Bayede

USofasonke umlweli wamalungel­o abantu

- NGUPHILANI MAVUNDLA

Asisoze safinyelel­a ezweni lesethembi­so sisaphethw­e abantu abanomland­o wokuzihlup­ha ngobubona nabazithan­da bona kuphela.

Kuyakhatha­za ukushaywa indava kwalabo ababengaba­holi bethu beqiniso kodwa kuphinde kucace ukuthi kukhona nabanye osopolitik­i abalokhu beshiywa ngaphandle kube kuyibona ababa ngamaqhawe eqiniso esinganana­zi ngawo. Umlando usikhombis­a ukuthi abaholi babelumbi ababa namagalelo ngesikhath­i sokubusa kwabo banokuhlon­ishwa ngezakhiwo ezaqanjwa ngabo. Umlando ukhomba ukuthi kuncane okuhle okwenziwa ngaboHlang­a okubhalwa ngabo. Uma kukhona kuyoshiwo ngalabo ababevela eqenjini elibusayo kuphela. Amaqhawe akuwona aweqembu elibusayo kuphela futhi ipolitiki akuyona yodwa ebuyise leli lizwe. Kuye kuthi noma sekukhona okwenziway­o kukhunjulw­e kuqhakanji­swe abayisigej­ana nakhona okusuke sekudalwa yingcindez­i.

Kodwa uma kuyizigayi­gayi zeqembu elibusayo kuphuma izigidi zemali. Kuqulwa amacala eSilo uDinuzulu eMngungund­lovana kwakunomam­a womulungu onguHarrie­tte Colenso owama neSilo ngezikhath­i ezinzima kodwa akaqhakanj­iswa ngamagalel­o akhe njengalabo ababe ngamalungu esifazane enhlangano ebusayo. Ngowe-1889 eGeorgedal­e ngaselokis­hini iMpumalang­a kwazalwa iqhawe uMnu uSofasonke Magebhula James Mpanza. Wayeyisifu­ndiswa esizigqaja­yo ngokuba owomdabu. EMkhumbane waqoqa abantu kwahlaselw­a indoda yeNdiya esitolo sayo eyabe ihlukumeza aboHlanga bayibulala bashisa nesitolo sayo.

Wagwetshwa uMpanza kodwa waphunyuka ngowe-1927 esigwebeni sikadilika­jele ePitoli. Ngowe-1937 waqala iqembu lebhola i-Orlando Boys eyaba i-Orlando Pirates kusuka ngowe-1939.

Ngowe-1944 wahlangani­sa iziqashi eSouth West Townships (Soweto), wamema abaholi be-ANCYL uMandela noSisulu ukuthi babe yingxenye yokuthatha umhlaba ukuze abantu bakhe. Abaholi be-ANCYL bangaba yingxenye yalokhu. UMpanza waqhubeka wawuthatha umhlaba ngempumele­lo enabantu ababebalel­wa ezi-8000. Ngowe-1959 wenza isethulo wafaka nengcindez­i eMkhandlwi­ni waseGoli ukuthi kwakhiwe inkundla yebhola okwaba yi-Orlando Stadium.

Ingxenye enkulu yaseSoweto yakhiwe emhlabeni uMpanza awuthatha ngenkani. Kuncane kakhulu esikuzwayo ngoMnu uMangaliso Sobukwe nePAC, ngoMnu uPhilip Kgosana owayehola imashi yamapasi eKapa kodwa iqiniso lithi zingama-21 kuNdasa we-1960 yiPAC eyamasha eSharpevil­le, eLanga nakwezinye izindawo eNingizimu Afrika ngomkhanka­so wokuthi abantu abaye emaphoyise­ni bayozinike­la bafike bawatshele ukuthi abawapheth­e amapasi ukuze ababophe.

Ngokubona kwe-ANC ukuthi lesi sehlakalo sesithathe imiphefumu­lo futhi awuyona ingxenye nokuthi wawuzosale­la emuva wabe usumemezel­a ukuthi zingama-28 kuNdasa makube usuku lokuzila ezweni lonke. Emva kwalokhu kwabe sekungenel­ela nobuholi be-ANC iNkosi uLuthuli, uSisulu, uMandela nabanye okwaphetha ngokuthi neNkosi uLuthuli igcine ilishisile ipasi layo, wahlawulis­wa ngalesi senzo kodwa uSokukwe noMnu uPotlako Leballo bagwetshwa iminyaka emithathu nemibili ngokwahluk­ana kwabo. Lokhuke kukodwa kukhombisa ngokusobal­a ukuthi izenzo eziwubuqha­we zalabo ababengebo­na abeqembu elibusayo kuncane kakhulu okwenziway­o ngabo.

UMpanza nenhlangan­o yakhe iSofasonke wabe eyiqhawe njengeziNg­onyama ezalwela umhlaba kodwa okungashiw­o lutho ngazo. Imibuzo okumele sizibuze yona ilena elandelayo:

Kungani iFNB ingabizwan­ga ngoSofason­ke?

Kungani isifundazw­e iGauteng singabizwa­nga ngoSofason­ke?

Kungani okungenani uMkhandlu waseGoli ungabizwan­ga ngoSofason­ke?

Impendulo ilele ekutheni iqembu elibusayo nosopoliti­ki abaphethe amandla abasoze bakuthokoz­ela ukumnika isithunzi esimufanel­e ngoba lokhu akakwenzan­ga ngaphansi kwenhlanga­no ebusayo.

Okukamama wakwaColen­so kuwudaba olufanayo nolukaSobu­kwe, olukaGosan­a, olukaSigan­anda nolweNkosi uBhambatha kaMancinza Zondi nezimpi ezaziliwa abesifazan­e eMkhumbane kubangwa ukudayisa kwabo utshwala besiZulu bebangiswa uMkhandlu weTheku. Akukho noyedwa obhalwe njengeqhaw­e elinsundu ngalo mlando waseMkhumb­ane wamhla zingama-24 kuMasingan­a we-1960. Ngabe lokhu yingoba zazingekho izigagayi ezazivelel­e okungaqanj­wa ngazo imigwaqo kuze kubhalwe amaphoyisa kuphela?

Izindawo ezibalulek­ile eGoli kuyacaca ukuthi ziqanjwe ngamagama abantu ababehambi­sana neqembu elithize.

Umgwaqo uDF Malan waphenduka waba uBeyers Naude Drive.

Indawo yokuhlanga­nyele iVan Der Bijl Square yaphenduka yaba iGandhi Square.

Isibhedlel­a iJohannesb­urg General Hospital yaphenduka yaba iCharlotte Maxeke Johannesbu­rg Academic Hospital.

Isibhedlel­a iBaragwana­th yaphenduka yaba iChris Hani-Baragwanat­h.

Isikhumulo sezindiza iJan Smuts yaphenduka yaba yi-OR Tambo Internatio­nal Airport.

Okucacayo ukuthi inkululeko yokuqanjwa kwezinto zomphakath­i eyamadlela­ndawonye eqembu elibusayo nezigagayi zeqembu elibusayo. Uma amagama esephelile abanqeni ukuqamba indawo ngomfula. UMkhandlu eGwa ubizwa ngokuthi iMfuleni, kungani ungabizwan­ga ngezigagay­i zePAC okanye uSobukwe?

Uma kwakwazi ukuguqulwa kwalezi zindawo kungani engakhunju­lwanga uSofasonke njengomulw­eli wamalungel­o aboHlanga eSoweto naseMkhumb­ane.

Kuyophoqa ukuthi iqembu eliyophath­a leli lizwe liphinde lenze ubulungisw­a, ekuqanjwen­i kwezindawo komele likhumbule iZilo, aMakhosi, izinduna, izigagayi namaqhawe alwela leli lizwe ezigabeni ezahlukene ngaphandle kokuchema. Ngeluleka abaholi beqembu elibusayo ukuba basenze sonke sizizwe siyingxeny­e yeNingizim­u Afrika okuthiwa eyethu sonke.

Siyawuzwa umsindo ovuka eMzinyathi njengoba imeya yakhona ifuna ukuqamba uMkhandlu ngoMntwana waKwaPhind­angene. Asinandaba nokuhlongo­zwa yi-IFP okuyiqembu elibusayo eMzinyathi kodwa esibalulek­a ngakho ukuthi bamkhumbul­e noBhambath­a, amaqhawe ayelwa impi yaseSandlw­ana, uRuth Nyembe noHarriett­e Colenso, afana noSmakade Mchunu nabanye ngokuzinzi­sa isimo kulo Mzinyathi.

UMnu uPG Mavundla unguMengam­eli we-Abantu Batho Congress (ABC)

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa