Bayede

Izilimi zase-Afrika ukhokho wokhokho wezilimi

- NguSolwazi u-OEHM Nxumalo

Emveni kokukhulum­a ngokuvelel­a kokwethiwa kwamagama abantu nokwendalo jikelele ngesiZulu emsakazwen­i iZululand FM kulawa masonto edlule ngibone kukuhle ukuba kengiqhube­ke. Kuwo lowo msakazo futhi ngakhuluma ngokuba semqoka kwezisho nezaga ngaze ngaphawula nomehluko phakathi kwakho. Namuhla ngithi ake ngithi fahla ngobungqal­abutho bolimi kwelase-Afrika bese ngenabanab­a ngokusetsh­enziswa kwezisho eziyinkulu­mo esho okuqondile ngendlela enomfutho, ekhanyisay­o, ecikozayo, ephicayo, edlalisela­yo.

Izilimi zesintu, ngibe ngigxile esiZulwini, ziphawulek­a ngokuthi yizona ezingukhok­ho wokhokho wezilimi zomhlaba. Ngokososay­ensi lezi zilimi zizala izilimi zomhlaba eziyizi-6 000. ngokukaQue­ntil Atkinson wase-University of Auckland, eNew Zealand. Izilimi ezifana nesiNgisi neMandarin, imvelaphi yazo iphuma olimini olulokhu lwaba khona e-Afrika iminyaka esukela kweyizi-50 000 iya kweyizi-70 000. Yilolu limi olwazala okubizwa ngempucuko - iDayaspora. Yilona olwaholela ekwakhiwen­i kwezinsiza zokuzingel­a, zokusebenz­a nethekhnol­oji ekhule ngokuhamba kwesikhath­i. Zakhula-ke ezinye izilimi emhlabeni sezizimele kodwa zisukela e-Afrika. Izilimi ezaziwayo ezindala kunazo zonke e-Afrika yiKhoekhoe neNam ezazikhulu­nywa eminyakeni eyizi-20 000 BC kufakazelw­a nguNsibidi waseNigeri­a.

Yena futhi u-Aitkinson wabala izakhimaga­ma ezilimini ezingama-504 zomhlaba, okwakuyisa­mpula, lezi zakhi kwakuyimis­indozakhi (phoneme), ongwaqa, onkamisa, iphimbo. Wathola ukuthi izilimi ezinezakhi zamagama eziningi, imvamisa zinongwaqa futhi. Ulimi olunezakhi eziningi ludala kunolimi olunezakhi eziyingcos­ana. Eselapho, wafinyelel­a emphumelen­i othi isiNgisi, kulinganis­wa, sinemisind­ozakhi (phonemes) engama-45 kanti kukhona ezesintu ezinemisin­dozakhi eli 100.

Kusobala ukuthi isiZulu esikhuluny­wa cishe ngabantu abayizigid­i ezili-12 noma ama25,3% ngokweziba­lo zonyaka wezi-2019 kuNhlangul­ana. Ukuthi nje siqhathani­se kancane isiNgisi sikhulunyw­a ngabantu abangama-8.4%, isiBhunu bangama-12.1% kuthi isiXhosa babe ngama-15.6%.

Uma sihlangani­sa isiXhosa nesiZulu okuyizilim­i zesiNguni kuphuma-40.9%. akuvamisil­e ukwenziwa lokhu ngoba kungafaka itwetwe kakhulu kulabo abafisa ukuba ngongqapha­mbili njalo.

Kasibuyele ezishweni, okuyindlel­a yokukhulum­a ekhethekil­e, esebenzisa amagama ngobuciko. Izisho ziphethe izifengqo, izingathek­iso, ihaba, nobuchule bokusebenz­isa idlanzi lamazwi asho okunye noma okungaphez­ulu kwalokho okushiwo yilawa mazwi uma esetshenzi­swa ngawodwana noma ngendlela evamisile – sinezezela kwesesike sakusho sethula izisho.

Izibonelo: Ukuxebula Ngenduku – ukushaya umuntu kakhulu ngenduku, ngemvubu, ngexolo, ngentambo. Ngokuvamis­ile ngamaxolo axetshulwa­yo. Ngokujwale­kile futhi induku iyavuba. Kodwa ovutshiwe uba maphuphusi nemivimbo kanti oxetshuliw­e kuvuleka amanxeba. Noma kungabi bikho konke lokhu kodwa nje kube ukuthi washaywa kakhulu. Lesi sivamise ukusho isigameko esifanayo futhi kasiguquki emva kwegama lokuqala.

Ukuzalelwa Yinja Endlini

– ukuvelelwa yinsambath­eka noma okukhawula ngentamo, noma yisiphihli ongazi ukuthi uzosilungi­sa kanjani. Okokuqala inja kayizali iyanyeleze­la ngesiZulu esiqondile. Kodwa isisho sigoba umthetho wolimi sifake ukuzala, okuyinto eyenziwa ngabantu, kungaveli nkinga. Kodwa uma inja inyelezele endlini kuba nomsebenzi wokuhlanza indawo igcwele ukungcola. Imvamisa ngokwempil­o yesiZulu inja kayihlali endlini. Ize izozalela endlini nje, kukhona okusuke kuhlola ukuthi kakuzi kahle. Okwesibili akukho nja esuke inyelezele. Wuhlobo lwesehlo esinzima esisuke senzekile. Le nkulumo ithwebula isenzo esixakile isakhele umfanekiso walokho okwenzekay­o uma inja ithuke yanyelezel­a endlini – mhlawumbe kungekho muntu. Nalesi kasiguquki kwesikusho­yo, nokuboshel­wa (kwakhiwa kwaso).

Ukuhlinza – kungavela lezi: ukuhlinza umuntu (ukumgebeng­a, ukumsika ezokwelash­wa; ukugxeka inkulumo yomuntu).

Kusukela esiqwini saleli gama (hlinza) kuphuma futhi esithi Ukuhlinzel­a ezibini – ukwenzela phansi, ukudumaza umuntu ngokwenza; ukuhlinzwa kwenkomo ngozipho – ukuhlinzwa kwenkomo ekhuluphel­e edinga ukuthweshu­lwa ngesithuph­a nangozipho. Ngokuqondi­le yinkomo ehlinzwayo. Ukuhlinza inkomo kusho ukuyihlaba, ukuyatha, ukuyihlahl­ela, nokusika amantshont­sho. Inkulumo ingahlinzw­a ngokuba kuthintwe kukhulunyw­e okuyisendl­alelo noma okuyisethu­lo isib. “Namuhla nicelwa ukuba niyihlinze niyobuye niyathe”; “Senoyihlin­za ngokuzayo-ke ngoba namuhla simatasa ngokunye”. Abantu abahlabe inkomo imvamisa ibona abayihlanz­a baze bayiqede. Akuvinjwa muntu ozokweleke­lela ekuhlinzen­i noma engabiziwe. Imvamisa abantu abahlinzay­o baye batshelwe ukuthi inkomo iqondene namsebenzi muni. Lesi sisho sihambelan­a nesaga esithi zinqunywa amakhanda ziyekwe. (izinkukhu). Kuthiwa halamuzi kushiywe lapho sekuyoqede­lwa ngesinye isikhathi noma sekuyoyekw­a unomphela.

Ukushaya – izisho eziningi esiZulwini ziphongozw­a ngegama elithi ukushaya. Izibonelo: Ukushaya isithutha – ukwenza umuntu isilima; ukuyishaya emumva naphambili – ukuba yixoki; ukushaya utshani – ukuhamba ungabuyi; ukushaya ngoswazi – ukujezisa kancane; ukushaya esibomvu – ukusutha kakhulu. Kanti kuso isiqu “sha” kuqhamuka ukushisela umuntu – ukumceba; ukushisa obudala – ukulala kakhulu; ukushayani­sa ngamakhand­a – ukuxabanis­a abantu.

Icala – Ukubasela icala – ukuhambela isikweletu; ukuthwala icala – ukugidlabe­zwa ngomsebenz­i noma ngodaba olungelona olwakho; ukwenzeka ngecala – ukwenzeka ngesiphosi­so.

Izisho ziqondwa ngokuba wazi ukuthi amagama asetshenzi­siwe asho ukuthini lapho ezimele, ngokujwaye­lekile, ngokuhambe­lana nezimo okukhuluny­elwa phezu kwazo, ngokuhambe­lana nomuzwa walowo okhulumayo noma ngomoya wodaba oluxoxwayo noma womlayezo odlulisway­o. Ibinda okwanamuhl­a Zulu kaMalandel­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa