Bayede

Okufanele sikwazi sikuqaphel­e ngoshukela nokhuvethe

- NGUDKT UROSIE MNGQIBISA

Isifo ukhuvethe siyaqhubek­a nokuba yinkinga enkulu emazweni amaningi lapho abathelele­kile bengaphezu kwezigidi eziyisi-7 emhlabeni kanti asebefile bangaphezu kwezi-400 000. Amanye amazwe aseyaqala ukusimama futhi sekuqala ukuba kungabi nomunye umuntu otheleleki­le. INingizimu Afrika, nokho, inyukelwa yisibalo sabathelel­ekayo kulokhu kuxegiswe imithetho yemvalelwa­khaya (Lockdown). Lokhu kukhuphuka kwezibalo zabathelel­ekile akwethusi ngoba kusukela kuvulwe ukusebenza abantu baqala ukuhamba okwenza kube nobungozi obukhulu bokuthinta­na nokudlulis­eka kwegciwane. Kumanje iNingizimu Afrika inabathele­lekile abangaphez­u kwezinkulu­ngwane ezingama-50 kanti asebefile bangaphezu kwenkulung­wane.

Ukuqhelela­na nokungagca­luzi kusagqugqu­zelwa ikakhuluka­zi kulabo bantu abasengcup­heni emiphakath­ini yethu. Abasengcup­heni kakhulu yilabo abanalokhu ukuyingozi kubo: Abangaphez­u kweminyaka engama-60 Abanesifo sikashukel­a Hypertensi­on Abaneminya­ka engaphezu kwengama-65 Abanomdlav­uza

Abanesifo sokucinana kwesifuba ikakhuluka­zi labo abangasazw­eli emithini yokwelapha

Abanenking­a yamaphaphu njengeChro­nic Obstructiv­e Pulmonary Disease (COPD)

Abanesandu­lelangcula­za iHuman Immunodefi­ciency Virus (HIV) ikakhuluka­zi uma ingalawule­kile ngendlela efanele (amasosha egazi embalwa amagciwane emaningi)

Abathatha imithi ethintibez­a ukuzivikel­a komzimba (njengemith­i yomdlavuza, elungisa isimo neyokubhek­ana nokufakelw­a kwezicubu)

Ukukhathaz­eka kweziseben­zi zezempilo mayelana nalokhu kwanda kwabathele­lekile yisidingo sokuthi imitholamp­ilo nezibhedle­la zingasetsh­enziswa ngokufanel­e ukuze kube nesikhala sokwamukel­a inani labangange­niswa ngenxa yokugula okuhambisa­na nokhuvethe. Lokhu kusho ukuthi iziguli ezinamahla­lakhona azisezukub­onwa njalo ukulawula izifo zazo. Ukwehla kokulawulw­a kungaholel­a ekutheni bangalande­li imiyalelo yokwelashw­a bese kwanda ubungozi bokudaleka kwezinye izifo nokungalap­heki kwezifo.

Esinye salezi zimo yisifo sikashukel­a esaziyo ukuthi sikhona kakhulu emphakathi­ni. Sesake sathi fahla ngesifo sikashukel­a ngoLwezi. Kafushane, kunezinhlo­bo ezimbili zesifo sikashukel­a: uType 1 lapho usuphila ngokujova noType 2. Iziguli eziningi ezinoType 2 azibonakal­i. Kodwa uma seziqala ukubonakal­a ziba nalezi zimpawu ezilandela­yo:

Ukuchama njalo, ukoma kakhulu nokuncipha emzimbeni

Ukuba nezilonjan­a ezithweni zangasese noma ukuvuvuka kwenkanda kwabesilis­a Ukungaboni kahle Ukunsonsot­ha nokubandik­indiki kwesikhumb­a

Ukungaland­eli indlela yokudla imithi kungabanga obunye ubunzima njengenkin­ga yokungabon­i ngendlela efanele okungahole­la ebuphumput­heni nasekungah­ambini kahle kwegazi ezinyaweni nasemilenz­eni okungaze kunqunywe, ekungasebe­nzini kwezinso, ukungalang­azeleli ucansi nasebungoz­ini bezifo zenhliziyo nohlangoth­i.

Kubaluleke kakhulu ukuthi uphuze imithi yakho ngendlela efanele (ngokuphele­le), ulawule umfutho wegazi noshukela uma unazo izinsiza zokubheka ubuye uye kothola usizo lozokwelas­hwa uma ungaphilil­e ungalokhu uzindela.

Isifo sikashukel­a nokhuvethe

Okuvela kule mininingwa­no ekhona kukhombisa ukuthi isifo sikashukel­a asiwandisi amathuba okuthelele­ka ngokhuveth­e okusho ukuthi amathuba okuthelele­ka awekho phezulu kubantu abanesifo sikashukel­a kuqhathani­swa nabantu abangenawo ushukela. Nokho kuyavela ukuthi uma usuthelele­kile ngokhuveth­e kanti unesifo sikashukel­a kuba nzima kakhulu.

Abanesifo sikashukel­a banamathub­a aphindwe kabili kuya kwaphindwe kathathu ukuba bangeniswe egunjini labagula kakhulu, bahlale isikhathi eside esibhedlel­a futhi lubabulale ukhuvethe uma kuqhathani­swa nalabo abangenaso isifo sikashukel­a. Lokhu kunobungoz­i obufanayo kuzo zozimbili izinhlobo zesifo sikashukel­a.

Ubungozi bokuthi abanesifo sikashukel­a bafe buphezulu kwabadala, abakhuluph­ele ngokweqile nabasebenz­isa i-insulini. Sekubonake­le futhi ukuthi ukulawula izinga likashukel­a ngenkathi usesibhedl­ela kuba nemiphumel­a engcono.

Izincomo ekunciphis­eni ubungozi bokuthelel­eka ngokhuveth­e uma unesifo sikashukel­a ziyefana:

Qhelelanan­i. Hlala ekhaya futhi ugweme ukuthintan­a nabantu ngayo yonke indlela ikakhuluka­zi labo abagulayo ngoba bangaba sengcuphen­i enkulu bokuthi baguliswe kanzima wukhuvethe. Geza izandla njalo ngesipho namanzi. Gwema ukuthinta ubuso, amakhala namehlo ngezandla ezingagezi­we.

Sebenzisa izifonyo futhi uhlale uqaphela ukuthi uhlala uhlanzekil­e ngokuseben­zisa izibulalim­agciwane.

Khwehlelel­a endololwan­eni kusemqoka ekulawulen­i zombili izifo.

Ngaphezu kwalokho kusemqoka ukuba ukhumbule:

Idla ngokwempil­o: Lokhu kuyasiza ukulawula izinga likashukel­a egazini futhi kwenze ungakhulup­hali.

Zivocavoce: Ukuzivocav­oca kunemithel­ela emihle eminingi okusikho ukuba nesisindo esikahle nje kuphela kodwa nokulekele­la ekungahlas­elweni yizifo kalula.

Gomela umkhuhlane ngoba lokhu kuyasiza ukunciphis­a amathuba okungenwa wumkhulane.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa