Imithetho yokhuvethe mayelana nemingcwabo
Mhleli
AboHlanga bahlukumezekile kakhulu ikakhulukazi omama abazilile. Ake kusukunywe kuxegiswe nakhu konakala. Angisiboni nesidingo sokukalwa kwesibalo sabahambela imingcwabo, edolobheni kuke kugcwale abantu ngendlela exakile kodwa uma sekumele abantu benze izinto zabo kuthiwa akuyikho. Ngiyakhala kanti izwe lethu liphethwe abanjani?
- nguZethembe Manqele Mthonga Mhleli
Lo mthetho uyihlukumezile kakhulu imindeni, kwake kwakuphi ukuthi umuntu angalandwa uma eshone ngokugula alale kubo? Nokumiswa kokwenziwa kwemisebenzi, obekumele yenziwe ebusika isiyokwenziwa nini? Abantu bayogqoka inzilo kuze kuphele imvalelwakhaya, sihlukunyeziwe.
- nguMbalizamanguni Mthenjane Mhleli
Lapha kunyathelwe kakhulu amalungelo abantu abaphila ngosikompilo lwabo. Lokhu kufana ncamashi nokugidisa umuntu ingoma egidwa ngezinyawo zombili kodwa kuthiwe akasebenzise olulodwa. Lokhu kwenza ukuthi singahlomuli ngokwanele emalungelweni okufanele siwathole njengezakhamuzi. Izwe uma lishaya imithetho okungaba ukumiswa kwezinto ngenxa yezimo ezikhona, kubalulekile ukuba kubhekwe ukuthi abantu babandakanyeka kangakanani kuleyo mithetho. Iqiniso lithi eminye imithetho eshaywe lapha iwanyathelile amalungelo abanye abantu.
- nguZonwabele Ndlelani Mhleli
Ukuvalwa kwezwe kusifundise ukuthi siyizwe esingenababa. Abukelwe phansi amasiko ethu ubaba ubethule wangasivikela. “Sobohla Manyosi” uma sebemjikele ubaba sebethatha okuyigugu kithi angakhali.
- nguMthoko Dlomo Mkhabela Mhleli
Kanti uMdlokombane akabizwa yini yilabo sopolitiki abasixhaphazayo uma bezothatha izinqumo ukuze akwazi ukuvikela isizwe sakhe?
- nguKa Mthombeni Ndlangisa Mhleli
Kumele asivikele uHulumeni kodwa kufanele kuhlalwe phansi zonke izinhlaka ezithintekayo zibe nemibuzo ngaphambi kokuthathwa kwezinyathelo zemvalelwakhaya.
- nguSboniso Ninani