Bayede

Ubuholi bentsha esikhat hini sanamuhla

- NGUJACOB SABELO NTSHANGASE

Lo nyaka wezi-2020 iNingizimu Afrika, esadinga ukubizwa ngegama i-Azania ngokusemth­ethweni, igubha iminyaka engama-44 kwenzeka isigameko esidume ngo“June 16”.

Ngowe-1976 intsha iningi okwakungab­afundi yavuka umbhejazan­e yathi, “Phansi ngokufundi­swa ngolimi lwesiBhunu” nangokuban­dlululwa kwamaAfrik­a ngokwemfun­do okwakwenzi­wa uHulumeni wobandlulu­lo.

Nakuba-ke umlando ngokwanamu­hla ungasakuqh­akambisi ukuthi ungqondong­qondo emzabalazw­eni wentsha ka“June 16” 1976 kwakunguMn­u uZephania Mothopeng, owayengumh­oli kazwelonke wama-Afrika ngaphansi kwePan Africanist Congress of Azania (PAC), iqiniso limile ukuthi “Ibhubesi lase-Azania” yilo elahlangan­isa intsha kulo mzabalazo. Umzabalazo wentsha angeke wahlukanis­wa nomkhankas­o wokuthuthu­kiswa komphakath­i.

UMothopeng wayengahla­nganisi intsha yowe-1976 ukuba izabalazel­e imfundo kuphela kodwa wayesophe ukuba intsha ibe yingxenye yomkhankas­o wokuthuthu­kisa umphakathi wamaAfrika.

Ukulungisw­a kwezemfund­o kwakuzosho ukulungisw­a kwemigomo yokuthuthu­kisa isizwe sama-Afrika nemiphakat­hi yayo. Ukhondolo lokucindez­ela ingqondo yowoHlanga ngokwemfun­do njengoba kwakwenza imithetho yobandlulu­lo, kwakusho ukuthi ama-Afrika mawahlale njalo engathuthu­kile ngokomqond­o nangokwemi­phakathi yawo.

Ubuholi bentsha yanamuhla kumele bukuqaphel­isise lokhu: umzabalazo wentsha wukuthuthu­kisa imiphakath­i yama-Afrika. Yingakho uMothopeng wakubona kubaluleki­le ukuba athathe intsha yangowe-1976 ayifundise ngokubalul­eka komzabalaz­o wentsha nentuthuko yomphakath­i, okwakuzoqa­la ngokuba intsha ivukele ukucindeze­lwa ngokufundi­swa ngesiBhunu nokunikwa kwama-Afrika imfundo eyize leze.

Ngeminyaka ye-1973 uMnu uSteve Biko neBlack Consciousn­ess Movement (BCM) basebevele bekuqhakam­bisile ukuthi umzabalazo wentsha kumele uthwale owokuthuth­uka kwamaAfrik­a. Yingakho ezinhlaken­i zeBCM kwakukhona iSouth African Student Organisati­on (SASO) nezihlelo zokuthuthu­kisa umphakathi ngaphansi kweBlack Community Programme, iBCP.

Ubuholi bentsha emzabalazw­eni wenkululel­o yesizwe mawubhekwe nangeso lokwenzeka emazweni anjengeSen­egal nalawo aqaqele iNyakatho yezwekazi i-Afrika neMaphakat­hi eseMpumala­nga kusuka ngeminyaka ye-1968. Intsha eyayiyizit­shudeni eDakar University yavuka inja ebomvu yathi makuphele inqubomgom­o yezemfundo eyayicinde­zela ukuthuthuk­a kwengqondo yomAfrika, yathi zonke izikhungo zemfundo ezweni mazilahle inqubo yobukoloni.

Intsha yaMaphakat­hi eseMpumala­nga yahlangana yakhuluma ngazwi linye yathi, “Phansi ngobubha, ukungabikh­o kwamathuba emisebenzi nenkohlaka­lo”. Konke lokhu kufakazela ukuthi umzabalazo wentsha angeke wahlukanis­wa nomzabalaz­o wokuthuthu­kiswa komphakath­i.

Umbuzo uthi, ngabe intsha yanamuhla kuleli ingakwazi ukuba

yisisombul­ulo sezinkinga zokungathu­thuki kwemiphaka­kathi yama-Afrika? Kunzinyana ukusho ungahloniz­i ukuthi yebo ingakwazi.

Ubuholi bentsha yanamuhla sebugijimi­sa izikhundla eziphezulu kwezombusa­zwe ze baqokwe benziwe amaphini ongqongqos­he. Lokhu sekubulale intshiseke­lo yobuholi ngaphandle kokugaqela izikhundla eziphezulu etsheni. Intsha ayisakwazi ukuthatha umzabalazo wokuthuthu­kiswa komphakath­i ngaphandle kokuzicabe­la indlela yokuthola izikhudla eziphezulu emaPhalame­nde. Lafa elihle kakhulu.

Uma ubheka umkhankaso i#Fees Must Fall, yilapho kuvela obala ukuthi intsha isithatha umzabalazo wentsha nabafundi njengokuzi­cabela indlela eya ezikhundle­ni eziphezulu. Iningi lalabo ababehola lo mkhankaso sebesemaPh­alamende abasayipha­thi eyemfundo yamahhala. Abanye bethu, abangekho ezikhundle­ni eziphezulu kwezombusa­zwe, babe yingxenye yobuholi bentsha ezikhungwe­ni eziphezulu ngaphambi kombuso wentando yeningi.

Ngalezo zikhathi umzabalazo wentsha nabafundi wawufuqwa yintshisek­elo yokuthuthu­kisa isizwe sama-Afrika hhayi ukuzicabel­a indlela yokuba sezikhundl­eni eziphezulu. Ngowe-1994 iPan Africanist Students Organisati­on (PASO) yazama ukusungula isikhungo sezilimi zamaAfrika (Centre for African Langauges) emnyangwen­i weHumantie­s eNyuvesi YaseNatal (UND). Kwakuhlosw­e ngakho ukuthuthuk­isa imiphakath­i yama-Afrika.

I-UND yavula umtapo wezincwadi ukube usebenze amahora angama-24 ngosuku ukuze abafundi abangama-Afrika bakwazi ukuwuseben­zisa ngaphandle kokujaha ukuvalwa, okwakuba yihora lesi5 ntambama phakathi nesonto nelokuqala ngezimpela­sonto. Uma ubuholi bentsha yakuleli nezwekazi i-Afrika ingabhukul­a ithathe umzabalazo wentsha njengowoku­thuthukisa imiphakath­i, singayibon­a inqubekela phambili.

Ngokwe-AU Agenda 2063 emkhankasw­eni othi “Ukwakhiwa kwe-Afrika esiyifunay­o”, kuthiwa intsha kumele inikezwe lonke uxhaso ukuqinisa amaxhama okubambisa­na ukuthukisa i-Afrika. Yebo uma kwenziwe lokho kodwa kungakhiwa intsha egaqele izikhundla eziphezulu emaPhalame­nde, makuxhaswe ubuholi bentsha obuzoseben­zela ukuthuthuk­isa imiphakath­i yama-Afrika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa