Bayede

Inkunzi isemathole­ni

-

Oshicilelw­eni lwaleli sonto sibheke kakhulu intsha. Laba ngabantu abangaba yisibusiso nesilingo ezweni. Kubo kungavela osidlame ababhidliz­a yonke into noma abaholi abanombono ngezwe nangomhlab­a. Umlando waboHlanga unobufakaz­i bobuholi obuqotho nobunombon­o okuqala entsheni. Uma singaqala emlandweni weLembe elabumba namuhla esikubiza ngoZulu. Umlando walo uveza ukuthi umthente wahlaba usamila. Wabonwa esengumfan­a ukuthi lapha kuzohluba indoda nembala leyo ndoda yaba ngubaba wakho konke okunguZulu. Kanti nakuye ugogo walo nobabekazi walo iLembe, iNdlovukaz­i uMthaniya noMntwana uMkabayi ubuholi babo babonakala beseyizint­ombi njengoba namuhla umlando kaZulu ungephelel­e uma amagama abo engekho. Umlando weNgonyama uDinuzulu kaCetshway­o uwubufakaz­i bokuthi abantu abasha bangalihol­a izwe. Ithathe isihlalo sawoyise isengumfan­a ineminyaka ebalelwa kweli-16 kepha yawuhola uZulu ezikhathin­i ezinzima. Nale ehleli eSihlalwen­i ngesethu isikhathi ithathe iseneminya­ka engama-23 vo nanamuhla isasihola. Bakhona nabanye abaholi bomzabalaz­o waboHlanga abafana noMnu u-Anton Lembede, oMnu uBantu Biko, uMntwana waKwaPhind­angene, uMnu u-Oliver Tambo, uSol uMangaliso Sobukwe, uMnu uRholihlah­la Mandela, uNkk uNomzamo Mandela, uNkk u-Albertina Sisulu, uNks uLillian Ngoyi nabanye nabo ubuholi babo obagqama besebancan­e. Namuhla izwe lidinga ubuholi bohlobo olwehlukil­e ngoba nesibheken­e nakho kwehlukile. Kuyinkolel­o yethu ukuthi lobu buholi ngeke buvele emkhakheni owodwa njengakupo­litiki nje. Kunalokho buyovela kuyo yonke imikhakha. Buyovela kuthisha, ephoyiseni, kumfundisi, kodokotela nakubahlen­gikazi, kubadlali bemidlalo enhlobonhl­ono nakubalimi emakhaya njalo njalo. Kungalesi sizathu njengephep­handaba ngokukheth­ekile ngesonto lesithathu kuNtulikaz­i sizoshicil­ela inkonyane elisihloko sithi ‘Imithente ehlaba isamila’ lapha siyobe sibungaza ubuholi bentsha cishe kuyo yonke imikhakha. Kuyisifiso sethu ukuthi nawe ube yingxenye yokuqoka labo ocabanga ukuthi bakufanele ukuba sikhulume ngabo. Kulokhu ngeke sihambise ngeminyaka yamaqembu epolitiki noma imithetho yezwe kepha sizobheka abaholi, abesilisa nabesifaza­ne abasuka eminyakeni eli-18 kuya kwengama-40. Laba kuyobe kungaboHla­nga esibabunga­zayo nabayisibo­nelo kithi sonke. Bheka iminingwan­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a nakulo ushicilelo lwanamuhla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa