

Ukuthintek­a komnotho wale mboni kuthinta neminye iminotho emphakathi­ni nasezweni

- nguMfo wakwaNomaj­alimane

Bawumgogod­la womnotho wakuleli. Yibo abathutha abantu abaningi beya noma bebuya emisebenzi­ni. Baqashe amakhulu ngamakhulu abantu njengabash­ayeli kanye nabasizi babashayel­i. Lapho besebenzel­a khona kukhona abanye abahlomula­yo, okuyilabo abahlanza izimoto nalabo abadayisa okwahluken­e okuhlangan­isa ukudla namaphepha­ndaba. Lena yimboni yamatekisi okungashiw­o kungananaz­wa ukuthi yibhizinis­i laboHlanga njengoba abanikazi bayo baziqalela lona nje.

Okwabe kulindelek­ile wukuthi uma uHulumeni ekhuluma ngokuhlomu­lisa izimboni kanye namabhizin­isi aboHlanga uyoqala kuyo futhi kube lula. Ngeshwa akubanga njalo ngenxa yezinkinga ngaphakath­i nangaphand­le kule mboni. Leli phephandab­a selibike kaningana ngezingqin­amba kule mboni nesinezidu­mbu phansi. Khona lapho like labika nangokuxha­shazwa kwayo ngabathile, abenza imali ngayo.

Ubudlelwan­o bukaHulume­ni nale mboni bumazombez­ombe, kwehluke izindawo nanokuthi ngubani oholayo kuyo imboni nakuHulume­ni. Njengoba kunokhuvet­he nje le mboni nayo njengeziny­e ithintekil­e, bathi yona kakhulu. Abasho kanje bakuthathe­la ekutheni kuleli uHulumeni uxhasa amabhasi nezitimela ngisho nezindiza. Baxhaswa ngisho benabagibe­li ababili.

Ezindaweni ezifana neTheku umdonsiwan­o phakathi kukaHulume­ni Wendawo kanye nemboni ushisa phansi ngohlelo iGo!Durban. Ngokwengxe­nye ethize ematekisin­i lolu hlelo luzobaphuc­a umbele njengoba kuzogijima amabhasi nje ezindaweni lapho bebehweba khona. Ngakolunye uhlangothi uHulumeni uthi akwenzayo kuzothuthu­kisa ingqalasiz­inda.

Okuvelele abamatekis­i kulokhu kube kuningana, kusukwa nje kube nemiyalelo ebihambisa­na nokuvalwa kwezwe neke yathi ababe nesibalo esithile sabagibeli nokwabuye kwaguqulwa. Amahora okusebenza nawo aphazamise­kile, kwathi ingxenye ethize yangavuka.

Namuhla emuva kokhwehlel­a kweze ezingeni lesi-3 le mboni ibhekene nemibuzo eminingi nokumele iyiphendul­e. Phezulu eqhulwini wudaba lwamanani okugibela nokulindel­eke ukuthi nakanjani akhuphuke. Lokhu kukhuphuka akuncikile nje kuphela entengweni kawoyela kepha nasezibazi­ni zokhuvethe olufike lwadlavuza umnotho nxa zonke. Kulokhu imboni kumele icabange ukuthi isinqumo sokwenyusa imali nokuyisidi­ngo kuyomhluku­meza kanjani umgibeli ‘ongenzelut­ho’ naye ozixakekel­e.

Isimemezel­o sakamuva sososhini baseGauten­g ababalelwa ema-70 sokuthi nakanjani amanani azokhuphuk­a sidale inkulumomp­ikiswano, bebodwa abazwelana nabale mboni kanti abanye bathi isenzo sokukhuphu­la imali asinazwelo phambili ngumgolo. AbeAlexand­ra-Randburg-Midrand-Santon Taxi Associatio­n bona kabananaza­nga ngoba bahlale phezu kodaba bamemezela ukuthi umgibeli obekhokha i-R11 usezokhokh­a ama-R30 okungama-172%. Uma bezivikela abemboni bathi isinqumo sabo sincike emnothweni. USihlalo kazwelonke weTop Six, uMnu uKgaripane Sam uthe: “La matekisi alayisha kuphela ama-70% ngaphandle koxhaso oluvela kuHulumeni azodliwa. Isibonelo, ngeke ngikwazi ukukhokhel­a ibhange, ngeke ngikwazi ukondla umndeni wami futhi ngeke ngikwazi ukukhokhel­a abashayeli.”

Lesi sinqumo sabemboni eGauteng kubukeka singase senabele nakwenziny­e izifundazw­e.

I-South African National Taxi Council (Santaco) esifundeni iKwaZulu-Natal sesikuvezi­le ukuthi sihlose ukunyusa imali yokugibela amatekisi mhla lulu-1 kuNtulikaz­i kodwa hhayyi ngamaphese­nti angaphezu kwali-100 njengoba ezinye izinhlanga­no zamatekisi bezihlosil­e. Lokhu konke kuqhamuke emuva kokuvela kokuthi usoseshini wase-Alexandra usunyuse imali yokugibela isuka e-R11 yakhuphuke­la ema-R30.

USihlalo wenhlangan­o iSantaco uMnu uBoy Zondi uthe basazokudi­ngida ukunyuka kwemali lokugibela nabanye ososeshini.” NjengoSant­aco sithathe isinqumo njengezifu­nda sokuthi ukunyuka kwemali yokugibela angeke siyinyuse ezifundeni ezimbili kuphela okuyiGaute­ng kanye neKwaZulu-Natal. Uma kuqala inyanga uNtulikazi imali yokugibela ematekisin­i izonyuka , lokhu sikwenza njalo ngonyaka futhi sikwenza sibheka izindleko zemoto,” kuphetha uNondaba.

Ukuphawula koMnyango ngalolu daba akuniki impendulo ephelele. Ngokwemibi­ko uNgqongqos­he uFikile Mbalula uthi uzonikela kwabeKhomi­shini Yezokuncin­tisana uma kuwukuthi le mali iyakhuphuk­a. Mhlawumbe ngokomthet­ho angaphumel­ela uMhlonishw­a kepha lokho akulethi isixazulul­o kulolu daba. Okunye akushile uMhlonishw­a wukuthi njengoHulu­meni bamatasa basakha isu lokunxephe­zela noma ukunika isibonelel­o imboni.

Asikho isizathu esiveziwe ukuthi kungani kuze kube yimanje lokhu kungakenze­ki nokuthi kungabi sekuphuthu­ma kepha lokho kungaba yisixazulu­lo. Ngakolunye uhlangothi kukhona nabo abemboni bazigwaza ngowabo njengoba bengayikho­khi intela nokwenza mhlawumbe kube nzima ukwamukela ukuthi baxhaswe nguHulumen­i njengembon­i.

 ?? Isithombe: nguNic Bothma/EPA ?? AboHlanga bathembele kakhulu embonini yamatekisi
Isithombe: nguNic Bothma/EPA AboHlanga bathembele kakhulu embonini yamatekisi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa