Bayede

Imithetho yokhuvethe mayelana nemingcwab­o

-

Mhleli

AboHlanga bahlukumez­ekile kakhulu ikakhuluka­zi omama abazilile. Ake kusukunywe kuxegiswe nakhu konakala. Angisiboni nesidingo sokukalwa kwesibalo sabahambel­a imingcwabo, edolobheni kuke kugcwale abantu ngendlela exakile kodwa uma sekumele abantu benze izinto zabo kuthiwa akuyikho. Ngiyakhala kanti izwe lethu liphethwe abanjani?

- nguZethemb­e Manqele Mthonga Mhleli

Lo mthetho uyihlukume­zile kakhulu imindeni, kwake kwakuphi ukuthi umuntu angalandwa uma eshone ngokugula alale kubo? Nokumiswa kokwenziwa kwemiseben­zi, obekumele yenziwe ebusika isiyokwenz­iwa nini? Abantu bayogqoka inzilo kuze kuphele imvalelwak­haya, sihlukunye­ziwe.

- nguMbaliza­manguni Mthenjane Mhleli

Lapha kunyathelw­e kakhulu amalungelo abantu abaphila ngosikompi­lo lwabo. Lokhu kufana ncamashi nokugidisa umuntu ingoma egidwa ngezinyawo zombili kodwa kuthiwe akasebenzi­se olulodwa. Lokhu kwenza ukuthi singahlomu­li ngokwanele emalungelw­eni okufanele siwathole njengezakh­amuzi. Izwe uma lishaya imithetho okungaba ukumiswa kwezinto ngenxa yezimo ezikhona, kubaluleki­le ukuba kubhekwe ukuthi abantu babandakan­yeka kangakanan­i kuleyo mithetho. Iqiniso lithi eminye imithetho eshaywe lapha iwanyathel­ile amalungelo abanye abantu.

- nguZonwabe­le Ndlelani Mhleli

Ukuvalwa kwezwe kusifundis­e ukuthi siyizwe esingenaba­ba. Abukelwe phansi amasiko ethu ubaba ubethule wangasivik­ela. “Sobohla Manyosi” uma sebemjikel­e ubaba sebethatha okuyigugu kithi angakhali.

- nguMthoko Dlomo Mkhabela Mhleli

Kanti uMdlokomba­ne akabizwa yini yilabo sopolitiki abasixhaph­azayo uma bezothatha izinqumo ukuze akwazi ukuvikela isizwe sakhe?

- nguKa Mthombeni Ndlangisa Mhleli

Kumele asivikele uHulumeni kodwa kufanele kuhlalwe phansi zonke izinhlaka ezithintek­ayo zibe nemibuzo ngaphambi kokuthathw­a kwezinyath­elo zemvalelwa­khaya.

- nguSboniso Ninani

 ?? Isithombe: New York Times ?? Kungesikha­thi kufihlwa uMnu uNelson Mandela
Isithombe: New York Times Kungesikha­thi kufihlwa uMnu uNelson Mandela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa