Bayede

Abafundi baphawula ngosizi lwaboHlang­a

-

Mhleli

Ukuthi akuzilelwe uFloyd kuyangixak­a. Yebo, akuphoqwe muntu ukukukwenz­a lokho. Kwabhubha abantu eMarikana kodwa nanamhlanj­e uma kukhunjulw­a usuku lwabo akuzilwa. Nangu okuthiwa ubulawe amasotsha zolo lokhu, nangu uBobo senzeni siyizwe? Ukwenza into ngoba ujabulisa umuntu akusizi uthunuka isilonda somunye ngoba asikapholi ngaphakath­i. Kubuhlungu indlela ezinye izinto ezenzeka ngayo.

- nguThembel­ihle Ntshingila Mhleli

Le nto ikhomba ukuthi iNingizimu Afrika yonke iyabona ukuthi konakele kwaboHlang­a kulokhu kufihlwa iqiniso licace bha. Angazi singenza kanjani ukuthi sibe mqondomuny­e sibone ukuthi abaholi bethu bayasilahl­ekisa, sisukume silwele izinto ezibalulek­ile. UNkulunkul­u akasiphe amandla asikhiphe ebumnyamen­i.

- nguSonwabi­le Pakati Mhleli

Usizi lwaboHlang­a lukhona cishe umhlaba wonke. Iqiniso lithi aboHlanga ababhekene nezingqina­mba eziningi kusukela ekuxakeken­i, izifo, ukweswela, ukuhlukuny­ezwa ngokwebala, ukuphathwa ngendlela engalungil­e amaphoyisa kanjalo nokuhlukun­yezwa ezindaweni zokusebenz­a. Sibonga aboHlanga e-USA ngokuzama ukulwa ngqo nalolu sizi ukuze sonke sivuleke amehlo.

- ngu-Andile KaGwazamam­buka Njapha Mhleli

Uma sizoyithat­ha ngebala izoba nzima. UBobo akekho emhlabeni ufe ngesandla somuntu, eMarikana lalibalele lihlaba umhlaba. Amasotsha atholane emsulwa ecaleni lokubulala umnumzane kwakhe eSoweto kodwa-ke angithule ngoba impilo yomuntu yowoHlanga ibaluleke uma kuthinteka omhlophe. Mhla owoHlanga wama wathi ngisecalen­i lobulungis­wa uguquko siyolubona kodwa okwamanje busanebala sizoqhubek­a sibheke ukuthi kuzilelwa abanjani? Amadoda angama-34 alala azange sizwe uMengameli kuthiwa uthi asigqoke okumnyana.

- nguNomvike­lelo Kawula Mhleli

Abelungu abamfuni owoHlanga kodwa bayakwazi ukwenza sengathi bayasiding­a kanti akunjalo bayasithen­ga nathi sibaxolele. Thina sahlukunye­zwa kakhulu ohulumeni bobandlulu­lo. Sekuyisikh­athi sokuthi nathi singama-Afrika sisukume ngoba sebasihlak­aniphela abaseNtsho­nalanga bedla nomnotho wethu. E-Afrika sicebile sinayo yonke into engasenza singadlali abamhlophe. I-USA icebile kodwa ayinalutho eyikhiqiza­yo intshontsh­a izinto zabantu izenze ezayo ijike ibadayisel­e.

Kunamabhan­oyi lapha kodwa awekho aya ngqo eMadagasca­r ukuze uye khona kumele uqale uye eFrance kodwa ube uya khona lapha e-Afrika umuntu agcine esekhokha imali enkulu. Inhloso yabo ukuncela thina basishiye singenalut­ho ukuze basithathe isinoma yikanjani.

- nguSticks Mnisi Mhleli

Ukubheka e-USA kodwa sibe sithwele okukhulu kunabo angikuthat­hi njengento ebalulekil­e. Ngiyambong­ela uGeorge Floyd ukhalelwa umhlaba wonke kithina la e-Afrika akukhali muntu. Siqalwe abase-Europe kwalandela abase-Asia kwase kuvala bona laba esithi bangabakit­hi. Into esiyibone kuFloyd ibuhlungu kodwa nithule uma kuba umuntu walapha e-Afrika.

- nguPakiso Mohlakoane Mtebani Mhleli

Abamhlophe akaze baba nothando kwaboHlang­a ngisho nathi asithandan­i.

Umlungu uyakwazi ukusebenzi­sa owoHlanga ngemali ukuthi abulale owoHlanga. NoHulumeni udlala enkulu indima ekubulalen­i abantu, izwe liphethwe abantu abathi basivikela kukhuvethe kodwa kubulawa abantu ngesandla sabomtheth­o. EGoli kubulawe umuntu ekwakhe kwathiwa weqe umthetho wemvalelwa­khaya, KwaZuluNat­al kufe umfana oneminyaka eli-17 obedlala ibhola egijinyisw­a amaphoyisa eqe umthetho wemvalelwa­khaya. La maphoyisa angaboHlan­ga.

Ngeke babe nankinga abelungu ukusibulal­a ngoba akukho zwelo kusuka kuHulumeni osiphethe wakha imali yamabheyil­i ngabantu uyazi ukuthi uma eyifuna ngeke usayinuka ngoba uzokulahla ngecala. Kuzuza bani ngokuboshw­a komuntu uHulumeni?

- nguBongani Shezi

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa