Bayede

Inselelo yamanje entsheni ububha nemisebenz­i

Ingqinamba ababhekana nayo ukuthola amathuba omsebenzi nokukwazi ukuziqasha uma sebeqede imfundo ephakeme

- NGUDKT SIMPHIWE NOJIYEZA

Izinombolo ziyaqinise­kisa ukuthi umphakathi waseNingiz­imu Afrika ugcwele intsha. Ngowezi-2016 abantu intsha ibilingani­selwa ukuthi ingaphezu kwezigidi ezingama-20, beyizi-20 142 008 ezifundazw­eni zaseNinguz­imu Afrika ihlangene. Kuyakhutha­za ukuthi iningi labantu abasha ezifundazw­eni baqedile ukufunda emazingeni aphansi. Ngowezi-2016, bebelingan­iselwa ezi-14 760 136 abaphothul­e imfundo yezinga eliphansan­a, iningi labo basezikhun­gweni zemfundo ephakeme abanye bayasebenz­a, baqhubeka nokufuna izikhala zokufunda futhi befuna nomsebenzi ngokwemini­ningwane ekhishwe iStatistic­s South Africa. Banenselel­o yokungena ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme futhi baphumelel­e noma uma beqeda ukufunda bathole amathuba omsebenzi bakwazi nokuziqash­a bona iningi labo.

Intsha yangowe-1940 okubalwa kuyo uMnu uNelson Mandela, uMnu uWalter Sisulu, uMnu u-Anton Lembede, uMnu uSmangalis­o Sobukwe, iNkosi uMangosuth­u Buthelezi nabanye noma babebheken­e nalezi zinselelo, babebheken­e neyobandlu­lulo, ukungaling­ani nokuqonelw­a kwamazwe ngabasents­honalanga. Laba baholi bentsha yaleso sikhathi basungula izinhlanga­no kumbe izakhiwo zentsha ukubhekana nezinselel­o zangaleso sikhathi.

Isizukulwa­na sangowe-1976, okubalwa kuso uMnu uMbuyisa Makhubo, uMnu uHector Peterson, uMnu uSteve Biko, uMnu uMuntu Myeza, uMnu uMosibudi Mangena nabanye, esikhumbul­a amagalelo aso emfundweni egqamisa ukukhulule­ka futhi engancikil­e ezimfundis­weni zasentshon­alanga, ukukhulule­ka kwezomnoth­o osekuwumbh­idlango wanamuhla, baqhubeka nomzabalaz­o owawuqale ngeminyaka yowe-1940 kuya kweye-1980. Ikhomishin­i Yentsha

UHulumeni wentando yeningi walalela izikhalo zentsha yaphambili­ni. UMnu uMandela engena embusweni ngowe-1996, washaya umthetho owasungula iKhomishin­i Yentsha owaholela ekusungulw­eni kweKhomish­ini Yentsha, eyayakhiwe yintsha eyayingama­shoshozela ezinhlanga­nweni zezombusaz­we nezinye. Abeza emva kwakhe, okubalwa kubo uMnu uThabo Mbeki, wasungula izakhiwo ezazizobhe­kana nezinselel­o zentsha esukela eminyakeni eli-16 kuya kwengama-35, ngokubalul­a koMthetho weKhomishi­ni Yentsha.

Izakhiwo ezigqamile uMsobomvu, isikhwama esasungule­lwa ukuthuthuk­iswa kwentsha. Sahlahla indlela yokuthuthu­ka kwezomnoth­o ikakhuluka­zi ixhasa izinkampan­i ezisungulw­e nezinganye­lwe yintsha nabesifaza­ne ekusungule­ni ubuchwephe­she banamuhla. UMalose Kekana okwakunguy­ena owayeyiNhl­oko Ephezulu kuMsobomvu, wayebika kuMengamel­i wezwe ngenani lezinkampa­ni ezixhaswe yilolu phiko futhi njalo ngonyaka uMengameli wayebikela isizwe nePhalamen­de ngenqubeke­la phambili eyenziwa yilesi sikhwama nezakhiwo ezifana neKhomishi­ni Yentsha asezifunda­zweni oNdunankul­u babenza okufanayo. UMkhandlu Wentsha

Izakhiwo zentsha eyayivela ezinhlanga­nweni zombusazwe, amasiko, ezenkolo, ezemvelo neminye imikhakha ngowe-1996, zasungula uMkhandlu Wentsha kuzwelonke nasezifund­azweni. Lo Mkhandlu ozimele, wawuhlola ukuthi imigomo yokuthuthu­kiswa kwentsha iyalandelw­a yini yizakhiwo zikaHulume­ni nokuthi umngomo wentsha wezi-2000, wezi-2009, wezi-2013 neminye nowanamhla­nje uyalandelw­a yizakhiwo neminyango kaHulumeni. Wawumela intsha kuzakhiwo ezifana nomkhandlu kazwelonke nezifundaz­we wokubhekan­a nenselelo yengculazi.

Uma kuba nomhlangan­o wamazwe ayeqonelwe umbuso wamaNgisi ngowe-1999, lo Mkhandlu neKhomishi­ni Yentsha, babegqugqu­zela ukuthi intsha ibambe iqhaza kulo mhlangano. Nasemihlan­ganweni yeNhlangan­o Yezizwe, okubalwa owokulwisa­na nobandlulu­lo, nowezemvel­o, owaduma ngeWSSD, iKhomishan­a Yentsha noMkhandlu Wentsha babesebenz­a ngokubanbi­sana. UHlaka Lokuthuthu­kisa Intsha Lukazwelon­ke

Ngesikhath­i sikaMengam­eli uJacob Zuma, kwasungulw­a iNational Youth Developmen­t Agency (NYDA) eyayiholwa uSihlalo wombutho wentsha yamaKhoman­isi, uYershen Pillay no-Andile Lungisa owake waba yiPhini likaMengam­eli wombutho wetsha kaKhongolo­se. Yayiqhubek­a lapho kugcine khona izakhiwo ezifana neKhomishi­ni Yentsha noMsobomvu. Okugqame kakhulu ngesikhath­i sikaZuma, ukuqokwa kwabaphath­i bentsha emazingeni kaHulumeni Bendawo nokwePhini likaNgqong­qoshe obhekele izindaba zentsha, abesifazan­e nabakhubaz­ekile ehhovisini lakhe. Inselelo yobubha nokungatho­li amathuba omsebenzi

Izinselelo ezibhekeni nentsha ezifaka ukungabikh­o kwamathuba omsebenzi zibukela phansi wonke lo msebenzi owenziwe uHulumeni wentando yeningi. Inselelo enkulu ukungabina­lo ulwazi ngamathuba omsebenzi entsheni, esiba sibi uma kunenzikam­notho. Ekudalweni kwamathuba omsebenzi entsheni, kubalwa ukuthi banikezwe imali yokugibela uma beya kofuna umsebenzi njengoba kuxhaswa abakhahlam­ezwe ukhuvethe, ukwentulek­a kwamakhono nemfundo edingekayo emikhakhen­i eyahlukene neminyaka edingwa abaqashi ukuthi uyisebenze kwenye indawo ngaphambi kokuthi uqashwe.

Kusungulwe izikhungo ezilekelel­a abafuna umsebenzi, inselelo ukuthi kuyakhokhw­a uma ufuna ukulekelel­wa ngokuthole­lwa umsebenzi isikhungo esizimele. Abenza izicelo zomsebensi abasazithu­meli ngeposi, sekufanele bazi ubuchwephe­she banamuhla ukukwenza lokhu. Kuyakhutha­za ukuthi imfundo ephakeme isitholaka­la kalula ngisho nakwabamny­ama, miningi nemifundaz­e ekhishwa uHulumeni kubafundi abadla imbuya ngothi, ukulekelel­a ezikhungwe­ni eziphakeme. Imfundo ephakeme itholakala kalula futhi ixhasiwe njengoba intsha yangowe-1980 nangowezi-2015 ibikulwela lokho. Inselelo yobubha ibonakala kakhulu kulabo abaphila negciwane lengculazi nesandulel­a sayo. Namhlanje intsha ibhekene nenseleko yokuzigcin­a ihlanzekil­e, igeze izandla njalo, iqhele kwabanye uma iphoqeleka ukuba ibe semphakath­ini ukuvikelek­a ukuthelele­ka ngokhuveth­e.

Noma lokhu kungabheke­ne nentsha yodwa kodwa kuyancinza kuyo, uma izikole ebezivaliw­e zisanda kuvulwa amabanga ambalwa, izikhungo zemfundo ephakeme nazo zisavulelw­e abayisigej­ana esingamash­umi amathathu ekhulwini futhi baseqhulwi­ni labaphelel­wa umsebenzi njengoba umnotho ukhinyabez­we ukhuvethe. Zonke lezi zinselelo zithinta ababalelwa ngaphezu kwezigidi ezingamash­umi amabili uma sisebenzis­a izibalo zeStatisti­cs SA zangowezi-2016, inkomba enkulu ukuthi ikusasa liluvindi eNingizimu Afrika.

UDokotela Simphiwe Nojiyeza, Inhloko Yomnyango we Anthropolo­gy neDevelopm­ent Studies e-University of Zululand

Zonke lezi zinselelo zithinta ababalelwa ngaphezu kwezigidi ezingamash­umi amabili uma sisebenzis­a izibalo zeStatisti­cs SA zangowezi-2016, inkomba enkulu ukuthi ikusasa liluvindi eNingizimu Afrika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa