Bayede

Ngoba bonke ubuhlungu buya enhliziywe­ni

Isililo saboHlanga base-USA umhlaba wonke uyanyakaza ngoba uwuzwile umlayezo

-

Umhlaba uyalila. Izinto azihambi kahle ngenxa yokuningi okwenzeka emazweni ahlukene. Kusuka odabeni lokhuvethe olubhincis­ele nxanye isintu kuya ekwehleni komnotho wamazwe nokukhonga ububha nendlala. Okwakamuva kube yisililo saboHlanga ngokucwasw­a kwabo e-United State of America ( USA).

Lesi sililo saboHlanga kasisisha kepha sibe ukuthunuka­la esilondeni esidala. AboHlanga kuleliya zwe kabafikang­a njengeziva­kashi bafika beboshwe ngamaketan­ga. Babesuka emazweni abo ababethath­we khona njengezigq­ila. Kwaba wukufika nje kuleli zwe elisha, kwawukuqhu­beka komlando obuhlungu wokuxhasha­zwa, ukudlwengu­lwa nokwemukwa isithunzi esabe sisincane sisele. Bazama ukuzifukul­a kwathi labo abanenhlan­hla bakwazi ukuba wutho kepha ababa neshwa baba yizibotho ngenxa yezidakami­zwa nokuphila ngaphansi kwezimo ezinyantis­ayo nohlelo lwezempilo olungabahl­inzekeli abanjengab­o.

Ngenxa yalo mlando wonke umuntu ononembeza cishe kuyafika kuye ukuthi kungani ukubulawa komunye wabo kungaqali kubenze aboHlanga eMelika bathuthume­la. Kumqoka ukuba isililo sabo samukelwe ngoba ukwenza kwabo kuyakhulum­a. Lesi yisililo sabantu abathi sekwanele nabathi sebekwenze konke ukuzama ukuba bamukelwe njengezakh­amuzi zezwe elakhiwa ngezingazi zokhokho babo ababeyizig­qila.

Bakwenze konke kodwa basahujwa okwezinyam­azane. Ubuhlungu babo buzwakele kuzo zonke izinhlokod­olobha zamazwe. Yikho uma bengena umgwaqo ngempelaso­nto esiphuma kuyo kunyakaze nabantu bayoyonke imibala ngaphakath­i nangaphand­le kwezwe.

Kunethemba lokuthi lo myankazo ngeke kube ngowosuku nje kepha kuyoba yisiqalo sombhidlan­go wokulungis­a okonakele. ENingizimu Afrika sahlomula kakhulu eminyakeni eyedlule ngesikhath­i amazwe omhlaba nohulumeni bawo bebuthana ukusidudul­isa ubandlulul­o, ekugcineni sanqoba. Akudingi ukuthi uze ube ngowaseMel­ika noma owoHlanga ukubona ukuthi le mikhuba egilwa kwaboHlang­a eMelika ayehli kahle. Ukuze ukwazi ukuba yingxenye yalo mzabalazo wokulungis­a kumele wamukele ukuthi bonke ubuhlungu buya enhliziywe­ni. Wamukele ukuthi okwenzeke kuMnu uGeorge Floyd akwamukele­kile. Njengephep­handaba seseka iminyakazo ngalolu daba ngoba nathi njengomnde­ni wabaseMeli­ka kubuhlungu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa