Ubuholi bentsha esikhat hini sanamuhla
Lo nyaka wezi-2020 iNingizimu Afrika, esadinga ukubizwa ngegama i-Azania ngokusemthethweni, igubha iminyaka engama-44 kwenzeka isigameko esidume ngo“June 16”.
Ngowe-1976 intsha iningi okwakungabafundi yavuka umbhejazane yathi, “Phansi ngokufundiswa ngolimi lwesiBhunu” nangokubandlululwa kwamaAfrika ngokwemfundo okwakwenziwa uHulumeni wobandlululo.
Nakuba-ke umlando ngokwanamuhla ungasakuqhakambisi ukuthi ungqondongqondo emzabalazweni wentsha ka“June 16” 1976 kwakunguMnu uZephania Mothopeng, owayengumholi kazwelonke wama-Afrika ngaphansi kwePan Africanist Congress of Azania (PAC), iqiniso limile ukuthi “Ibhubesi lase-Azania” yilo elahlanganisa intsha kulo mzabalazo. Umzabalazo wentsha angeke wahlukaniswa nomkhankaso wokuthuthukiswa komphakathi.
UMothopeng wayengahlanganisi intsha yowe-1976 ukuba izabalazele imfundo kuphela kodwa wayesophe ukuba intsha ibe yingxenye yomkhankaso wokuthuthukisa umphakathi wamaAfrika.
Ukulungiswa kwezemfundo kwakuzosho ukulungiswa kwemigomo yokuthuthukisa isizwe sama-Afrika nemiphakathi yayo. Ukhondolo lokucindezela ingqondo yowoHlanga ngokwemfundo njengoba kwakwenza imithetho yobandlululo, kwakusho ukuthi ama-Afrika mawahlale njalo engathuthukile ngokomqondo nangokwemiphakathi yawo.
Ubuholi bentsha yanamuhla kumele bukuqaphelisise lokhu: umzabalazo wentsha wukuthuthukisa imiphakathi yama-Afrika. Yingakho uMothopeng wakubona kubalulekile ukuba athathe intsha yangowe-1976 ayifundise ngokubaluleka komzabalazo wentsha nentuthuko yomphakathi, okwakuzoqala ngokuba intsha ivukele ukucindezelwa ngokufundiswa ngesiBhunu nokunikwa kwama-Afrika imfundo eyize leze.
Ngeminyaka ye-1973 uMnu uSteve Biko neBlack Consciousness Movement (BCM) basebevele bekuqhakambisile ukuthi umzabalazo wentsha kumele uthwale owokuthuthuka kwamaAfrika. Yingakho ezinhlakeni zeBCM kwakukhona iSouth African Student Organisation (SASO) nezihlelo zokuthuthukisa umphakathi ngaphansi kweBlack Community Programme, iBCP.
Ubuholi bentsha emzabalazweni wenkululelo yesizwe mawubhekwe nangeso lokwenzeka emazweni anjengeSenegal nalawo aqaqele iNyakatho yezwekazi i-Afrika neMaphakathi eseMpumalanga kusuka ngeminyaka ye-1968. Intsha eyayiyizitshudeni eDakar University yavuka inja ebomvu yathi makuphele inqubomgomo yezemfundo eyayicindezela ukuthuthuka kwengqondo yomAfrika, yathi zonke izikhungo zemfundo ezweni mazilahle inqubo yobukoloni.
Intsha yaMaphakathi eseMpumalanga yahlangana yakhuluma ngazwi linye yathi, “Phansi ngobubha, ukungabikho kwamathuba emisebenzi nenkohlakalo”. Konke lokhu kufakazela ukuthi umzabalazo wentsha angeke wahlukaniswa nomzabalazo wokuthuthukiswa komphakathi.
Umbuzo uthi, ngabe intsha yanamuhla kuleli ingakwazi ukuba
yisisombululo sezinkinga zokungathuthuki kwemiphakakathi yama-Afrika? Kunzinyana ukusho ungahlonizi ukuthi yebo ingakwazi.
Ubuholi bentsha yanamuhla sebugijimisa izikhundla eziphezulu kwezombusazwe ze baqokwe benziwe amaphini ongqongqoshe. Lokhu sekubulale intshisekelo yobuholi ngaphandle kokugaqela izikhundla eziphezulu etsheni. Intsha ayisakwazi ukuthatha umzabalazo wokuthuthukiswa komphakathi ngaphandle kokuzicabela indlela yokuthola izikhudla eziphezulu emaPhalamende. Lafa elihle kakhulu.
Uma ubheka umkhankaso i#Fees Must Fall, yilapho kuvela obala ukuthi intsha isithatha umzabalazo wentsha nabafundi njengokuzicabela indlela eya ezikhundleni eziphezulu. Iningi lalabo ababehola lo mkhankaso sebesemaPhalamende abasayiphathi eyemfundo yamahhala. Abanye bethu, abangekho ezikhundleni eziphezulu kwezombusazwe, babe yingxenye yobuholi bentsha ezikhungweni eziphezulu ngaphambi kombuso wentando yeningi.
Ngalezo zikhathi umzabalazo wentsha nabafundi wawufuqwa yintshisekelo yokuthuthukisa isizwe sama-Afrika hhayi ukuzicabela indlela yokuba sezikhundleni eziphezulu. Ngowe-1994 iPan Africanist Students Organisation (PASO) yazama ukusungula isikhungo sezilimi zamaAfrika (Centre for African Langauges) emnyangweni weHumanties eNyuvesi YaseNatal (UND). Kwakuhloswe ngakho ukuthuthukisa imiphakathi yama-Afrika.
I-UND yavula umtapo wezincwadi ukube usebenze amahora angama-24 ngosuku ukuze abafundi abangama-Afrika bakwazi ukuwusebenzisa ngaphandle kokujaha ukuvalwa, okwakuba yihora lesi5 ntambama phakathi nesonto nelokuqala ngezimpelasonto. Uma ubuholi bentsha yakuleli nezwekazi i-Afrika ingabhukula ithathe umzabalazo wentsha njengowokuthuthukisa imiphakathi, singayibona inqubekela phambili.
Ngokwe-AU Agenda 2063 emkhankasweni othi “Ukwakhiwa kwe-Afrika esiyifunayo”, kuthiwa intsha kumele inikezwe lonke uxhaso ukuqinisa amaxhama okubambisana ukuthukisa i-Afrika. Yebo uma kwenziwe lokho kodwa kungakhiwa intsha egaqele izikhundla eziphezulu emaPhalamende, makuxhaswe ubuholi bentsha obuzosebenzela ukuthuthukisa imiphakathi yama-Afrika.