Ngoba bonke ubuhlungu buya enhliziyweni
Isililo saboHlanga base-USA umhlaba wonke uyanyakaza ngoba uwuzwile umlayezo
Umhlaba uyalila. Izinto azihambi kahle ngenxa yokuningi okwenzeka emazweni ahlukene. Kusuka odabeni lokhuvethe olubhincisele nxanye isintu kuya ekwehleni komnotho wamazwe nokukhonga ububha nendlala. Okwakamuva kube yisililo saboHlanga ngokucwaswa kwabo e-United State of America ( USA).
Lesi sililo saboHlanga kasisisha kepha sibe ukuthunukala esilondeni esidala. AboHlanga kuleliya zwe kabafikanga njengezivakashi bafika beboshwe ngamaketanga. Babesuka emazweni abo ababethathwe khona njengezigqila. Kwaba wukufika nje kuleli zwe elisha, kwawukuqhubeka komlando obuhlungu wokuxhashazwa, ukudlwengulwa nokwemukwa isithunzi esabe sisincane sisele. Bazama ukuzifukula kwathi labo abanenhlanhla bakwazi ukuba wutho kepha ababa neshwa baba yizibotho ngenxa yezidakamizwa nokuphila ngaphansi kwezimo ezinyantisayo nohlelo lwezempilo olungabahlinzekeli abanjengabo.
Ngenxa yalo mlando wonke umuntu ononembeza cishe kuyafika kuye ukuthi kungani ukubulawa komunye wabo kungaqali kubenze aboHlanga eMelika bathuthumela. Kumqoka ukuba isililo sabo samukelwe ngoba ukwenza kwabo kuyakhuluma. Lesi yisililo sabantu abathi sekwanele nabathi sebekwenze konke ukuzama ukuba bamukelwe njengezakhamuzi zezwe elakhiwa ngezingazi zokhokho babo ababeyizigqila.
Bakwenze konke kodwa basahujwa okwezinyamazane. Ubuhlungu babo buzwakele kuzo zonke izinhlokodolobha zamazwe. Yikho uma bengena umgwaqo ngempelasonto esiphuma kuyo kunyakaze nabantu bayoyonke imibala ngaphakathi nangaphandle kwezwe.
Kunethemba lokuthi lo myankazo ngeke kube ngowosuku nje kepha kuyoba yisiqalo sombhidlango wokulungisa okonakele. ENingizimu Afrika sahlomula kakhulu eminyakeni eyedlule ngesikhathi amazwe omhlaba nohulumeni bawo bebuthana ukusidudulisa ubandlululo, ekugcineni sanqoba. Akudingi ukuthi uze ube ngowaseMelika noma owoHlanga ukubona ukuthi le mikhuba egilwa kwaboHlanga eMelika ayehli kahle. Ukuze ukwazi ukuba yingxenye yalo mzabalazo wokulungisa kumele wamukele ukuthi bonke ubuhlungu buya enhliziyweni. Wamukele ukuthi okwenzeke kuMnu uGeorge Floyd akwamukelekile. Njengephephandaba seseka iminyakazo ngalolu daba ngoba nathi njengomndeni wabaseMelika kubuhlungu.